zulu.1938.coincidence
Amadlozi akhuluma ngokwahlukile
SONKE sihlale sizwa ngezinto eziyindida nezingajwayelekile ezenzekayo nezishiwo ngabanye abantu. "Kokunye uthole ukuthi kuqondana izinto ngendlela edidayo." Ngabe lokhu kusuke kwenziwa yini"
Mhlawumbe lo mbuzo ungaphenduleka kangcono uma singenza isibonelo. Ake sithi uphupha umngani wakho osekuphele iminyaka wagcina ukukhuluma naye bese kuthi kusasa uyavuka umshayela ucingo. Lokhu ngeke sasho ukuthi yinto eyenzeke ngendlela yokuqondana kwezinto ngoba uqale wayicabanga wase wenza imizamo yokuba uxhumane naye.
Kodwa uma uphupha ngomngani osunesikhathi wagcina ukumbona - bese kuthi ngelanga elilandelayo akushayele ucingo leyo yindida ngempela.
Ngamanye amazwi lokhu kuchaza ukuqondana kwezinto ekubeni lezo zinto zingenakho ukuhlobana.
Esinye isibonelo - uhleli uyacabanga ukuthi umama wakho uphila kanjani - emva kwesikhathi kungena ucingo oluphuma kuye. Lokhu kuyadida ukuthi kwenzeka kanjani ngoba wena akukho okwenzile ukwenza umama wakho ukuba akushayele ucingo.
Iningi labantu liye licabange ukuthi lokhu mhlawumbe kuphathelene nokusebenza komqondo ngokulawulwa amadlozi. Lokhu akusiyo into ehlale yenzeka njalo empilweni yomuntu.
Nakhu okunye okuzokumangaza uma ukuzwa...
Owesimame eNgilandi washona ngesikhathi ihhashi lakhe limchitha limshaya ngekhanda etsheni lesikhumbuzo elaliseduze nendlela.
Lelitshe lesikhumbuzo kwakungelombhishobhi owafela kuyo le ndawo - ngesikhathi naye ihhashi lakhe limchitha.
"Ngisebenza ekhaya labantu abadala," kusho kuchaza omunye wesimame. "Ngomhlaka 12 February 2003 sasisebenza kwelinye ibhilidi ngesikhathi sithola i-albhamu yama-postcards amadala.
"La makhadi kwakungaweminyaka ephakathi kuka-1911 no-1918. Sethuka ngesikhathi sithola ukuthi ikhadi lokuqala esalivula lalibhalwe usuku olufanayo umhlaka 12 February kodwa unyaka kungu-1913!"
Ngesikhathi ehambele kwenye indawo uGeorge Bryson wafike wabhukha ehhotela. Emva kokusayina irejista wanikwa ukhiye wendlu engunombolo 307 watshelwa ukuthi kunencwadi yakhe. Lokhu kwammangaza ngoba wayezifikela nje kodwa wanikwa incwadi eyayibhalwe uMr George Bryson, room 307.
Le ncwadi kwakungesiyo eyakhe, kwakungeyomuntu owayesanda kuphuma kule-room yasehhotela engunombolo 307 - naye okwakunguGeorge Bryson.
Ngesikhathi u-Erskine Ebbin waseHamilton eCanada, eshayiswa yitekisi imbulala ehamba ngesithuthuthu sakhe ngo-1975, umndeni wakhe wethuka kakhulu.
Ngalo lelo langa onyakeni owendulela lowo, umfowabo ka- Ebbin uNeville naye washayiseka ehamba ngesithuthuthu sakhe washona.
Zombili lezi zelamani zashona zineminyaka engu-17. Zashonela emgwaqweni owodwa ekubeni itekisi eyadala lezi zingozi zombili yayishayelwa wumuntu oyedwa - ithwele umgibeli ofanayo.
Owesilisa wase-Argentina owayeboshiwe waphuma umkhankaso wokuyofuna uyise ayengakaze ambone. Kulokhu waqasha umseshi ukuba amenzele lo msebenzi. Emva kwezinyanga ezimbalwa lo mseshi waphumelela ukuthola uyise walo mlisa - nguye (ubaba wakhe) owayephethe kuleli jele lapho lesi siboshwa sasigwetshwe khona.
Ngo-1858, uRobert Fallon owayengumdlali we-poker wadutshulwa wafa. Wayekade ewine imali engu-$600 ngokukhwabanisa.
Emva kokufa kwakhe kwadingeka ukuba kube khona ozothatha indawo yakhe asebenzise nemali kaFallon engu-$600.
Ngesikhathi amaphoyisa efika ezophenya icala lokubulala, lo mdlali omusha wayesephendule u-$600 waba ngu-$2 200 ngenxa yokuwina. Amaphoyisa athi imali engu-$600 ayinikwe abomndeni kaFallon.
Kulapho amaphoyisa athola khona ukuthi lo mdlali omusha kwabe kuyindodana kaFallon agcina ukubonana nayo eminyakeni eyisikhombisa.
Intatheli yangena ehhotela yavula kwelinye lama-drawer yathola izinto okwakungezomlisa ogama lakhe ngu-Harry Hannin - owayengumngani wayo le ntatheli.
Kwathi emva kwezinsuku ezimbili ngaphambi kokuba atshele uHannin ngezinto azitholile, le ntatheli yathola incwadi ephuma kuHannin.
Encwadini umngani wakhe wathi ngesikhathi ehleli ehhotela eParis - wathola uthayi wale ntatheli.
UHenry Ziegland ngo-1883, wehlukana nentombi yakhe eyathatha isinqumo sokuzibulala ngenxa yokukhathazeka.
Umfowabo ntombi yakhe wadinwa kangangoba
wazingela uZiegland wamdubula.
Umfowabo ekholwa wukuthi ubulele uZiegland, wathatha isibhamu wazidubula. Ngeshwa uZiegland wayengazange afe.
Inhlamvu yamgunguluza ebusweni yadlula yaye yabhajwa kwesinye isihlahla.
UZiegland waba nenhlanhla. Emva kweminyaka embalwa, wacabanga ukusinquma isihlahla esinenhlamvu asinda kuyo. Ngenxa yobunzima bomsebenzi wokusinquma, wagcina ebone kungcono ukusiqhumisa ngeziqhumane.
Inhlamvu eyayibambeke esihlahleni yaphuma ngesikhulu isivinini ngenxa yokuqhuma yaye yayoshaya uZiegland ekhanda washonela khona lapho.
Owesimame owayaziwa ngokuthi ngu-Anne Parrish wayezibhekela izincwadi esitolo esidayisa amabhuku
ngesikhathi ethola incwadi esihloko sithi Jack Frost And Other Stories.
Wayithatha le ncwadi wayikhombisa umyeni wakhe emtshela ukuthi
ngenye yezincwadi ayithanda eseyingane.
Umyeni wakhe walithatha leli bhuku walivula wathola ukuthi ekhasini lokuqala kubhalwe ukuthi Anne Parrish. Kwakuyibhuku lakhe.
lIndoda yaseSoweto yadayisa imoto yayo endala ngoba isithenge entsha. Emva kwamasonto ambalwa lo mlisa washayisana nenye imoto eyabe ishayelwa ngowesimame nathola ukuthi yimoto yakhe endala ayidayisa emva kokuthenga entsha.
Abanye abantu bakholwa wukuthi ukuhlangana kwezigameko ezehlukile zijike zifane kukhombisa ukuthi uNkulunkulu, amadlozi nezinye izinto - bayakwazi ukudala isimo sokuhlekisa abantu.
Akusho ukuthi izinto ezifana nalezi zenzeka ngoba umuntu eqalekisiwe - kodwa ziyisikhumbuzo sokuthi empilweni kunezinhlelo ezithile zokufana kwezinto ezithile.[z]
BONA ZULU - March 2006
Ukudideka okudalwa wukufana kwezigameko
indaba ngu-ISAAC KWELA
isithombe nguCLIVE THOMPSON
Zikhathi zonke sihlale sizwa ngokwenzeka kwezinto ezihlukene kodwa zijike zibe yizigameko ezicishe zifane - ngabe lokhu kusho ukuthini"
BONA ZULU - March 2006
