zulu.203.legalmay
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Akwamukelekile neze
INKINGA: Ngesikhathi umama wami eqeda iminyaka engu-60 azalwa, wafaka isicelo sempesheni yakhe. Bamtshela ukuthi ayikho impesheni azoyithola ngoba umyeni wakhe usasebenza esikoleni sikahulumeni.
Ubaba wami washona ngaphambi kokuba aye empeshenini. Umama wami waphinde wafaka isicelo sempesheni - kodwa futhi bamenqabela.
Sekuphele unyaka ubaba edlula emhlabeni kodwa umama akakatholi mali kababa kubaqashi bakhe.
Umama wami wasebenzela uhulumeni iminyaka engaphezu kwengu-20 ekubeni imali yakhe yempesheni ibibanjwa yonke le minyaka. Kungani manje engasayitholi-
ISELULEKO SOFEZELA:
Kusiphatha kabi lokhu esikuzwayo ngokuphathwa ngale ndlela kukamama wakho ngabeTreasury okungumnyango kahulumeni ophethe ezezimpesheni zabaqashwe uhulumeni.
Lokhu akwamukelekile neze kanti futhi kukaningi sizizwa izindaba ezifana nalena.
Lolu daba ludinga ukusingathwa ngumuntu ongakwazi ukuba alwethule kungqongqoshe nasezinkantolo nokungumuntu ongummeli. Kufanele kubhalwe incwadi ibhalelwe uTreasury kubekwe yonke imininingwane kababa wakho: ukuthi wayesebenzaphi, washona esehola malini, ikheli labaqashi bakhe nokuthi zabhaliswa yini izinto zakhe ngaphansi kwabeMaster Of The High Court.
Kuyo leyo ncwadi kufanele ufake imininingwane kamama wakho efanayo noyifake ngaphansi kukababa wakho. Isitifiketi sokufa sikababa wakho ne-ID yakhe kufanele kube yizinto uTreasury azozibona.
Emva kwalokho bazokunika amafomu amaningana okumele uwagcwalise.
Kufanele nibambisane noTreasury kanye nomama wakho ukuze kusheshe kulunge ngoba lolu wuhlelo lwemicikilisho eminingi.
Okumele ukwenze futhi wukuba wena nomama wakho nithathe ummeli ukuze anisize.
Uma ningesiwo amalungu ophiko loFezela futhi ningeke nikwazi ukumelana nezindleko zommeli, xhumanani nabeLegal Aid Board ngakini. [z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
BONA ZULU - May 2008
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
IZELULEKOZOMTHETHO
