zulu.1990.Superblack oct
Ukugubha iminyaka engu-30 i-INECTO SuperBlack yasungulwa, abakwa-INECTO SuperBlack, TOWN TALK noBONA bahlanganyele ndawonye ukunika abafundi bakaBONA abangu-11 ithuba lokuba bawine izinyanga ezine ifenisha ebiza R15 000, noma... imoto!
WINA
imoto nefenisha ka-
38 BONA ZULU October 2008
I-INECTO SuperBlack, umkhiqizo wokudaya izinwele ophuma phambili eSA, igubha iminyaka engu-30 yasungulwa kulo nyaka ngokuzibongela emakhasimendeni ayo ngokubambisana nesitolo sefenisha sakwaTown Talk kanye noBONA iphephabhuku eliyintandokazi kuleli. Kusukela ngoMay 2008 kuze kube ngu-August 2008 uBONA ubunomncintiswano obushicilelwa ngezilimi ezine lapho abangu-11 bezoziwinela khona ifenisha ebiza R15 000 noma umklomelo omkhulu – iChana Benni Car ebiza R70 000.
Ukuhlanganyela kwabe-INECTO SuperBlack, abakwaTown Talk noBONA kube yinto enhle kakhulu ngoba abe-INECTO SuperBlack bakholwa wukuthi izinwele ziyigugu kakhulu kowesimame, abakwaTown Talk bona bayazi ukuthi ikhaya elihle lifana nezulu elincane kuyena kanti sekuphele iminyaka engaphezulu kuka-50 uBONA ukhuthaza imindeni e-Africa eseNingizimu.
HALALA!
Abanye abawinile
emncintiswaneni
we-Inecto SuperBlack/Town Talk/BONA wokuwina ifenisha nemoto
SITHANDA ukuhalalisela abafundi bethu besibili abathathu abaziwinele ifenisha ka-R15 000 emncintiswaneni we-INECTO SuperBlack/TownTalk owawukuBONA kaJuly 2008. Amagama abo ngoNomthunzi Mthakaza, waseLibode; Thumeka Nkinana, waseCala, noGeorginah Paulsen, waseKagiso. Bawine iMother Of Pearl Base Set; iWellington Bedroom Suite; i-Orlando Wall Unit; i-74cm Sinotec TV, ne-KIC 223L Double-door Fridge.
Sithemba ukuthi nizoyithokozela ifenisha yenu!
UNGAPHUTHELWA...
amagama abahlanu abasazowina kubandakanya nozowina imoto esizowashicilela kuBONA kaNovember 2008.
BONA ZULU October 2008
