zulu.1957.Jomo
BONA ZULU – December 2005
Ngabe konakelephi kwiCosmos?
indaba nguMARK GLEESON
izithombe ngabeTOUCHLINE PHOTO
Ezenkosi zaphunyuka emlonyeni wezembe lehlathi ngesizini edlule ngoMay, kodwa futhi kubukeka zisengozini njengoba zingayiqalanga kahle isizini entsha…
UJomo uphendula abamgxekayo
IJOMO COSMOS iphinde yabuyela emsileni weligi yePSL nokuyilapho yazithola ikhona nyakenye. Kodwa uJomo ufunga uyagomela ukuthi iqembu lakhe kuzothi kuphela isizini libe selingasalweli ukusinda ezembeni.
“Lisekhona ithemba,” kusho umphathi weCosmos, iqembu lakhe eselake ladliwa yizembe kanye phambilini kodwa labuye laphuma ehlathini ngo-1994.
“Angisiboni isidingo sokuba singenwe amanzi emadolweni ngale sizini. Sigijima ngabafana abancane okusafanele bafunde okuningi.
“Ukungabi nesipiliyoni kwacishe kwasiyisa ehlathini ngesizini edlule, kodwa futhi asinazo izimali zokuthenga abadlali abaningi. Labo abanesipiliyoni esibafunayo, kuze kudingeke ukuba sithole imali-mboleko ukuze sibathole.”
ICosmos isiqinise iqembu layo ngowayengumdlali weBafana Bafana uJimmy Kauleza ovela kwi-Orlando Pirates nomdlali waphambili oliqhamukisa eSenegal uMamadou Diallo, oneminyaka engu-33 osedlalele amaqembu amaningi emazwenikazi amane.
UJomo ugcizelele ukuthi amathemba akhe uwabeke kubadlali ababili abake badlala kule kilabhu. “Kungakho ngiphinde ngalanda uTeboho Mokoena noHelman Mkhalele,” kusho yena. “Ngiyazi ngeke bangiphoxe.”
UMokoena oneminyaka engu-31 waphinde wajoyina iCosmos emva kokuhlala isikhashana kwiMamelodi Sundowns. UMkhalele naye usebuyele kuleli emva kweminyaka elishumi edlala eTurkey.
“Ungumholi weqiniso okwaziyo ukukhuthaza abadlali abasebancane. Ungumdlali webhola oyisibonelo esihle,” kusho uJomo echaza ngalo mdlali oneminyaka engu-36.
USono uthi iqembu lakhe iCosmos, elingazange liwine nowodwa umdlalo emidlalweni eyisishiyagalombili yokuqala, lizimisele ukuthola indawo emqhudelwaneni weSupa Eight Cup ngesizini ezayo.
“Sifuna ukuqeda kule sizini singelinye lamaqembu aphezulu ayisishiyagalombili.”
USono ubahleka usulu labo abathi sekuyisikhathi sokuba azibeke phansi izintambo zokuqeqesha.
Njengomnini weqembu, uSono uthi akakholwa ukuthi ukushintshwa komqeqeshi kungaba yikhambi ekungayiqalini kahle isizini.
USono, obeqeda iminyaka engu-50 ngoJuly, nguye umqeqeshi osekuphele isikhathi eside kwiligi eqeqesha iqembu elilodwa. NgoJanuary odlule iCosmos yayidlala umdlalo ka-400 iqeqeshwa nguye kanti usebe kulesi sikhundla amasizini angu-12 edlule.
Ebuzwa ukuthi yikuphi lapho ebona kubaluleke khona ukuba iqembu lakhe lenze ngcono kule sizini uthe: “Kubalulekile ukuba senze ngcono, kungakho sithi sizimisele kakhulu kule sizini. Kodwa lokhu angikwenzeli mhlawumbe ukuzibonakalisa kwabanye abantu.”
USono wasungula iCosmos ngo1982 ngesikhathi ethenga iqembu leHighlands Park kuRex Evans maqede wabeka uRoy Mathews njengomqeqeshi waliqeqesha leli qembu iminyaka engu-11 kwaze kwaba iCosmos idliwa izembe ekupheleni kwesizini ka-1993.
USono wathatha izintambo zokuqeqesha ngo-1994, waphumelela ukukhipha leli qembu ehlathini. Kusukela ngo-1995 leli qembu selidlale imidlalo cishe engu-400 ngaphansi kukaSono.
Ngo-2002, iCosmos yawina iCoca-Cola Cup kwathi ngesizini edlule yawina iSuper Eight Cup, kanti uSono ngokwakhe useke waba ngumqeqeshi weqembu lesizwe kathathu kubandakanya amafayineli eWorld Cup ka-2002 eSouth Korea waba ngomunye wama-runners-up emqhudelwaneni we-African Nations Cup ngo-1998 eBurkina Faso. [z]
KWESOBUNXELE: UJomo akacabangi ukuthi sekuyisikhathi sokuba abeke phansi izintambo zokuqeqesha.
BONA ZULU – December 2005
“Lokhu ngeke ngikwenzele ukuzibonakalisa kwabanye abantu,” kusho uJomo.
u
“Lokhu angikwenzeli ukuzibonakalisa.”
