zulu.1997.yourstories_murdered
Wadlwengulwa, wabulawa washiswa!
Ubani ongenza into efana nalena komunye umuntu? Umama okhathazekile ufuna izimpendulo.
UJO-ANNE ROSENBERG (43) wayebuka ngesikhathi isidumbu sendodakazi yakhe sivutha amalangabi. Uxoxele uKamogelo Sebola wakwaBONA ngokufa kwendodakazi yakhe ibulawa ngumngani
KWAKUNGU-3 ekuseni ngovivi lomhlaka 8 July kulo nyaka ngesikhathi umfowethu nonkosikazi wakhe bengqongqoza endlini yami. Kwathi lapho ngibavulela, ngavele ngazibonela bengakasho lutho ukuthi kukhona okonakele.
Bangitshela ukuthi uVeronique (26) indodakazi yami yokuqala ibulewe isidumbu sayo sashiswa. Kwaba sengathi ngiyaphupha kodwa ngabona ukuthi angiphuphi ngesikhathi sebeyongibonisa indawo okwatholwa kuyona isidumbu.
Ngabona unyawo kwangikhanyela ukuthi nguVeronique ngempela. Isidumbu sakhe sasisavutha.
Ngahluleka wukuzibamba ngaquleka kwathi lapho sengiphapheme emva kokuxilongwa abezimo eziphuthumayo kwangikhanyela ukuthi indodakazi yami ayisekho.
Umfowethu wacima umlilo wamboza isidumbu. Lesi sigameko senzeka uVeronique ehlala nezingane zakhe eWestbury efulethini likababa wami, mina ngangihlala eDe La Rey eRoodepoort eGoli.
Ngeke ngilukhohlwe lolo suku. KwakungoLwesithathu ekuseni ngesikhathi indodakazi yami ihamba nabangani bayo beyothenga utshwala efulethini eliseduze. Bahlala lapho kwaze kwaba phakathi kwamabili emva kwalokho indodakazi yami yathatha isinqumo sokugoduka ngoba kwakuseduze ekhaya.
Kusolakala ukuthi umlisa othile owayemazi wamlandela ngesikhathi esehamba. Kuthiwa isenzo salo mlisa asimphathanga kahle waze waphindela efulethini ababephuzela kulona wahlala isikhashana.
Le ndoda yaphinda yamlandela esehamba yamgwaza amanxeba angaphezulu kuka-53 emzimbeni nasebusweni.
Amaphoyisa athi wadlwengulwa ngaphambi kokubulawa, emva kwalokho isidumbu sakhe sathungelwa ngomlilo. Umsolwa waya kubaba wami wamtshela ngento aseyenzile kodwa ubaba wangamkholwa. Waziyela mathupha endaweni yesehlo eyozibonela ngawakhe.
Wafica isidumbu sikaVeronique silele sibheke phansi sisha.
Kwabizwa amalungu omndeni umbulali engasabonwa. U-Veronique wayenezingane ezimbili uShinique (5) noTyrique (3) owayesancela ibele. Ngikhumbula ukuthi uTyrique wayekhala efuna ukuncela engazi ukuthi uphi umama wakhe.
Emva komngcwabo wendodakazi yami, kwadingeka ukuba izingane zelulekwe ngokwengqondo. U-Veronique wayelungile, enesihe ethanda nokupheka. Kwakungafanele afe ngezandla zomuntu ayemthatha njengomngani. Njengoba isidumbu sakhe sasishile sidumbile, kwadingeka ukuba umngcwabi ngimkhokhele u-R900 ngaphezulu ukuze isidumbu sigcinwe endaweni eyisipesheli.
Ngaphinde ngakhokha imali engaphezulu kuka-R15 000 yebhokisi eliyisipesheli.
Kunzima ukuxolela umbulali wendodakazi yami. Ngiyazibuza ukuthi umuntu ophila kahle angayenza kanjani into enjena? Angakwenza kanjani lokhu kumngani wakhe?
Amaphoyisa ambopha emva kwesonto umsolwa oneminyaka engu-19 ngoba wayecashe kadadewabo.
Ngifisa ukumbuza ukuthi wayecabangani ngesikhathi ebulala ingane yami.
Ngikhulekela ukuthi umthetho udlale indawo yawo umbulali kaVeronique avalelwe angaphinde aphume. Umama wakhe usazokwazi ukumvakashela ejele kodwa mina ngeke ngiphinde ngiyibone ingane yami. [z]
IMPILO YOQOBO
Umama wakhe uzo-kwazi uku-mvaka- shela ejele kodwa ngeke ngi-phinde ngiyi-bone ingane yami
U-Jo-anne uthi uVeronique wayenobubele nothando.
U-Jo-anne nezingane zikaVeronique, uShinique noTyrique.
