zulu.2039.sing
uthini umthetho
Anginacala
INKINGA: Ngangenza umsebenzi wokushaya i-till egalaji. Kwathi uma kulahleka u-R300, umnikazi webhizinisi wathi mina nozakwethu esasisebenza naye masihlolwe ukuze kutholakale iqiniso lokuthi asiyintshontshanga yini imali.
Ngayifeyila i-test uzakwethu watholakala emsulwa.
Akuzange kwenziwe olunye uphenyo. Ngabizelwa emhlanganweni wokuqondiswa kwezigwegwe kwabekwa nemiphumela yokuhlolwa.
Ngaxoshwa ngaphandle kokwethula ubufakazi noma ukwenza isitatimende.
Angizange ngiyintshontshe imali kanti uphenyo alwenziwanga kahle. Angiyithembi imiphumela yokuhlolwa. Ngicela usizo!
ISELULEKO SOFEZELA:
Ngokwencazelo osinike yona sikholwa wukuthi icala lakho laqulwa kahle.
Kodwa zikhona nezikhalo ngalo ngoba ukufeyila kwakho i-test ngeke kuqinisekise ukuthi uwuntshontshe ngempela u-R300.
Baningi abantu abafeyila lama-test ekubeni bengenacala.
Lo mshini okwenziwa ngawo i-test awukwazi ukubona umehluko phakathi kwamanga neqiniso!
Imishini okwenziwa ngayo le-test iveza ushintsho olwenzeka emzimbeni womuntu ohlolwayo kuphela njengokushaya kwenhliziyo ngamandla, i-blood pressure noma ukujuluka.
Kunenkolelo yokuthi lolo shintsho lwenzeka ngokwalo uma umuntu eqamba amanga.
Kodwa lokho akusilo iqiniso. Umuntu ohlolwayo angaba novalo lokuthi uzoyifeyila i-test ngisho noma engenacala kanti lokho kungenza ukuba emzimbeni wakhe kwenzeke ushintsho olwenzeka uma ehlolwa ngomshini.
I-CCMA isithole ukuthi lawa ma-test aba yinto ephathekayo uma ehambisana nobunye ubufakazi.
Sineqiniso lokuthi eyokuxoshwa kwakho izohoxiswa kanti sibona kukuhle ukuba uye kwiCCMA ukuze bakusize ufake isikhalo ngomqashi wakho.
Uma unenkinga, shayela ihhovisi loFezela eliseduze nawe ukuze sikusize. [z]
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
BONA ZULU - November 2007
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
UMNDENI wakhe waba nokukhathazeka ubona indodana yawo ifuna ukuya kwezobuciko nokungumsebenzi onzima okungaphumeleli noma ngubani. Okwakwenza lokhu kwedlulele, wukuthi uLinda Zitha wayefuna ukuba ngumculi we-opera.
Walandela inhliziyo yakhe!
Umama kaLinda wayecula ekhwayeni yesonto, ubaba wakhe engumbhidi.
ULinda naye ngokwakhe wajoyina ikhwaya yesonto. Lokho kwakuwuphawu lothando lwakhe olwalukhula lomculo.
"Ngangithanda ezemidlalo ngisemncane, ikakhulu ibhola. Sengineminyaka engu-12, ngaba nothando lomculo," kuchaza yena.
Ngo-1992 wahamba nekhwaya yesonto eya e-Italy.
Okwethusayo wukuthi akazange akhethe ukwenza izifundo zomculo ngesikhathi esephothule imfundo yakhe ephakeme.
"Ngaqale ngenza i-marketing, ngokushesha ngaphelelwa wuthando lwayo," kusho yena.
Bamxhasa kakhulu
Ithuba likaLinda emculweni we-opera lafika ngesikhathi ebuka i-opera eState Theatre ePitoli. "Umngani wami wangimema ukuba ngihambe naye ngiyobuka iNabucco kaVerdi. Ngavele ngazi ngaleso sikhathi ukuthi ngifuna ukuba ngumculi we-opera.
"Ekuqaleni abazali bami babengahambisani nalowo mqondo. Babefuna ukuba ngibe nomsebenzi engizowenza," kusho yena ehleka.
Namuhla bamxhase kakhulu. "Yibo abangabalandeli bami abakhulu." kusho uLinda oseke wacula kuma-opera afana ne-Tosca, La Bohème neMadame Butterfly.
ULinda uhlale evakashela odadewabo abathathu kwabahlanu ngezimpelasonto njengoba bona behlala eduze naye ePitoli. Uma kungekho lapho ecula khona emicimbini yasebusuku, uyomthola esekhaya nentombi yakhe uMolebogeng Matlhare noma evakashele abangani.
Njalo ngezimpelasonto uyahamba avakashele ekhaya Emalahleni eMpumalanga.
"Sengike ngacula Emalahleni izikhathi eziningana. Okokugcina nganginabangani bami uKaiser Nkosi noGiven Mabena, nabo abacula i-opera," kusho yena.
Impumelelo
Impumelelo yakhe enkulu uthi ingenxa yeBlack Tie Ensemble. Emva kokuphothula izifundo zakhe ze-marketing, uLinda wajoyina iTechnikon Pretoria Opera School ngo-1994, nokuyilapho ahlala khona iminyaka emine eyingxenye yomculo we-opera eState Theatre.
"Ngesikhathi iState Theatre sivalwa kwasungulwa iBlack Tie Ensemble ukuze ibhekele futhi isize abaculi abafufusayo be-opera," kusho kuphawula yena.
"Ngo-1999, ngaphambi kokuvalwa kwe-theatre, ngamenywa ukuba ngijoyine leli qembu ngimenywa abasunguli balo uMimi Coertse noNeels Hansen."
Namanje usacula nale-ensemble kanti futhi ungomunye wamalungu ekomiti layo elikhulu.
"Umculo we-opera ungubuchwepheshe obumangalisayo," kusho yena ekhuluma nge-opera. "Izingubo zakhona, umculo, ulimi lwakhona nokucula phambi kwabathandi bayo, yizona zinto eziyenza ibe yisipesheli."
ULinda uchitha isikhathi sakhe esiningi noMolebogeng, ikakhulukazi ekhishini. "Ukupheka ngenye futhi yezinto engizithandayo. Ngiyakuthanda ukupheka ngezithako ezehlukene nokuba ngiqhamuke nezinye izindlela zokupheka ukudla okusha. Kodwa ayikho into eyedlula inyama yemvu kimina," kusho yena. [z]
African Eye News Service/Homegrown
indaba nguNATALIE NETO
izithombe nguVANESSA GROBLER
Abantu babecabanga ukuthi uyahlanya kodwa uthando lwakhe lwe-opera lwagcina lubonakele
Ushaya ingcwenga yomculo
ULinda Zitha
BONAZULU - November 2007
KWESOBUNXELE: ULinda noMolebogeng bathokozela ukupheka ndawonye.
NGEZANSI: Enye yama-opera uLinda ayithandayo yiRigoletto.
