zulu.2047.yourlifeguide_muthi
Imicabango yakho igcina
ISIYISITHA SAKHO
UMLISA osemusha waseKurhuleni District e-East Rand eGoli, usitshela udaba oluyindida olusabisayo - kanti ufuna ukwazi ukuthi ngabe ukuthakatha kuyimbangela yalokhu okwamehlela yini.
"Ngelinye ilanga ngezwa ukuthi engixabane naye emphakathini usengifunele abantu abazongibulala. Ngokwesaba ngabaleka ngayocasha. Emva kwezinsuku ezimbalwa ngezwa kuthi angizibulale," kubhala yena.
Lo muzwa wakhula ngamandla kwaba sengathi ngingakwenza ngempela lokho. Kwakubukeka kuyilelo khambi elalingangisiza.
"Ngangizozibulala kuphele kanjalo ngami bengakangitholi," kuchaza yena.
Wathola isibhamu kodwa
kwathi lapho esesiphethe kwangavuma ukuthi azidubule.
"Ngahluleka," kubhala yena.
Ngosuku olulandelayo waya edolobheni ngenhloso yokugibela itekisi alibangise KwaZulu-Natal. "Ngangibaleka," kuvuma yena.
Kodwa eseseGoli wezwa sengathi kukhona abamlandelayo.
"Babengifuna kabi.Babezogibela kule tekisi
eya eThekwini engangizoyigibela," kusho yena.
Wayenovalo edidekile wagcina engene esitolo wathenga ummbese.
"Ngangizozivikela ngawo," kusho yena. Wethuka esemi eceleni komgwaqo ezigwaza esiswini ephindelela ngommbese.
Ngenhlanhla, abantu bambona bamphuca ummbese babiza
i-ambulensi.
Waphuthunyiswa esibhedlela odokotela bathi unenhlanhla ngoba usindile.
Eyamadoda ayemzingela yaphelelaphi" Ngabe wayephephile esibhedlela"
Wayesalulama emanxebeni ngesikhathi ethola okunye okuthusayo.
"Ngathola ukuthi bekuyimicabango yami ukuthi kukhona amadoda afuna ukungibulala!"
Lokhu kubukeka kuphathelene nenkinga "ethinta ingqondo", kodwa ukucabanga ukuthi kukhona abantu abafuna ukukubulala kuwuhlobo lwesifo esingelapheka.
Yilokho okwenzeka kumfundi wethu. Odokotela bamnika amaphilisi ayezowaphuza njalo. Bathi uma ephela akalande amanye esibhedlela.
Wazizwa engcono kodwa wangabalalela odokotela. Amaphilisi aphela wangawalanda amanye - inkinga yakhe yaqala phansi.
Ngelinye ilanga wadubula umuntu ayesebenza naye wagwetshwa iminyaka eyisishiyagalombili ejele.
Esesejele ukugula kwakhe kwadlanga. "Kwakuba sengathi amaphoyisa nezinye iziboshwa bafuna ukungishaya bangibulale."
Bamnika amaphilisi waba ngcono. "Manje ngiyazi ukuthi uma ngingawaphuzi amaphilisi ngigula ngengqondo."
Ngithe le ndoda ayilubeke udaba lwayo ngoba lunesifundo.
Isangoma besingeke simsize ngoba ekuqaleni naye akathandanga ukuzisiza.
Wabona ukuthi amaphilisi amsiza kodwa wangawalanda njengoba ayetsheliwe.
Ukwelashwa kwesifo sengqondo kuthatha isikhathi kunokwelashwa kwezinye izifo ngisho noma welashwa ngamaphilisi noma ngamakhambi.
Uma isangoma sithi buya, silalele.
Sisuke singajahile imali yakho kodwa sisuke sazi ukuthi amanye amakhambi kumele asetshenziswe isikhathi eside!
Yebo, uma kuphela izinyanga ezintathu ungabi ngcono, iya komunye ozokusiza - kodwa kuhle umnike ithuba umelaphi wakho! [z]
Bhalela uForce Khashane kuleli kheli: Muthi Talk, Box 473014, Parklands, 2121, e-mail: muthi@caxton.co.za
UKWELAPHA NGAMAKHAMBI
Uma ngingawaphuzi amaphilisi
ngigula ngengqondo
Ukwelashwa kwesifo sengqondo kuthatha isikhathi kunokwelashwa kwezinye izifo - yingakho nje abelaphi kumele sibabekezelele uma besenza umsebenzi wabo
EZEMITHI
isichitho sobukhuphe
Umfundi waseMkhomazi eKZN, uhlushwa wubukhuphe.
"Ziningi izangoma esengiye kuzona kodwa zonke ziyahluleka wukuqeda ubukhuphe obuphuma nangezindlebe zami!" kusho yena.
"Kokunye ngibuzwa nasolimini lwami."
Lesi sifo sesimenze waba nenhliziyo encane kanti ukholwa wukuthi sesimehlise isithunzi emphakathini samdalela izinkinga emndenini wakhe.
"Anginayo indawo yokuhlala ngoba ngilahlwe nayizihlobo zami ngaphandle kwesizathu."
Kuyacaca ukuthi le ntokazi inesichitho sobukhuphe.
Idinga amakhambi ayisipesheli enziwe ngolwembu nangezicabucabu.
