zulu.1925.legaladv
YAZI AMALUNGELO AKHO
Kule nyanga: ukuthola ukwaneliseka ngendlela ye-arbitration nesidingo sokubaluleka komshwalensi wemoto
MAYELANA NE-ARBITRATION
Ezinyangeni ezedlule ngathenga imoto ngasese. Ngenza ucwaningo kuqala ngaqiniseka ukuthi owayeyidayisa kwakungeyakhe enelungelo lokuyidayisa.
Sadweba isivumelwano se-hire purchase nommeli womdayisi. Ngasayina, ngakhokha idiphozi ngathatha imoto.
Konke kwahamba kahle nami ngikhokha kahle nyanga zonke. Emva kwalokho ngathola incwadi iphuma komunye ummeli.
Incwadi yayithi i-client lakhe lathenga le moto ngaphambi kwami.
Lokho kuchaza ukuthi owangidayisela wayengesiye umnini wayo futhi engenalo ilungelo lokuyidayisa.
Ngahamba ngayobonana nomdayisi wangitshela ukuthi uzosilungisa isimo, kodwa wehluleka ukukwenza lokho, akafuni nokungibuyisela imali.
Ummeli engakhuluma naye wathi kukhona umthetho wezixazululo zesivumelwano seHP nokuthi ngeke ngifake isimangalo sokubuyiselwa imali kuze kube umxazululi (arbitrator) usekhiphe isinqumo. Angazi kungani lolu daba kudingeka luye kubaxazululi futhi angiyiqondi lenqubo ye-arbitration.
ISELULEKO SOFEZELA
Lena yindlela yenkantolo yokuxazulula izinkinga eyaziwa nge-arbitration iqhutshwa ngokuba abaxabene noma abenza isivumelwano ngasese, basenze ngaphandle kokuba baye enkantolo.
Umuntu ozimele owaziwa ngokuthi yi-arbitrator nguye odlala indawo yejaji, athathe isinqumo. Akushoyo kuthathwa njengesinqumo senkantolo i-"Order Of Court".
Lokhu kunika ovunwe wumxazululi ukuba enze incwadi ngokusemthethweni yokubuyiselwa imali yakhe noma agcine into akade eyithengile noma enze lokho okuyisinqumo esithathwe ngumxazululi.
Ukusetshenziswa kwendlela ye-arbitration akusho ukuthi ngeke ingabandakanywa inkantolo.
Umuntu ommangalelayo angacela inkantolo ihlehlise icala kuze kube sekwenziwe i-arbitration.
Uma lokho kwenzeka, nguwe okufanele ukhombise inkantolo ukuthi kungani le ndlela ye-arbitration ingesona isisombululo kobhekene nakho.
Lokho ngeke kube lula ngisho ngabe isimo sinjani. Inkantolo iyohlale iphoqelela isivumelwano sokuxazulula ngendlela ye-arbitration - ngoba ayichithi isikhathi senkantolo.
Ngisho ngabe ucabangani - kodwa uzodinga ummeli.
AbeLegal Aid Board ngakini bazokusiza uma ungenayo imali.[z]
UTHINI UMTHETHO
KUBUHLUNGU
Imoto yami yangibiza R75 000 nami ngayithathela umshwalensi wayo le mali. Emva kwezinyanga eziyisithupha, ngahlangabezana nengozi. Ukukhanda kwabiza R30 000. Inkampani yomshwalensi yathi izokhokha 75%, mina ngikhokhe imali esele (excess).
Ngikhokha kanjani nginomshwalensi" Lokhu akusilo neze iqiniso.
ISELULEKO SOFEZELA
Kuhle ukuba noshwalensi wemoto - ukube wawungenawo kwakuyodingeka uzikhokhele ngokwakho yonke imali engu-R30 000! Okubuhlungu kakhulu ukushayela imoto engenawo umshwalensi nokukhombisa ukuba budedengu nokuyinto engakulimaza emalini.
I-EXCESS
I"Excess" yimali esele kwekhokhiwe lapho usebenzisana nomshwalensi okudingeka uyikhokhe ngokwakho lapho kukhandwa khona imoto yakho. Leyo mali esele oyikhokha ngokwakho, izinkampani eziningi ziye zilokhu zikuthembisa ukukubuyisela kodwa uma ubheka ngokwe-policy ubone ukuthi azidingi ukukwenza lokho. Ngeke futhi uyiphoqelele inkampani ukuba ikubuyisele imali. Phezu kwezethembiso, kodwa ekugcineni ziyazithulela nawe uze ukhohlwe.
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 32083, Mobeni, 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Senze yonke imizamo ukuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
