zulu.1907.kids
t
Inkukhu eyehla esiphundu
BONA ZULU – March 2008
3. Enkomishini hlanganisa ndawonye imajarini esele kanye nofulawa ukwenza i-paste. Bondela phakathi kancane kancane kuze kushube uketshezi. Kuyeke kugxabhe imizuzu emihlanu.
Kubiza: R46,89
Kwanela abangu-6
Quick And Easy Chicken Savoury Tart
4 amaqanda
1 u-anyanisi oqotshiwe
2 izinkomishi (500ml) ubisi
usawoti nophepha
1 inkomishi (250ml) inyama yenkukhu ephekiwe noma efuthuziwe yaqotshwa
2 izipuni (30ml) i-cake flour
2 izinkomishi (500ml) ushizi ogreythiwe
1. Endishini shaya amaqanda ufake izithako eziseleyo.
2. Kuthele kwi-ovenproof dish egcotshiwe bese ukubhaka kuhhavini ongu-180oC imizuzu engu-45. Kuseve nesinkwa nosaladi.
Kubiza: R18,78
Kwanela abangu-6
Tropical Chicken
2/3 inkomishi (165ml) ufulawa
2 ama-teaspoon (10ml) i-Aromat
1/4 i-teaspoon (1ml) uphepha omnyama
1,5kg izingcezu zenkukhu
3 izipuni (45ml) uwoyela
1/4 inkomishi (60ml) i-chutney
2 izipuni (30ml) ujamu i-apricot
1 inkomishi (250ml) i-tropical fruit juice
1. Endishini hlanganisa ndawonye ufulawa, i-Aromat nophepha omnyama bese ugcoba ngakho izingcezu zenkukhu.
2. Epanini shisa uwoyela uthose inkukhu ize ibe nsunjwana uyihlele kahle kwi-casserole dish.
3. Kujeke hlanganisa ndawonye i-chutney, ujamu nojusi. Kuthele enkukhwini ukubhake kuhhavini ongu-180oC imizuzu engu-45. Kuseve no-peas nepapa.
Kubiza: R38,15
Kwanela abangu-6 [z]
amaresiphi nezindlela zokuhlela ngabeGEMINI FOOD PROMOTIONS
isithombe nguKIM THUNDER
Soccer Balls And Shoe Laces
Meatballs
500g i-minced beef
1 u-anyanisi oqotshiwe
usawoti nophepha wokunonga
1 iqanda elishayiwe
2 ama-teaspoon (10ml) uwoyela
Sauce
1 x 410g utamatisi osethinini ne-onion mix
1 i-chicken stock cube
2 izipuni (30ml) i-Mrs Balls Chutney
Spaghetti
250g i-spaghetti
1 ilitha yamanzi
usawoti
1. Endishini hlanganisa ndawonye zonke izithako zama-meatball ngaphandle kwawoyela. Kubumbe kube ngamabhola amancane.
2. Epanini thosa ama-meatball imizuzu engu-5-8 ulokhu ukuphendula kuze kuphekeke kahle bese ukubeka eceleni.
3. Kwelinye ipani hlanganisa ndawonye izithako ze-sauce. Kugxabhise imizuzu engu-6-7 noma ingxube ize ishube kancane.
4. Kwelinye ipani bilisa amanzi ufake i-spaghetti nosawoti. Kubilise imizuzu engu-10-12 noma i-pasta ize ithambe bese ukucwenga.
5. Faka ama-meatball ne-sauce kwi-spaghetti ukuhlanganisise bese ukuseva ngokushesha.
Kubiza: R29,78
Kwanela abangu-6
Pirates’ Fingers And Chips
2 izipuni (30ml) ufulawa
usawoti nophepha
2 ama-hake fillets (noma enye inhlanzi emhlophe), esikwe imicu engu-2cm
1 iqanda
1/2 inkomishi (125ml) izimvuthu zesinkwa
2 amazambane
1/4 inkomishi (60ml) uwoyela
1. Shisisa uhhavini ube ngu-200oC. Endishini hlanganisa ndawonye ufulawa, usawoti nophepha. Cwilisa inhlanzi engxubeni kafulawa.
2. Endishini shaya iqanda ucwilise inhlanzi eneqanda.
3. Faka izimvuthu zesinkwa esikhwameni esiwupulasitiki. Faka imicu ecwilisiwe yenhlanzi uyifake kulesi sikhwama bese usixukuza kancane. Hlela le micu kahle kwi-baking tray. Kuqandise efrijini ngesikhathi ulungisa ama-chips.
4. Sika izambane ngalinye izingcezu ezingu-8. Zibhulashe ngowoyela bese uzihlela kahle kwi-baking tray.
5. Thosa ama-chips imizuzu engu-35-40 noma aze abe nsunjwana. Emva kwemizuzu engu-20 gudluza inhlanzi efrijini, ukuvuvuzele ngowoyela osele ukubhake imizuzu engu-15-20 kanye namazambane.
Kubiza: R15,78
Kwanela abangu- 2
Crrr-crunchy Crunchies
1 1/4 izinkomishi (310ml) ufulawa
1 1/4 izinkomishi (310ml)
i-breakfast oats
1 1/4 izinkomishi (310ml)
i-dessicated coconut
3/4 inkomishi (185ml) ushukela
4 ama-teaspoon (20ml) i-syrup
1/2 inkomishi (125ml) imajarini
1 i-teaspoon (5ml) i-bicarbonate of soda
3 izipuni (45ml) amanzi abilayo
1. Shisisa uhhavini ngezinga elingu-150oC. Endishini hlanganisa ndawonye ufulawa, i-oats, u-coconut noshukela.
2. Epanini ncibilikisa i-syrup nemajarini. Kujeke hlanganisa ndawonye i-bicarbonate of soda namanzi. Faka engxubeni yemajarini bese ukuhlanganisa nezithako ezomile.
3. Cindezela ingxube kwi-baking tray ukubhake imizuzu engu-20. Sebenzisa ummbese ukuze ucindezele kahle imiphetho esezinhlangothini lapho zibukeka zikhukhumala.
4. Uma sekuthanda ukuba nsunjwana kugudluze kuhhavini bese ukusika izikwele. Cisha uhhavini bese ubuyisela ama-crunchies kuhhavini imizuzu engu-10 ukuze ome. Kuyeke kuphole ngaphambi kokuba ukususe ethreyini.
Kubiza: R15,89
Kwanela abangu-16
Surprise Jacket Potatoes
4 amazambane
1/4 inkomishi (60ml) imajarini
usawoti nophepha
4 izingcezu zikapholoni eziqotshiwe
1/2 inkomishi (125ml) ushizi ogreythiwe
1. Shisisa uhhavini ngezinga elingu-200oC. Bhoboza amazambane yonke indawo ngemfoloko bese uwasonga nge-foil. Kubhake ihora elilodwa noma aze athambe ngaphakathi. (Mawakhishwe ngumuntu omdala kuhhavini asize nasekususeni i-foil.)
2. Uma sekupholile, sika amazambane abe ngohhafu. Ngesipuni kopolota okungaphakathi. (Qikelela kungalimali isikhumba samazambane.)
3. Endishini bhuca amazambane ngemfoloko. Faka imajarini, usawoti nophepha ukuhlanganise kahle.
4. Beka izikhumba kwi-baking tray. Hlukanisela izikhumba upholoni.
Faka ngesipuni amazambane abhuciwe, uvuvuzele ngoshizi.
5. Kubhake imizuzu engu-15 ushizi uze uncibilike.
R12,90
Kwanela abangu-4 [z]
Soccer Balls And Shoe Laces.
Okuphekeka kalula
kwezingane
Amaresiphi amnandi angenziwa yizingane...zilekelelwa ngomama
BONA ZULU – March 2008
