zulu.2081.yourlifeguide_muthi
Ngabe uMUTHI ungasiza EKUVIMBENI UKUZIBULALA
Ngabe izangoma nezinyanga zinayo indawo ezingayidlala ekwenyukeni kwezinga lokuzibulala kwabantu bakuleli"
ABALISHUMI kubantu baseSA kuyenzeka bazame ukuzibulala. Ubuhlungu benhliziyo, ukugula, izingxabano zemindeni, ubugebengu, i-stress, ukungaqashwa - ngezinye zezinto eziphoqelela abantu bacabange le nto engacatshangwa.
Ngabe umuthi ungasiza" Ngabe umuntu usuke ethakathiwe" Imithi yokwelapha yesimanje inezidakamizwa ezisiza ekulweni nengcindezi engaholela ekuzibulaleni. Kukhona nokwelulekwa ngokwengqondo ngochwepheshe bezengqondo nabanye abaqeqeshiwe abazolalela izinkinga zokwesaba kwakho nokukhathazeka bazame nokukukhombisa ukuthi ungabhekana kanjani nalokhu. (Ungakhohlwa, noMfundisi wakho unguchwepheshe oqeqeshiwe ongakweluleka uma uhlaselwa wumuzwa wokuzibulala!)
Izangoma nezinyanga zingena kuphi"
"Thina eselapha ngokwesintu sinayo indlela yethu yokweluleka abantu lapho selaphela khona," kusho uMartha Mongoya osekuphele iminyaka engu-15 engumelaphi.
"Lesi ngesinye sezizathu esenza sichithe isikhathi esiningi nekhasimende. Amathambo asisiza ekuboneni izinkinga ezingaholela ekuzibulaleni sikwazi nokwehlukanisa phakathi kwezinkinga ezingalapheka ngomuthi nalezo ezidinga ukuba welulekwe."
Kodwake uBaba Lamola osekuphele iminyaka engaphezu kwengu-25 engumelaphi, uthi okunye ukuzibulala kungenxa yokuthakathwa.
Abathakathi bangenza imimoya emibi eyaziwa ngokuthi "yizilwane" abayithumela ukuhlukumeza abanye. Le mimoya inamandla kangangoba ingakuphoqa nokuba uziphonse phambi kwesitimela sihamba," kusho yena.
Abathakathi banendlela yokwenza imithi ibe yingozi, ngokusho kwakhe. Izinyanga nezangoma esezinesipiliyoni zingathola ukuthi umuthi muni osetshenzisiwe bese ziwuthaka neminye ukuze ixoshe le mimoya emibi eyenza abantu bazibulale.
Ugunyaza ukuba ubonane nomuntu owelaphayo oseneminyaka cishe engaphezu kwengu-15 ewenza lo msebenzi.
"Uyasidinga leso sipiliyoni - ekufundeni amathambo nasekuthakeni umuthi - uma sekuziwa ekwelapheni labo abafuna ukuzibulala," kusho yena.
Izilwane zingelashwa ngokuhogeliswa noma ngokubhenyiswa umuthi oyisipesheli.
"Ngaleyo ndlela, iyasuka inkungu emqondweni wogulayo," kusho uLamola.
UWellington Solonzi sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-25 engumeluleki kanti ukholwa wukuthi indlela yokugwema ukuzibulala wukuba abantu bakhulume ngezinkinga ezibakhungethe. Usitshele ngendoda eyazama ukuzibulala ngokuziminzisa emfuleni. Kwathi lokho lapho kungaphumeleli, yazama ukuzihingxa nge-gas emotweni yayo.
UWellington ekhuluma nalo mlisa wathola ukuthi washiya phansi intombi yakhe eyayimsiza ngokwezimali. "Wayesethole omunye wesimame, kodwa intombi yakhe endala yafunga yagomela yathi kungcono angatholwa muntu. Lokho kwangenza ngakholwa ukuthi yintombi yakhe endala eyamthakatha."
"Ngathola engxoxweni yethu ukuthi wayeyisela lezimoto. Wathi waphupha abantu abonayo bemfisela ukuba ahlupheke," kusho uWellington.[z]
Bhalela uForce Khashane kuleli kheli: Muthi Talk, Box 473014, Parklands, 2121, e-mail: muthi@caxton.co.za
UKWELAPHA NGAMAKHAMBI
'Izilwane' zinamandla - zingakuphoqa uziphonse phambi kwesitimela sihamba!
EZEMITHI
MASIQALE SINAKEKELANE
FUTHI
Ukwenyuka kwezinga lokuzibulala kwabantu eSouth Africa kuluphawu lokushabalala koBuntu. Ukukhulumisana siyimindeni noma singabangani nomakhelwane yiyona ndlela esingalwa ngayo nalesi sihlava sokuzibulala kwabantu bakithi!
