zulu.1988.career
IMBONI yezobucwebe isibe nolukhulu uguquko kule minyaka eyedlule ngasemkhakheni wokuqeqeshwa. "Ukuqeqeshwa kule mboni kwakwenziwa ngohlelo lokufunda sakuqeqeshwa (apprenticeship) olwaluthatha iminyaka emihlanu kuthi lowo muntu aholelwe iholo iminyaka emihlanu ngaphambi kokuba enze i-trade test," kuchaza uChris De Beer oyinhloko yabe-jewellery design and manufacture eDurban Institute Of Technology.
"Emva kwalokho amaTechnikons aqala enza izifundo ze-jewellery design ngoba babona kukhona isidingo sabantu abaningi abafuna ukwenza ubucwebe.
"Miningi imisebenzi ekhona kulo mkhakha - owokuphatha, owesayensi yezobucwebe (gemology), owolwazi lwezifundo (theory), owokwenziwa kwabo (design) nowokuthengiswa.
"Namakhomphyutha aseyingxenye yale mboni. Empeleni asewenze lo msebenzi waba ngowobuchwepheshe.
"Lezi zinguquko sezenze kwakhona izinhlobonhlobo zobucwebe obuphambili obenziwe kuleli okumanje buyathuthukiswa.
"Ngithanda ukubona lobu bucwebe benziwe ngendlela egqamisa ubu-Africa. Abafundi bethu banemiqondo esabalele kangangoba iningi labo lifuna ukuzenzela ubucwebe babo libudayise lithole imali ngesikhathi lisafunda."
UDaniel Kolobe wavakashisa abakwaBONA ebabonisa ngaphakathi enkampanini okwakhiwa kuyo ubucwebe nokuyilapho esebenza khona.
Wumsebenzi omangalisayo - kusukela ekubunjweni kuya ekujiyisweni nasekuthelweni kwensimbi encibilikisiwe isifakwa kulokhu osekubunjiwe, kuze kube kuyasikwa kucwebezeliswe ekugcineni.
"Ngesikhathi ngifundela lo msebenzi eFree State, esinye salezi zifundo kwakuyi-jewellery design," kusho uDaniel. "Ngathola ukuthi nginesipho esiyisipesheli salokhu kanti nowayengifundisa wangikhuthaza ukuba ngizifake kulo msebenzi.
"Lezi zifundo zazinzima, kodwa ngabambelela ngenxa yothando enganginalo lalo msebenzi. Saba bathathu kuphela esaqeda iziqu nokwathi ngo-2002 saba nombukiso womsebenzi wethu. Abaphathi benkampani lapho ngikhona njengamanje bakuthokozela kakhulu abakubona base benginika isikhundla."
UDaniel akukho angakwenzi ngezandla zakhe ekwenzeni umsebenzi wobucwebe - uyadweba abuye asebenzise usizo lwekhomphyutha.
Obuningi ubucwebe abenzayo, bukhiqizelwa izitolo eziningi, kodwa futhi ubuye enzele amakhasimende akhe.
"Njalo ngiyajabula uma kukhona okusha kwalo msebenzi wobucwebe engikwenzile nekhasimende likuthokozela lapho selikubona," kusho yena.
Amathuba
Abanye abangama-jewellers, noma ama-goldsmiths njengoba baziwa, bakhetha ukwenza lo msebenzi emafekthri. Abanye bakhetha ukuba sohlangothini lokuwusungula bawuqale phansi (designing) bawudayise baxhumane namakhasimende.
Ungaba futhi ngumthengi noma uzisungulele elakho ibhizinisi.
"Iningi labafundi bami selizenzela umsebenzi walo ngokwalo; abanye sebephumelele," kusho uChris De Beer. "Wumqondo omuhle impela ukuthola isipiliyoni somsebenzi kuqala."
Imali ongayihola
Oyi-junior designer/manufacturer angaqala ngemali ephakathi kuka-R3 000 no-R5 000 ngenyanga esebenzela izitolo zobucwebe noma abenzi bobucwebe.
Uma usunesipiliyoni esikhulu, umholo wakho uncika emsebenzini owungenisayo.
Iningi lezinkampani umholo wabasebenzi bazo uncika emalini engenayo ngomsebenzi (profit). Ngamanye amazwi, uma ikhono lakho lisimama, lokho kusho umsebenzi omningi okhiqizwayo - ubukhulu bomholo wakho - okungaba yinto engaye ifinyelele ku-R20 000 noma ngaphezulu, kuncika ebukhulwini benkampani nokuthi ikuphi inkampani oyisebenzelayo.
Uma uyi-designer umsebenzi wayo ofunwa ubuthaphuthaphu, akukho okuyokuvimba.
Imfundo edingekayo
Ukuze ufundele i-jewellery design and manufacture kunoma iyiphi i-Technikon, udinga isitifiketi sikamatikuletsheni noma izinga elicishe lilingane nalelo. Abafundi benziswa i-interview benziswe nama-test. Umlando womsebenzi wakho nawo ungasiza.
Ungawufundela kuphi
Izifundo zikhona eDurban Institute Of Technology, Tshwane University Of Technology, University Of Johannesburg, Cape Peninsula University Of Technology, Central University Of Technology, Free State, naseStellenbosch University.
Asebephothulile bangenza i-trade test ngokuthanda kwabo emva kweminyaka emibili benza lo msebenzi.[z]
BONA ZULU - February 2006
Umsebenzi wobucwebe
Umsebenzi wokwakha ubucwebe ngumsebenzi ongubukha-zikhazi ofanele wonke umuntu. Kulabo abaqeqesheke kahle nalabo abanekhono, lena yimboni ethembisa lukhulu...
indaba nguGRACE KHUZWAYO izithombe nguBRETT FLORENS
NGENHLA: UDaniel Kolobe nguye owengamele umsebenzi wokwenziwa kobucwebe kanti usebenzisana kakhulu nabafundi bakhe ukuze bawenze ngobukhulu ubuchule.
NGEZANSI: Kule mboni kwakhiwa ubukhazikhazi bobucwebe.
BONA ZULU - February 2006
Ezemisebenzi
