zulu.1996.pants
IFESHINI
BONA ZULU July 2008
Hamba wedwa
Noma yimuphi umuntu wesimame uyadinga ukuba nebhulukwe azokwazi ukulifaka noma yinani. Umbala odla ubhedu ngale sizini ngo-grey.
Izintokazi ezimfishane zidinga ukufaka ama-bootleg pants anezithende eziphakeme noma ama-boots ukuze kukhaveke imilenze. Kugqoke nokunye okuzohambisana nakho njengehembe elimhlophe elino-lace ukuze ubukeke kahle.
Ngaleli bhulukwe kuzobonakala ukuma komzimba wakho kugqame ne-top yakho ye-corset - ingxenye engezansi ensundu yale ndwangu ihlangana kahle nebhulukwe yenze nomzimba ubukeke welulekile. Noma gqoka i-top ende ezolenga lapho uhamba.
Amabhulukwe abambanayo ayilungele imilenze emifishane ngoba enziwa ngendwangu enwebekayo. Ibhulukwe ungalifaka phakathi kuma-boots ukuze ubukeke ngendlela yakho.
Ngisho ngabe ukhetha ukubukeka kanjani, ungakhohlwa wukufaka okukhanya nokugqamile ngale sizini.
Christinah: I-top eno-lace: Mr Price (R69,99); ibhulukwe eli-grey: Edgars (R229,95); izicathulo: Woolworths (R350).
Khosi: I-corset top: YDE (R380); ibhulukwe elinemisho: Mr Price (R89,99); izicathulo: Woolworths (R250).
Phuma phambili
Uyikhetha kanjani i-top ezohambisana nebhulukwe lakho? Uzithaka kanjani izingubo ukuze ubukeke kahle? UMarina Walsh uyasibonisa!
BONA ZULU July 2008
Yiba muhle
Gqama ngokuthaka izinto ezehlukene kodwa ezizwanayo.
Ibhulukwe eli-cream lingahambisana kahle ne-top egqokeka ngokuphelele noma ne-strip vest noma i-camisole, ngaphezulu ufake ijakhethi emfishane yasehlobo.
Qedela lobo buhle ngebhande elivulekile. Leli bhulukwe liyakwazi nokufihla izinkinga emathangeni.
Lokho usungakulinganisa ngama-bootleg noma ibhulukwe le-palazzo ne-top noma ijezi - ungazama ngisho nano-poloneck.
Uma umfishane khetha amabhulukwe avulekile. Okunye ozokudinga, yizicathulo eziphakeme.
Christinah: I-top enezimbali: Truworths (R220); ibhulukwe eli-cream elinemisho: Mr Price (R119,99); izicathulo: Woolworths (R399).
Khosi: Ijezi eli-acid-green: Foschini (R210); ibhulukwe elisawolintshi: Foschini (R200); ama-boots: Woolworths (R299).

Izithombe ngu-Ivan Naude, izinwele neziphaqulo nguFaith Seuoe, abakhangisi uChristinah noKhosi abaphuma eChrome, osibhalele ngu-Patricia McCracken
BONA ZULU July 2008
Shayela phezulu
Gqama!
Okugqamile kwefeshini kuphuma phambili ngalobu busika - ngakhoke thokozela okunemibala uhlale ugqamile.
I-denim enwebekayo yamabhulukwe a-purple ingakwenzela izimanga ngoba ikufanela ngisho ngabe unomzimba ongakanani.
Amabhulukwe amade akuwona kuphela ikhambi lokukugcina ufudumele ebusika - zama lawa ama-walking shorts angama-three-quarter nama-boots, ijezi kanye namasokisi - uma uthanda ungafaka nama-slip-ons anezithende.
Khosi: I-top e-mustard: Mr Price (R79,99); ibhulukwe eli-purple: Mr Price (R89,99); izicathulo: Woolworths (R250).
Christinah: Okubomvu okunithiwe: YDE (R180); ama-hipsters a-cream: Foschini (R230); ama-boots: Edgars (R199,95).

BONA July 2008
Shayela phezulu
BONA ZULU July 2008
Yiba yingcwenga
Qondanisa ukuma kwezinto nemibala yama-top namabhulukwe ukuze kuzwane nawe.
Isiqalo esihle
Izimpahla ze-stone ziyanwebeka kanti ungazithaka noma yinani. Amabhulukwe akhona ahambisana nanoma yimaphi ama-top.
Lapha sikhethe ukuba siwathake ngombala o-purple okuyiwo ogqamile ngalesi sikhathi sesizini - kuhambisana naleli jezi elihle. Ungakufaka ngaphezu kwe-vest noma i-slim-fitting T-shirt enemikhono emide lapho ufuna ukufudumala.
Ibhulukwe le-stone: Edgars (R299,95); ijezi: YDE (R325).
Qhakaza mntwana!
Ibhulukwe eli-cargo likwazi ukufihla ukuma komzimba wakho. Lihle lapho uziswenkele kanti ungalifaka nezicathulo eziphakeme uma uthanda. Ububanzi bamabhulukwe e-cargo bungakusebenzela uma umfishane ngomzimba - ngakhoke khetha i-top efana nalena. Ungayigqoka yodwa noma uyifake phezu kwehembe elimhlophe nokuzoncika ekutheni ufuna ihambisane nani kulokho okuxubile.
I-top ebomvu e-chunky: Mr Price (R89,99); ibhulukwe lika-khaki eli-cargo: Woolworths (R299).
Hambisana nesikhathi sesizini
I-top ende evulekile ingafihla ukuma kwesisu ikwenze futhi ukwazi ukuzishayela ibhulukwe elincane elikubambayo. Ungayifaka phezu kweT-shirt noma u-poloneck ebusika noma uyifake yodwa nebhulukwe entwasa-hlobo.
I-top e-mustard enamachashazi: Mr Price (R59,99); ibhulukwe eliphuzi elinwebekayo elino-zip: Foschini (R240).
Gqama ebusuku
Ibhulukwe elincanyana elimnyama lihambisana kahle kakhulu nale top. Futhi lokhu kuhambisana kahle nobucwebe nezinye izinto zokuswenka ongazengeza njengama-wraps ukuze ubukeke ngezindlela ezehlukene emicimbini eyahlukene.
Ihembe eli-metallic: Edgars (R399,95); ibhulukwe elimnyama: Edgars (R449,95).
