zulu.1918.soccercoach_NEW
OKU-SHA
Kumqoka ukuqeqesheka
UKUFUNDISA indodana yakho ukuthi ibhola lidlalwa kanjani kubandakanya okungaphezulu kokuyinika ibhola ezolikhahlela, kusho uMike "Tse-Tse Fly" Ntombela owayengumdlali webhola kwiMamelodi Sundowns. Yifundise ugade ingazenzi izinto ezingafanele.
Sicele uMike ukuba asinike izeluleko. Uthe yifundise iqala ngqa ukuthinta ibhola ukuthi yini okumele iyenze.
Lokhu kungamakha noma kumbulale umdlali. Okusho ukuthi uma ungafuni ukuzwa umfana wakho ethethiswa, mfundise ukuthi ibhola ulibamba kanjani uma eselitholile. [z]
Indaba: Force Khashane
UBonginkosi Gonco nobaba wakhe uJohn Mkhabela.
UTHI UBUWAZI
Iningi labadlali liqala ukwenza imikhuba emibi ebholeni lidlale kabi uma seliphakathi kweminyaka emihlanu kuya kwengu-11. "Abafana kuthi lapho beqambe behlanganisa iminyaka engu-12 kuya ku-15 kube sekudaleke umonakalo omkhulu kakhulu," kwexwayisa uMike "Tse-Tse Fly" Ntombela.
Ubaba ungumqeqeshi obaluleke kakhulu endodaneni yakhe ngoba unamandla okuyifundisa izinto okumele izenze. Kusukela kulolu shicilelo, siqalisa uchunge lokuqeqeshelwa ibhola nokuyilapho obaba besiza ngokuqeqesha amadodana abo ekutheni athole ulwazi ngokudlala ibhola
UMA NIQALA
Kulokhu okulandelayo, khetha indawo endlalekile. Kungaba yigceke noma indawo ebushelelezi kahle.
1Ubaba nendodana mabame bagqagqane ngo-5m. Indodana mayikhahlele ibhola ngengaphakathi lonyawo ukuze ligingqike kancane liye kubaba.
2 Ubaba naye makalibambe ngalolo hlangothi lonyawo alikhahlele kancane aliphindisele endodaneni.
3 Bobabili mabenze isiqiniseko sokuthi ibhola liyafika komunye. Khumbula ukuthi usuke "ulibambe kahle" uma selikuwe. Ibhola malinganyakazi ungakafuni ukuthi linyakaze.
4 Ukukhahlela ibhola nilibambe kumele nikwenze okungenani kahlanu ngonyawo ngalunye. Makube yikahlanu ngonyawo lwesokudla, kube yikahlanu ngolwesobunxele, kube yikahlanu ngolwesokudla niqhubeke njalo. Kumqoka ukukhahlela ngezinyawo zombili!
QAPHELA: Ingane siyifundisa ukubamba ibhola uma ineminyaka ephakathi kuka-5 no-7. Akusikho ukukhahlela ibhola kakhulu okubalulekile lapha!
Abafana abaneminyaka ephakathi kuka-8 no-9, asebake bafundiswa ukukhahlela nokubamba ibhola, ungabakhahlelela kakhulu.
UKUQEQESHEKA EBHOLENI
Lapha uBonginkosi usikhombisa okungafanele ukwenze uma ubamba ibhola. Ulibamba ngokubeka unyawo lwakhe phezu kwalo, ngale ndlela lizophunyuka. Libambe ngengaphakathi lonyawo ungalisusi ungakafuni ukulisusa.
ISELULEKO
