zulu.2084.child safety
Ukuphepha komntwana
Izingane
zaseS Africa, zise-
ngcupheni engangoku-
phindwe
kabili ukuba
zife ezingo-
zini kunazo
zonke
izindawo
emhlabeni -
ukwazi
ngalezi
zingozi,
kungayivi-
kela ingane
yakho
SIBULALA izingane ezingaphezu kwezingu-1 000 eSouth Africa ngonyaka ngenxa yephutha. AbeRed Cross War Memorial Children's Hospital eCape Town, ukwenza isibonelo, belapha izingane ezingaphezu kuka-10 000 ngonyaka ngenxa yokwethuka - lesi yisibhedlela esisodwa edolobheni elilodwa.
Nsuku zonke izingane zethu zilengela engozini yokufa emigwaqweni kanjalo nasemakhaya nokuyinto esingaphezu kwezigigaba ezenzeka ezindaweni ezifana nezaseVietnam, China naseKorea, ngokwabeWorld Health Organisation. Okwamanje azikabikho izibalo emazweni angomakhelwane.
Lezi zibalo ziyakhombisa futhi ngokusho kukaphrofesa Sebastian Van As, ongumqondisi wabeChild Accident Prevention Foundation of SA (CAPFSA), ukuthi lapha eSA izingane eziningi zisemathubeni cishe alishumi okuba zilimale kunengane eyodwa eGermany nokuyizwe elinakekela izingane. Kodwa futhi ukholwa wukuthi kusekuningi okungenziwa ukwenza ngcono lesi simo.
Kunini lapho izingane zethu zifa khona"
Eyodwa ingane kwezintathu ezifa ngengozi zisuke zisemgwaqweni.
"Emalokishini ngokuvamile azikho izindawo ezakhelwe ukudlala kwezingane," kusho uVan As. "Kokunye alukho ngisho unqenqema lomgwaqo, ngisho namasango ukuze izingane zihlale zingaphakathi emakhaya. Ngaleyo ndlela zidlala ezitaladini nokuyilapho amatekisi ehla enyuka ngesikhulu isivinini.
"Kodwa izingane zeminyaka engaphansi kwengu-8 yizo ezisengozini ngoba azikakhuli ngokomqondo ukubhekana nezingozi zomgwaqo ngokwazo - ngisho ngabe zitsheliwe. Kungakho kungafanele zibe semnyango ngaphandle kokubhasojwa.
"Awucabange ukuthi kujwayeleke kanjani ukubona ingane yeminyaka emihlanu iziyaluzela yodwa emgwaqweni. Uma kwenzeka ishayiswa yimoto noma yisitimela, ngeke uyisole leyo ngane, lokhu akusiyo ingozi kodwa kudalwa wukunganakwa."
Enye eyodwa ezinganeni ezingu-12 ezifa ngengozi kufanele ngabe ziphephile ngaphakathi ezimotweni - kodwa ngenxa yokuthi cishe ezine kwezinhlanu, zisuke zingawafakile amabhande, ngokusho kukaVan As.
"Okubuhlungu kakhulu kunakho konke, abazali abacabanga ukuthi bangazivikela izingane zabo ngokuba bazigone. Ngisho ngabe uhamba ngo-50km/h ngesikhathi ushayisa, ukushayisa okungaba namandla angu-1 000kg kungayibulala ingane yakho. Akekho ongabamba ingane ngaphansi kwaleso simo."
Ngoba ikhanda lomntwana yilona elisinda kunomzimba wakhe omncane, kulula ukuba lishayeke kwi-dashboard noma phansi kuqala. Ngaleyo ndlela izingane yizona ezisengcupheni enkulu yokulimala kanzima emakhanda ngaphezu kwabantu abadala lapho kwenzeka ingozi yomgwaqo.
Yini ebulala izingane zethu"
u Amanzi adala ukufa enganeni eyodwa kweziyisithupha ezifa ngengozi. "Ingane encane ingafa buthule ngemizuzwana engu-30 emanzini angu-4cm," kusho uVan As.
u Ukusha nakho kubulala eyodwa kweziyisithupha.
"Umbulali omkhulu yimililo edalwa amalangabi avulekile nezitofu, kodwa eziningi zilimala emakhaya - cishe ezine kwezinhlanu zishiswa wuketshezi olushisayo," kusho uVan As.
"Kukhona futhi idlanzana elincane elishiswa wugesi, nokuyilapho izintambo zixhunywe ngokungemthetho."
u Okokugcina, kunezingane ezilimala odlameni lwasekhaya lapho omdala edonsa isibhamu. Ingane yaseCape Town isengcupheni engamathuba angu-25 ukulimala odlameni kunengane yaseBirmingham eNgilandi.
"Siphila emphakathini wodlame onezigelekeqe ezingadubula izinhlamvu ezingu-2 000 ngenyanga," kusho uphrofesa Van As.
"Angikuboni kuyingozi ukuthi ingane ingadubuleka, kodwa kubi ukuba thina sikuvumele lokhu ukuba kwenzeke."
Izingane eS Africa zihlale zisengozini ngoba zihlala ezindaweni eziyingozi ezisuke zenzelwe abantu abadala.
"Izingane zethu ziyahlupheka ngoba ukuhlangana kwesizukulwane esidala nesisha negebe elikhulu kwabadla izambane likapondo nabahluphekayo, likhulu kakhulu," kusho uVan As.
"Sinemijondolo eminingi eduze kwemigwaqo emikhulu naseduze kolayini besitimela, kanjalo nezinye izinkinga ezidalwa wukuhlupheka nokuhlala ngokuminyana kwabantu besebenzisa izitofu zikapharafina noma izindawo zokudlala ezinosimende."
Kodwa futhi akufanele samukele ukwehlulwa yilezi zinto eziyingozi, ngokusho kukaVan As. Singasebenzisa amaqembu abhekele umphakathi ngemizamo yokuthola isixazululo esizosebenzela izingane zakuleli. Ngaphezu kwalokho, nathi singazibhekela izingane zethu...
Siza ingane yakho isinde kubabulali bakuleli
Izingane ezingaphezu kweminyaka emine ubudala zisengcupheni yokufa okudalwa wukulimala kunokudalwa yizifo. Kodwa uphrofesa uVan As wabe-CAPFSA, uthi izingozi eziningi yilezi ezisuke zingagwemeka ngoba ezingamaphesenti angu-70 zenzeka emakhaya.
Ukuze sikwenze lokho kufanele sizinikele futhi sizibophezele ekubhasobheni izingane zethu nasekuzifundiseni imithetho yokuphepha ukuze zizivikele lapho zikhula. Ngisho ngabe kusekhaya noma ngaphandle, izingane zeminyaka engaphansi kwengu-8 ngeke kulindeleke ukuba zizinakekele - noma zinakekele ezinye - ngoba imiqondo yazo ayikavuthwa ngokwanele ukubhekana naleso simo.
Thola isikhathi sokuba uhlanganyele nabanye omama, ngisho ngabe nimatasa kangakanani, nishintshane ekubhekeni izingane.
Nanka amasu anganisiza avela kuphrofesa Van As nabeCAPFSA:
INGOZI 1: Izimoto yizo ezibulala kakhulu izingane eSA, uma zihamba ngezinyawo noma zingabagibeli. Ingxenye yokuthathu kokune yezingane zaseKhayelitsha ezingeniswa esibhedlela iRed Cross Hospital eCape Town, ukwenza isibonelo, zisuke zishayiswe yizimoto.
Into ongayenza: Fundisa zonke izingane imithetho yemigwaqo. Khumbula noma iyiphi ingane eneminyaka engaphansi kwengu-8 kufanele ibhasojwe uma ihamba emgwaqweni. Qiniseka ukuthi ingane yakho idlala endaweni ebiyelwe enesango ukuze ingayi emgwaqweni.
INGOZI 2: Ukufa ngokuminza kuthatha imizuzwana, kanti amanzi akhona noma yikuphi - emakhaya emabhakedeni, emaxhaphozini, emadamini, emifuleni nakuma-swimming pools. Ingane eyodwa kweziyisithupha ifa ngengozi yokuminza ngokusho kwabeCAPFSA. Lezo ezisengozini kakhulu ezeminyaka ephakathi kowodwa nengu-8 ezingakwazi ukubhukuda.
Into ongayenza: Njalo zigade izingane eduze kwamanzi, futhi ungazishiyi zodwa kubhavu. Amabhakede awahlale evaliwe.
Fundisa izingane ukuthi zingabhukudi emifuleni zingadlali futhi eduze kwemifula ngoba kungenzeka ziphonseke phakathi.
Izingane ezinezinyanga ezingu-12 zingakufunda ukubhukuda, ngakhoke zama ukuzifundisa. Uma usebenza endaweni yomuntu one-swimming pool, ungayivumeli ingane yakho isondele khona uma i-swimming pool ingamboziwe ngenethi.
INGOZI 3: Cishe izingane ezingu-500 ngonyaka zelashelwa ukusha esibhedlela sezingane iRed Cross Children's Hospital. Kodwa lesi sibalo singedlulela ezweni lonkana njengoba iyinye kweziyisikhombisa efa ngomlilo.
Into ongayenza: Njalo cisha amakhandlela, izibani zikapharafini, ama-heater nezitofu uma usulala. Gcina omentshisi nezinto eziluketshezi ezivuthayo, kude nezingane. Izingane azingasondeli emlilweni ngoba zizosha. Ungabhemi ekameleni ngoba imililo eminingi idalwa wugwayi lapho obhemayo eselele. Ungazomisi izingubo ezimanzi phambi komlilo noma nge-heater. Ungafaki izinto eziningi emapulakini ngoba lokho kungadala umlilo.
INGOZI 4: Izingane zeminyaka engaphansi kwemihlanu yizo ezisengcupheni kakhulu yokusha ngoba lokhu imvama kwenzeka emakhaya. Ezine kwezinhlanu zisuke zishiswe wuketshezi olushisayi. Ngakhoke qaphela kakhulu ekhishini.
Amapulaki odongeni ayingozi ekubeni izingane ziyathanda ukushutheka iminwe yazo.
Into ongayenza: Sebenzisa amapuleti angemumva esitofini. Izivalo zamabhodwe mazibheke emumva ukuze izingane zingawadonsi. Beka izinkomishi ezinokushisayo phakathi nendawo etafuleni. Esikhundleni sendwangu yetafula kungcono usebenzise ama-table mats.
Iketela malibe nentambo emfishane ukuze izingane zingalidonsi. Ungashiyi i-ayina eshisayo yodwa. Uma ubizwa wucingo noma kukhona ongqongqozayo, yicishe uyibeke endaweni ephephile kuqala. Njalo hlola amanzi ukuthi ashisa kangakanani ngaphambi kokufaka ingane yakho kubhavu.
INGOZI 5: Izingane zeminyaka esuka kowodwa kuya kwemine, yizo ezisengcupheni yokudla ushevu ngoba ziyathanda ukuthinta noma yini eseduze kwazo nokufaka izinto emlomeni. Zingaphezu kuka-500 izingane ngonyaka eRed Cross Children's Hospital ezelashelwa ukudla ubuthi ngokuphuza imithi yokuhlanza indlu, ukudla imithi yokubulala amagundane neyokubulala ukhula engadini.
Into ongayenza: Okuhle ongakwenza wukufaka okhiye emakhabetheni lapho ufake khona upharafini, izinto zokuhlanza indlu, ezokubulala izinambuzane nezingubuthi bokuhlanza indlu. Uma ungakabafaki okhiye, zibeke emashalofini aphezulu lapho izingane zingeke zifinyelele khona.
Neziqedaphunga zingaba yingozi ezinganeni, ngakhoke zibeke lapho zingeke zizibone khona izingane.
Thenga upharafini osezintweni izingane ezingeke zikwazi ukuzivula. Ngisho ngabe lezi zinto zibiza kakhulu kodwa zingcono ngoba zingaphephisa impilo yengane yakho. Ukufaka upharafini emabhodleleni eziphuzo kungayingozi ezinganeni nakwabadala njengoba izigigaba ze-Accident & Emergency zikukhombisa lokhu.
INGOZI 6: Izingane ezingaphansi konyaka ziyakhwingxeka. Cishe izigigaba ezingu-800 ngonyaka, zezingane ezelashwa esibhedlela sezingane sodwa iRed Cross Hospital. Njalo ngonyaka, ezingaphezu kwezingu-100 ziyafa.
Into ongayenza: Ungayishiyi yodwa ingane ukuba izifunze. Amadamu ungawafaki ezintambeni ezinde ngoba izingane ziyathanda ukufaka izinto emlomeni bese zikhwingxeka - izinto ezifana nemali, ubhontshisi, izinkinobho no-pin. Gcina izikhwama zikapulasitiki, izintambo kude kunezingane. Izingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu ungaziniki amakinati. Fundisa izingane ukuba zingahambi noma zigijime uma zidla.
INGOZI 7: Esibhedlela iRed Cross Hospital yodwa, ngonyaka zingu-2 000 izingane ezelashelwa izingozi zokuwa - emibhedeni, ezitebhisini nasezindaweni zokudlala. Izingane ezincane kakhulu, zisengcupheni yokulimala ekhanda, ikakhulu ezingaphansi konyaka.
Izindawo zokudlala izingane eziningi eSA ziyingozi ngoba zikhonkiwe ukuze zingabi nodaka. Kufanele kube khona omata be-rubber ukuze zingalimali lapho ziwa, kodwa notshani noma isihlabathi kungasiza, ngokusho kukaphrofesa Van As.
Into ongayenza: Ingane enezinyanga ezingaphansi kwezintathu ungayishiyi yodwa noma uyibeke embhedeni ophakeme. Kufanele ufake izinsimbi zokuyivikela ukuze ingawi embhedeni ophakeme. Izingane zeminyaka engaphansi kwemihlanu ungazivumeli zilale embhedeni ophezulu.
Gwema izindawo ezishelelelayo phansi noma omata abangabambeleli phansi. Vikela ingane emakhoneni etafula.
Bhasobha amafasitela. Celani ikhansela lendawo ukuba kwenziwe indawo ephephile yokudlala izingane.
INGOZI 8: Ukusikeka kuyingozi kuzo zonke izingane zeminyaka yonke.
Into ongayenza: Ngaphandle kokususa amagilazi afile, izitsha nama-tiles, kufanele futhi ubeke amagilazi, imibese nezikele lapho izingane zingeke zifinyelele khona.
Fundisa izingane ukuba zingagijimi noma zingahambi nezinto ezicijile - ikakhulu amapeni emlonyeni - nokuba zibhekise imimese nezikele phansi uma ziziphethe lezi zinto. Beka ama-razor emashalofini aphezulu ahlala izingilazi ne-ceramic. Lahla amathoyizi aphukile.[z]
BONA ZULU - March 2007
indaba nguPATRICIA McCRACKEN
izithombe nguVAL ADAMSON
esithombeni abakhangisi
Vikela izingane kubabulali bakuleli
BONA ZULU - March 2007
Ingane encane kuyithatha ngaphansi kwemizuzwana engu-30 ukuba ife buthule emanzini angu-4cm .
u
t
Ungalokothi ushiye ingane yodwa ukuba izifunze
14 BONA ZULU - March 2007
Izingane ezincane ziyathanda ukudlala ngamapulaki kagesi angavikelekile.
Ungazishiyi zodwa izinto ezixhunywa kugesi zingagadwe muntu uma uzisebenzisa
BONA ZULU - March 2007 15
