ZULU.194.muthi
nguFORCE KHASHANE
28 BONA ZULU - February 2007
UMA usunolwazi lokuthi yini embi ezokwehlela ungenza imizamo yokukunqanda lokho ukuze ungazitholi ususenkingeni. Impilo iba lula kakhulu uma ube nenhlanhla yokuthola umuntu ozobona ukuthi ikusasa likuphatheleni.
Angikhulumi ngesangoma lapha - kodwa ngikhuluma ngomuntu nje onaleso siphiwo.
Kodwa kuvame ukuba abangani nemindeni yethu bangabashayi mkhuba labo bantu.
Kukhona abanesiphiwo sokuboniswa ngekusasa - lokhu kulufuzo kanti kungenzeka nasenganeni eneminyaka engu-10.
Kodwa abantu abadala bavame ukungazinaki izinto ezishiwo yizingane.
"Seyiqalile ke inyanga yasekhaya ithi iboniswe kushone omunye wethu," okunye lokho abakusho bengenandaba namazwi engane.
Abagcini ngokuphupha kuphela
Elinye iphutha esilenzayo wukuthi sisuke sicabange ukuthi umuntu onjalo uzoba yisangoma. Kodwa akunjalo.
Lesi siphiwo asimbuleki ngamaphupho kuphela kodwa abanaso bambulelwa izinto ngisho nasemini.
Omunye umuntu wesimame oshadile uthi uphatheke kabi ngoba abazali bakhe, abafowabo nodadewabo kanjalo nomyeni wakhe osekuphele iminyaka engu-10 eshade naye "abasiboni" isiphiwo sakhe.
Ngokusho kwakhe, uthi umuntu ogulayo usuke ezoshona uma eke waqala ukuya ezinsukwini zakhe (lona wesimame) emva kokumbona.
Uthi lokho kuqhubeka nangasemva kokuba eseshonile lowo muntu.
Nakhu okunye akusho... "Ngangisohambweni lwezinsuku ezimbili ngilibangise eFree State ngesikhathi ngiphathwa yinzululwane nenhliziyo encane," kubhala yena.
"Ngathatha isinqumo sokuphindela ekhaya ngaphambi kwesikhathi engangihlele ukubuya ngaso - ekufikeni kwami ekhaya ngabamba umyeni wami oqotsheni nentombi."
Ukugula kwakhe kwakubika ukuthi kukhona okungahambi kahle ekhaya.
Kubonakala ebusweni
Omunye umuntu wesimame uthi wubuso bakhe obumtshelayo uma kukhona okungahambi kahle.
"Uma kuphela isonto kudikiza iso lami langakwesobunxele kusuke kukhona ozodlula emhlabeni emndenini wami," kusho yena.
"Uma kudikiza iso langakwesokudla ngisuke ngazi ukuthi kuzoshona umngani wami.
"Lokhu akungiphathi neze kahle ngoba angikwazi ukukulawula.
"Sengike ngaxoxisana nabantu abambalwa ngalokhu abanye bathi mangiyaluzise uhlanga lomshanelo ngaphambi kweso elidikizayo kodwa lokho akusizi.
"Sengibona ukuthi kungcono kona ngazi kusenesikhathi uma kukhona umuntu osondelene nami ozoshona.
"Ngingaphunyuka kanjani kulesi siphiwo esinjena""
Ngeshwa akukho okungamsiza kule nkinga. Uyoze afe naso isiphiwo sakhe. Izangoma ziyabhula kanti lokho sezikuthathisa okwento eyingxenye yempilo yazo.
Owesimame okhala ngokuya ezinsukwini zakhe angakuthola ukwelashwa ngekhambi umkhurushane noma umositsane.
Angahlanganisa lawa makhambi awapheke abile athele uhhafu wenkomishi yamanzi noma apheke ikhambi elilodwa kulawa esiwabalile. Emva kwalokho makapheke iphalishi athele lo muthi kulona alidle kabili ngosuku kuze kuphele isonto.
Kukhona nenkolelo yokuthi abantu baboniswa izindaba ezimbi kuphela.
Lokho akusilo iqiniso.
Kukhona owesilisa owathi uma kuluma isandla sakhe sangakwesokudla usuke azi ukuthi uzothola imali kanti uma kuluma esangakwesobunxele usuke ezothola incwadi. [z]
Ezemithi yesintu
Ukuboniswa
ngokuzokwenzeka
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
