zulu.1961.yourlifeguide_rltnshp
Iyini i-protection order?
Uma uhlukunyezwa ekhaya sesifikile isikhathi sokuqeda ukuhlukunyezwa kwakho. Enye indlela yokwenza lokho wukufaka isicelo sencwadi yasenkantolo eyekisa umhlukumezi ukuba akuhlukumeze
Iyini i-protection order?
I-protection order yincwadi ekhishwa yinkantolo eyekisa umhlukumezi ukuba akuhlukumeze ngokukaMzolisa Madolo, umshushisi kahulumeni osenkantolo kamantshi eRandfontein. Uma umhlukumezi engawuthobeli umthetho angaboshwa.
Uyithola nini le ncwadi?
Uyithola uma uhlukunyezwa noma unovalo ngokuphepha kwakho. Ziningi izindlela zokuhlukunyezwa.
Ukwenqatshelwa ukuya lapho uthanda khona, ukwenqatshelwa ukusebenza noma ukubona abangani bakho, ukudelelwa nokucekelwa phansi kwezinto zakho kungezinye izinhlobo zokuhlukunyezwa.
Ubani ongafaka isicelo?
Ungafaka isicelo uma:
Ushade ngokwenkantolo, ngokwesintu noma ngokwenkolo.
Nihlala ndawonye kodwa ningashadile.
Senithembisene umshado.
Nithandana.
Amalungu omndeni noma abangani bomuntu ohlukunyezwayo bangafaka isicelo se-protection order uma benencwadi ebhalwe ohlukunyezwayo lapho evuma khona ukuthi uyahlukunyezwa ngokwencwadi ebhalwe nguNthabiseng Monareng ethi A Simple Guide To South African Family Law.
Ngiyicela kanjani i-protection order?
Iya enkantolo kamantshi eseduze uphathe i-ID yakho nemininingwane yomhlukumezi, njengekheli lakhe lasekhaya nelasemsebenzini. Phatha nezincwadi zikadokotela, izithombe zokulimala kwakho, ama-affidavits amalungu omndeni wakho, omakhelwane noma ezingane zenu ezaziyo ngokuhlukunyezwa kwakho.
Imantshi izolalela udaba lwakho ibheke nezincwadi ofike nazo. Emva kwalokho izokunika i-protection order yesikhashana.
Yisikhonzi senkantolo noma amaphoyisa anika umhlukumezi i-protection order yesikhashana. Kuyona kubhalwa usuku umhlukumezi okumele avele ngalo enkantolo.
Ngalolo suku, wena nomhlukumezi kumele nivele enkantolo kube yilowo nayilowo abeke uhlangothi lwakhe ngokukaMzolisa Madolo.
Emva kwalokho imantshi ithatha isinqumo sokuthi izoyikhipha yini i-protection order.
Uma umhlukumezi engezi enkantolo, imantshi igunyaza ukuba kusebenze i-protection order yesikhashana.
Uma imantshi isigunyaze lokho, izokhipha nencwadi yokuboshwa komhlukumezi.
Umhlukumezi uzothola ikhophi yencwadi ye-protection order kanye nencwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe. Nawe uzothola ikhophi yakho.
Ithatha isikhathi esingakanani?
I-protection order uba nayo ize ikhanselwe uwena. Uma ufuna ukuyikhansela kumele unike umhlukumezi inothisi ebhaliwe ufake isicelo sokukhansela enkantolo.
Kwenzekani uma umhlukumezi engayithobeli imithetho ye-protection order?
Imithetho ye-protection order kumele ihlonishwe kanti abangayithobeli bahlawuliswa kanzima.
Uma umhlukumezi eqhubeka ekuhlukumeza, iya esiteshini samaphoyisa esakhipha i-protection order. (Uma ungakwazi ukuya khona, iya kunoma yisiphi.)
Hamba nencwadi egunyaza ukuboshwa komhlukumezi ehambisana ne-protection order utshele amaphoyisa ukuthi umhlukumezi akawuthobeli umthetho.
Uma umhlukumezi eboshwa ugqunywa ejele aze avele enkantolo noma axwayiswe anikwe usuku azovela ngalo enkantolo. [z]
Indaba: Kamogelo Sebola.
KONKE OKUMELE UKWAZI
Ngabe kusemthethweni kangakanani ukushada ngokwesiko? Isho ukuthini i- "community of property"? Umuntu udivosa kanjani? Ngabe usithola kanjani isondlo sengane? Iningi labantu eSA alinalwazi ngamalungelo alo ikakhulu uma kukhulunywa ngezithinta imindeni. Isiza lapho incwadi kaNthabiseng Monareng ethi A Simple Guide To South African Family Law (Siber Ink). Inemithetho ethinta imindeni ebhalwe ngolimi olulula oluzwakala kahle. Le ncwadi okumele bonke abantu babe nayo itholakala ezitolo ezidayisa izincwadi kodwa sinamakhophi amahlanu esiphisana ngawo. Ukuze kutonyulwe igama lakho, thumela igama lakho, ikheli nenombolo yocingo yasemini kuleli kheli: BONA/Law Book Giveaway, Box 473014, Parklands, 2121.
EZOTHANDO
