zulu.2087.muthi
ezemithi yesintu
UDABA olubucayi lokunikela ngezitho zomzimba nokwesabela ukucabangela ukuthi luseyinkinga emiphakathini yethu, yinto esanda kubhungwa engqungqutheleni eyayibanjelwe e-University Of South Africa. Ziningi izindlela ezadingidwa, kubandakanya nesidingo esikhulu esikhona salabo abanikela ngezitho zomzimba kanjalo nemibono yamaSulumane, amaJuda namaKhrestu.
Ngangingomunye wezikhulumi, kungakho ngithanda ukuba ngicobelelane nani izinto engazitshela ababekhona lapho.
Uma umuntu edingida indaba yokunikelelana ngezitho zomzimba emphakathini wethu onsundu, kuningi okubandakanya izinkolelo zamasiko esintu okufanele kubhekwe ngaphandle kokubhekela inkolo, imfundo ngisho ngabe umuntu uhlala emaphandleni noma ezindaweni zasemadolobheni.
Ukunikela ngezitho zomzimba yinto entsha emphakathini wabansundu bakuleli kanti abaningi bakholwa wukuthi yindlela engavumelekile yokuvuselela impilo.
Kukhona abantu abafuna ukugcwatshwa bephelele nezitho zabo zonke zomzimba.
Ngolimi lwesiNgisi kuvumelekile ukuthi umuntu ufile - kodwa ngesiZulu nangezilimi zesiNguni igama elithi "ufile" linencazelo ehlukile.
Sikholwa wukuthi yisilwane esifayo hhayi umuntu. Esikhundleni salokho, thina sithi 'ushonile'.
Lokhu sikusho kubantu asebesishiyile ngoba sikholwa wukuthi balele. Amathuna ethu ayindawo engcwele lapho sixhumana khona namadlozi ethu okuyiwo aselusayo.
Lokhu kuchazani uma sekuziwa ngasekuthatheni isinqumo sokunikela ngezitho zomzimba"
Lokhu kungenxa yokwesabela ukuthi uma sedlula emhlabeni kukhona isitho noma izitho zomzimba esezingekho emizimbeni yethu, ngeke samukelwe ngamadlozi ethu.
Lokhu ekugcineni, kungadalela umndeni walowo muntu izinkinga, okuyiwo ozobhekana nolaka lwamadlozi.
Kwenzekani lapho umuntu ebulewe ngenxa yokucwiya izitho zomzimba ngezinhloso zokuthakatha - ngabe amadlozi azomamukela umuntu onjalo"
Impendulo wu-yebo. Kodwa laba bantu bajoyina ithimba lamadlozi aziwa ngokuthi abandawu, abanamandla okuziphindiselela.
Ngamanye amazwi abandawu ngamadlozi "anolaka" abandakanya abantu abasuke befe ngezingozi noma ezimweni ezibuhlungu njengasezingozini zemigwaqo nokunye ukufa okunesihluku.
Lokhu kubandakanya abantu abangazange bangcwatshwe ngesizotha ngenxa yokuthi imizimba yabo ayizange itholwe abemindeni yabo.
Akukho okwalokhu okuchaza ukuthi imiphakathi yethu ensundu kufanele ingahambisani nokunikela ngezitho zomzimba - ukuze kuhlengwe izimpilo.
Ezinye izinqubo zamasiko ezifana nokuphahla amadlozi zingenziwa ngenhloso yokwazisa amadlozi ukuthi izicubu ezithile zomzimba zakhishwa kumuntu owashona. Lawa masiko angenziwa abantu abafuna ukunikela ngezitho zabo zomzimba.
Ukuphahla kungasiza umuntu onikelayo nalowo ozonikelelwa ukuba basheshe balulame.
Ngakhoke uma ukunikelelwa ngezitho zomzimba kuzokuba yinto ezokhuthazwa emphakathini wakithi onsundu, kufanele kube khona ukuzwana okuhle phakathi kwabelaphi basentshonalanga kanjalo nabelapha ngokwesintu basebenzisane ngokubambisana.
Nalabo futhi asebenikele ngezitho zabo zomzimba ngenhloso yokuhlenga izimpilo zezihlobo zabo zegazi - izingane, odadewabo, abafowabo nabazali, bangasicobelela ngolwazi lwabo, ngaleyo ndlela bakhuthaze ukunikela ngezitho zomzimba.
Ngaphezu kwakho konke, nakuba kudingeka ukuba kuqinisekiswe imindeni ngemizimba yabo ukuthi ngeke icwiywe ngendlela yokuthi igcine ingasabonakali uma lokhu kwenziwa emva kokufa kwaloyo muntu.[z]
Kungani kuphephile ukunikela ngezitho zomzimba
98 BONA ZULU - November 2007
nguFORCE KHASHANE
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: muthi@caxton.co.za
