zulu.1981.children
Ucwaningo lukaBONA
Ingane idlala eBonne Esperance Refugee Shelter. Izingane ezincane zibhekana nobunzima obungaziwa muntu ngesikhathi zisendleleni ziza eSA.
ZINQAMULA imingcele yakwelase-Africa ngenhloso yokufinyelela eSA zigwazele onogada emingceleni noma zikhokhele abantu abazoziphelezela zidlule emahlathini nasezintabeni. Iningi lalezi zingane lineminyaka engu-14 kodwa ezinye zincane kangangoba zineminyaka eyisikhombisa. Emazweni azo zibalekela izimpi, ububha noma ukuhlukunyezwa yisifo se-HIV/AIDS, zigcine sezixhashazwa ngezindlela eziningi.
Kulezi zingane iSA ifana "neZwe leseThembiso". Ngenxa yokuhlupheka, lezi zingane ziyaqashwa zisebenze nokungukuphula umthetho ovikela izingane ebugqileni zithole imali engaphansi kwengu-R200 ngesonto.
Kwabesimame kunzima kakhulu ngoba bagcina sebephoqeka ukuthengisa ngemizimba.
Lezi zingane emphakathini waseSA azinakwe muntu. Zimbalwa ezixhumene nosonhlalakahle kanti eziningi azifundi ekubeni ezinye zisengozini yokuboshwa neyokubuyiselwa emazweni azo.
Lolu daba lwezingane ezincane kakhulu ezisuka zodwa emazweni azo zithutheleka lapha eSA, salukhanyiselwa ngocwaningo lwabeSave The Children UK olwaluqhutshwa yiForced Migration Studies Programme eWits University.
Lolu cwaningo lwenziwa eGoli eMusina (emngceleni waseZimbabwe) naseMalelane naseKomatipoort (emngceleni waseMozambique).
Ezingxoxweni nezingane ezingu-130, kwacaca ukuthi kunesibalo esikhulu sezingane ezingaphansi ngeminyaka ezinqamula imingcele zihamba zodwa.
Iningi lalezo esaxoxisana nazo laliliqhamukisa eZimbabwe naseMozambique. Cishe u-50% ugwazela izikhulu ukuze ukwazi ukungena ngaphakathi, ekubeni u-80% ukhokhela abazobaphelezela babagade bakwazi ukungena eSA.
Lezo okwaxoxiswana nazo eGoli zaziliqhamukisa emazweni afana noDemocratic Republic Of Congo, Burundi naseRwanda.
Le mibiko ikhombisa ngokusobala ingozi lezi zingane eziphila ngaphansi kwayo.
Ukuhlukumezeka emqondweni
Ingxenye eyodwa kwezine yaphindiselwa emazweni ayo iphindiselwa amaphoyisa kwathi u-25% waboshwa waphinde wadedelwa.
Ukudayisa izimpahla emgwaqweni kwaba yiyona ndlela yokuzitholela imali kulabo abangu-25% okwaxoxiswana nabo ekubeni abangu-14% babeqoqa amabhodlela kapulasitiki lapho kulahlwa khona izibi ukuze baziphilise.
Ukuthola izingane ezizihambela zodwa lapha eSA ziphuma kwamanye amazwe akuyona into enzima.
ECape Town uFather Geraldo Garacia ongumqondisi wabeHouse Of Lawrence Home eWoodstock uthi izingane ezincane kakhulu ezaziphuma emazweni angu-19 zeminyaka esukela kwemihlanu kuya kwengu-14 zihlala kuleli khaya.
Eziningi zazo ziliqhamukisa eDRC, Rwanda nase-Angola kanti zihlolelwa ukuthikamezeka komqondo kanjalo nokwethuka ngenxa yezinto esezake zazibona.
E-Bonne Esperance Refugee Shelter nokuyisikhungo sabesimame nezingane ePhilippi, u-Adolphine Mulanga uthi izingane ezine ezangena eSA zihamba zodwa zalethwa kubona nokuyilapho ziqubiswe khona.
Udlame
Omunye wabo esizombiza ngokuthi u-Anna, uneminyaka engu-17 kanti wahamba nodadewabo oneminyaka emine besuka eKinshasa eDRC.
Bahamba amakhilomitha angu-3 000 beya eCape Town emva kokuba umama wabo nobaba wabo banyamalala ngenxa yesimo sodlame lwezepolitiki eminyakeni emibili eyedlule.
U-Anna oxoxa udaba lwakhe ngosizo longutolika ngenxa yokuthi ukhuluma ulimi lwesiFulentshi, uthi emva kokunyamalala kwabazali bakhe, waphoqeka ukuba aphume esikoleni adlale indima yokuba ngumama emizamweni yakhe yokondla udadewabo, ngokuba adayise izingubo nezinto zasendlini ukuze bakwazi ukuphila.
Ngesikhathi imali engenayo iphela, wadayisa amaswidi ezitaladini zaseKinshasa nokuyilapho umngani kamama wakhe wambona wazijuba ukuba amsize eqe ezweni lakhe nodadewabo nezinye izingane ezimbili - eneminyaka engu-8 nenengu-14.
Uhambo lwabo lwezinsuku ezintathu baluqala besizwa yi-truck eyayigcwele ezinye izingane eziningi ezinye zazo ezaphoqeleka ukuthengisa ngemizimba yazo nokuyindlela yokukhokhela uhambo lwazo.
U-Anna uthi labo ayehamba nabo baphunyuka ekuhlukumezekeni ngokocansi ngenxa yokuthi umngani kamama wakhe wabanika ukudla wabakhokhela nemali yokuhamba, kodwa wathi abanye abancane kwakungekho ukukhetha kubona ngaphandle kokuya ocansini namadoda amadala endleleni.
Kodwa kwathi lapho befika eGoli, umngani kamama wakhe wabalahla ePark Station emva kokubathengela amathikithi esitimela aya eCape Town ngoba naye engasakwazi ukuqhubeka nokubabhekelela.
Bafika eCape Town ekuqaleni kuka-October bengazi muntu, kungekho futhi noyedwa okhuluma ulimi lwabo.
Ngenhlanhla bahlangana nomlisa waseCongo owabathatha wabasa eWynberg Refugee Centre, nokuyilapho bafike badluliselwa endaweni yokukhosela iBonne Esperance.
Balahliwe
UJulia Zingu weSave The Children UK uthi idolobha laseGoli yilo abaphelela kakhulu kulona.
Imizila abayisebenzisayo - wukusuka eZimbabwe bangene eGauteng, eMozambique kuya KwaZulu Natal nokusuka eLesotho kuya eFicksburg eFree State.
UKaajal Ramjathan-Keogh ongumdidiyeli wezinhlelo zababaleki nomele amalungelo ngaphansi kwabaMmeli BamaLungelo aBantu uthi awukho umthetho oyinqubo-mgomo wezingane ezisuke zihamba zodwa kuleli.
Nakuba zazingekho izibalo ezikhombisa ukuthi zingaki izingane ezingena eSA ziphuma kwamanye amazwe ngonyaka, uRamjathan-Keogh uthi lokhu kuseyinkinga enkulu.
UTal Schreier ongumeluleki kwabomkhandlu wezomthetho kubabaleki bakwamanye amazwe e-UCT Law Clinic naye uvumile.
Uthi kukhona ukungaqondi kahle ngokufanele kwenziwe ngalezi zingane.
Kukhona futhi nokwentuleka kolwazi nokuqeqeshwa eminyangweni yezokuthuthukiswa komphakathi nasemnyangweni wezasekhaya nakulabo abazimele abangekho ngaphansi kukahulumeni abavikela izingane.
Ubunzima
"Sesike sahlangabezana nesimo lapho osonhlalakahle benqaba ukusiza izingane ezincane ezisuke zihamba zodwa ngenxa yokuthi azizona izakhamizi zakuleli." kusho yena.
U-Adolphine Mulanga uthi kuba yinkinga ukulungisa nokuqhubekisa izincwadi eziqondene nezingane eziphuma kwamanye amazwe.
Ngenxa yalokho lezi zingane azikwazi ukuba zisizakale njengezaseSA.
Enye inselelo ngeyokurejista lezi zingane ezikoleni ekubeni zingenawo amaphepha afanele, kusho kuqhuba yena.
U-Agnes Muller oyimenenja kwezokuthuthukiswa komnyango wezenhlalakahle uthi kukhona abasebenzi abathile bezenhlalakahle abenqaba ukusiza izingane zeminyaka emincane ezisuke zihamba zodwa ziphuma kwamanye amazwe.
Uphinde wathi umnyango wakhe uphezu kwezinhlelo zokwethula umthetho wokubhekana nezingane ezincane ezisuke zihamba zodwa.
Akuwona umthetho futhi kungukuhlukumeza amalungelo ezingane ukubopha izingane ezisuke zihamba zodwa ziphuma kwamanye amazwe ezingenawo amaphepha afanele. Ugcizelele ngokucela amaphoyisa ukuba athinte osonhlalakahle ukuze baxazulule le nkinga.[z]
West Cape News
BONA ZULU - February 2008
Izingane ezinga- nakwe muntu
Ukubalekela izimpi nobubha, izingane ezincane ezineminyaka eyisikhombisa zibaleka zize eSA - nokuyilapho zifike zibhekane nokuhlukunyezwa nokuboshwa
indaba nguPETER LUHANGA izithombe nguNEIL BAYNES/WCN
Izibalo zikhomba ukuthi ziningi izingane ezisezincane kakhulu ezihamba zodwa zinqamula imingcele yamazwe.
BONA ZULU - February 2008
U-Adolphine Mulanga enakekela izingane ezingababaleki bakwamanye amazwe ezahlukumezeka.
u
t
Abanye bosonhlalakahle bayenqaba ukusiza izingane ezincane ezisuke zihamba zodwa ngenxa yokuthi akuzona ezaseSA.
BONA ZULU - February 2008
Lezi zingane zahamba zisuka eKinshasa ziya eCape Town. Ukuqhutshekiswa kwamapheshana ezingane zakwamanye amazwe ezisuke zizihambela zodwa kuyinkinga enkulu.
