zulu.1962.Madiba
Sinethulela u“Madiba omncane”…
indaba nguRIOT HLATSHWAYO
isithombe: WILSON DZEBU/AENS
Unekhono lokuhlekisa
AKE uphinde uhlikihle amehlo akho bese uwavula. Cha isikhathi ngeke nakancane sibuyele emumva. Akusiye uMadiba eseyibhungu kodwa nguBravo Khalushi oneminyaka engu-29 ofana ncamashi nokaMadiba esemncane. Wenza izimanga lapho eselingisa okaMadiba emicimbini kahulumeni eLimpopo.
Inkulumo kaMadiba athanda ukuyethula yileyo okaMadiba ayethula ngesikhathi secala laseRivonia: “I have fought, against white domination, and I have fought, against black domination…”
UKhalushi waqala ukulingisa abantu ngesikhathi esese-primary school eMadzhatsha endaweni ephakathi kweThohoyandou neMakhado. Ayekwenza kahle kakhulu kwakungukulingisa othisha bakhe.
“Babengicela ukuba ngithokozise abantu uma kunemicimbi yesikole. Abantu babehleka baze bakhale,” kusho yena.
Le nsizwa ilingisa abantu abafana nomongameli waseMelika uGeorge Bush, uSaddam owayengu-mongameli wase-Iraq kanjalo nongu-prime minister waseBrithani uTony Blair.
Kwabalapha ekhaya, ulingisa abezemidlalo emsakazweni nakwiTV njengoRobert Marawa, Mike Mangena, Cebo Manyapelo nezihlabani zomdlalo Emzini Wezinsizwa.
UKhalushi usebenza njengomethuli wezindaba zomphakathi kwiPhalaphala FM ePolokwane, kodwa into ayifisa kakhulu wukuba wumdlali wama-movie.
Le nsizwa inxusa abantu abasha ukuba babone amathalente abo ukuthi akuphi bawasebenzise ekubeni negalelo emphakathini.
“Wonke umuntu ubusiswe ngethalente lakhe okudinga ukuba aliqhakambise. Elami lehlukile kanti futhi ngiyohlale ngiqhubeka nokwenza into engiyithanda kakhulu - ukuhlekisa abantu,” kusho yena. [z]
African Eye News Service
BONA ZULU – September 2006
UNelson bani?
Abantu bayafa yinsini uma uBravo Khalushi eselingisa okaMadiba.
