zulu.1978.BEC events
INGQIKITHI: Okwenzeka kwezokuVakasha namathuba akhona eSouth Coast
Indawo: Kapenta Bay Resort,
11-12 Princess Elizabeth Drive, Kapenta Bay, Port Shepstone, KwaZulu-Natal
Usuku: ULwesibili mhlaka 25 April 2006
Isikhathi: Fikani ngo-6 ntambama ukuze siqale ngo-6.30
MC:
Joyce Skefu
UKUZE UBHUKE:
Imali: R30 umuntu (kukhokhwa emnyango). Neyokudla ibaliwe. Umuntu uyozithengela ngokwakhe e-bar.
SHAYELA KULE NOMBOLO: 011-883-8829 NGEZIKHATHI ZOMSEBENZI
BONA ZULU – May 2006
O-‘P’ abane bezezimakethe
IMPUMELELO yebhizinisi lakho izoncika ekutheni ubaqonda kanjani o ‘P’ abane bezezimakethe: PRODUCT, PRICE, PROMOTION, PLACE.
Product. Lona wumkhiqizo owuthengisayo okufanele uwenze udonse amakhasimende. Lokhu ungakwenza ngendlela owupakisha ngayo, ikhwalithi, uchunge nokutholakala kwawo.
Price. Kufanele kucace ukuthi amanani akho uwabeka kuphi, ufuna ukuthola inzuzo engakanani, uzokwenza kanjani ukuba abantu bangayikhaleli imali yabo.
Promotion. Azi ukuthi uzowuthuthukisa kanjani emphakathini umkhiqizo wakho nokuthi ingakanani ibhajethi oyibekele lokhu.
Place. Lokhu akusho indawo odayisela kuyona kuphela, kodwa lapho kukhona amakhasimende akho nokuthi yiziphi izindlela ozozisebenzisa ukuwusabalalisa.
Oyosithokozisa ngomculo: Mazwai
MC: Joyce Skefu
IZIKHULUMI
Ellen Mbele – Oyisikhulu sokuThuthukiswa koMphakathi
I-forum yale nyanga izoba sePORT SHEPSTONE
Lood Boshoff
Chairman: Ugu Tourism, Marketing Association;
Chairman: Hibiscus Coast Tourism Association; Chairman: South Coast
And KwaZulu-Natal
Provincial Tourism
IZELULEKO ZOKUQHUBA IBHIZINISI NGEMPUMELELO
Funda ingosi kaBONA yezeluleko uthole ulwazi lwezezimakethe kanti ezinyangeni ezimbalwa ezizayo abeMageu Number 1 bazokusiza uzisebenzele ngokwakho uqhube ibhizinisi lakho ngempumelelo.
Lood Boshoff
Mazwai
QALA IBHIZINISI
NJENGOBA ubusika sebufikile, ayikho indlela ongazakhela ngayo imali njengokuziqalela ibhizinisi lokudayisa obhulankethi.
Amalungu eBONA Empowerment Club ngabanye babantu abanenhlanhla bakuleli ngokuzibandakanya kwezamabhizinisi bazitholele imali. Leli thuba silinikwe ngabathengisi bobhulankethi be-Aranda.
Ungabathenga obhulankethi be-Aranda babe baningi ngemali yesaphulelo ubadayise uthole inzuzo.
Odinga ukukwazi:
1. Hambela iBONA Empowerment Club forum noma i-workshop.
2. Thola lonke ulwazi lwezamabhizinisi nefomu yoku-oda kule micimbi yethu kulo nyaka.
3. Qala uthole amakhasimende, uxhumane nabantu ongabadayisela. Khumbula udayisele umphakathi, ama-spaza shop noma izikole.
Uma ungeke ukwazi ukuhambela umcimbi wethu, ungashayela uWellington Tshomela ucingo kule nombolo 011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi umcele akuthumelele i-fax uthole ulwazi.
Qhubeka ufunde uBONA uthole kabanzi ngama-workshop amabhizinisi obhulankethi be-Aranda bebambisene neBONA Empowerment Club kulo nyaka.
Taste the Soul of Africa...Taste success with Mageu Number 1
I-Glenryck Pilchard Fish Cakes
ILLOVO SUGAR
Producing South Africa’s favourite syrup
UCHUNGE lwama-syrup akwa-Illovo kade lwathenjwa yizizukulwane ngezizukulwane zabathengi bakuleli. I-Illovo isiyazakhela igama ngokukhiqiza ama-syrup acolisekile ekhwalithi ephambili asetshenziswa ekuphekeni, ekubhakeni, agcotshwayo nasetshenziswa njenge-topping nakuma-desert owakhonzile.
Njengoba amakhasimende amaningi ejwayele uchunge lwamathini abomvu, iningi labantu seliphendukela emabhodleleni aputshuzwayo. La mabhodlela atholakala ngosayizi ababili: 500g no-1kg.
Amathini atholakala ngalabo sayizi:
250g Golden Syrup, l 500g Golden Syrup l 1kg Golden Syrup.
Amabhodlela kapulasitiki aputshuzwayo atholakala ngalezi zinhlobo:
Golden Syrup – okuyi-syrup yezidingo zonke; Traditional Syrup – yinhle ekugcotshweni; Maple Syrup – ungayithokozela ngezikhathi zetiye, neCaramel Syrup – eyehla esiphundu kuma-dessert nama-topping.
1 x 425g ithini leGlenryck Pilchards In Tomato Sauce
2 amazambane, acwecwiwe asikwa izingcezu
1 iqanda elishaywe kancane
1 u-anyanisi oqotshiwe
2 izipuni i-parsley eqotshiwe
1 isipuni i-lemon juice
usawoti nophepha omnyama omahhadla
ufulawa
uwoyela
1. Cwenga ubhucuze inhlanzi ubeke eceleni i-sauce.
2. Pheka amazambane emanzini abilayo anosawoti aze athambe. Acwengisise. Abhucuze uwanonge ngosawoti nophepha.
3. Hlanganisa ndawonye inhlanzi, amazambane, iqanda, u-anyanisi, i-parsley ne-lemon juice. Kunonge ngosawoti nophepha.
4. Ebhodini elibhuqwe ngofulawa, bumba izigaxa eziyisithupha uzithele ngofulawa.
5. Zithose emafutheni zize zihlofozele zibe nsunjwana. Zicwenge kwi-kitchen roller towel.
6. Seva no-sauce wenhlanzi ne-mixed salad.
Kwanela abangu-4-6 [z]
Ababehambele i-Bake and Cook for Profit workshop bethatha amanothi.
I-BAKE AND COOK FOR PROFIT WORKSHOP
Illovo iGrand!
Indawo: Kapenta Bay Resort,
11-12 Princess Elizabeth Drive, Kapenta Bay, Port Shepstone, KwaZulu-Natal. Usuku: Wednesday, 26 April 2006
Isikhathi: 9 ekuseni kuze kube ngu-12 emini
AMA-WORKSHOP abeBONA Bake and Cook for Profit esiwethulelwa nguVicky Kubeka naxhaswe ngabeMageu Number 1 nabe-Illovo Sugar abafundi bawathanda kakhulu.
Lama-workshop akunika ithuba elihle lokubonana nabantu asebephumelele emkhakheni wokulungiswa nokuthengiswa kokudla nokubonana nabantu abasembonini yezokudla. Uma ufuna ukuzithuthukisa ekubhakeni nasekuphekeni uzakhele imali ngokudla, fika kwi-workshop yeBake and Cook for Profit elandelayo.
BONA ZULU – May 2006
KUFANELE UBHUKE
Imali: R10 umuntu (kukhokhwa emnyango) ihlangene neyokudla.
SHAYELA KULE NOMBOLO: 011- 883-8829 NGEZIKHATHI ZOMSEBENZI
