zulu.1904.yourworld_overseas
Lo mculi useboshwe cishe izikhathi eziyishumi kusukela angenisa ekubeni ngum'rapper ngo-1992. Useke wabhadla esitokisini ngamacala axhumene nokubulala nawokutholakala nezikhali ezingekho emthethweni nezidakamizwa. Lokhu kuSnoop akwenziwanga wudumo lwakhe nemali. Wayeyilungu leqembu lezigelekeqe e-high school nokwathi ekuqedeni kwakhe waboshelwa ukutholakala ne-cocaine waboshwa iminyaka emithathu ejele. Wagcina lapho ukuboshwa.
Abephula umthetho eHollywood
OSAZIWAYO BAPHESHEYA
Uma uNaomi ehlela ukushiya phansi ekukhangiseni kufanele ashaye isibhakela. Usevele enkantolo izikhathi ezingu-7 phakathi kuka-2000 no-2008 ngokungakwazi ukubamba ukudinwa kwakhe nokushaya onobhala bakhe, abamsiza endlini, umdlali wamafilimu, nezikhulu zamaphoyisa imbala. Nabammeli bakhe banqamula ukuxhumana kwabo naye ngoba becabanga ukuthi uyingozi kulabo abaseduze kwakhe. Wagwetshelwa ukwenza umsebenzi womphakathi, nokuhambela izifundo zokukwazi ukubhekana nokudinwa wakhokha imali engu-R35 000. Ubani owaziyo, mhlawumbe kukhona azomhlukumeza.
Kwi-hip-hop kubukeka sengathi ukubaluleka komculi kukalwa ngezikhathi aseboshwe zona neminyaka asayihlala ejele - pho lokho kumenzelani u-Akon osehlale ejele iminyaka emine nohhafu" Ngabe lokho kumenza isihlabani" Akunjalo! Ukuboshwa kwakhe kungenzeka kwamlethela udumo ngoba kulapho abhala khona ingoma yakhe ethi Locked Up kodwa ayikho into emnandi ngokuboshelwa ukuba ngumholi wabantu abantshontsha izimoto. Iqembu lakhe lalimandla ezimotweni ezifana nama-Porsche nama-Lamborghini zidayiselwa osaziwayo nabadayisa izidakamizwa, Wayewabalekela amaphoyisa ngezimoto ezinejubane.
Umculi we-rap uTI okhonzwe intsha wabona kungcono ashintshe impilo yakhe. Lokhu kulandelwa ukuboshwa kwakhe ngo-2007 ngokuzama ukuthenga izibhamu ezizishintshayo ezingekho emthethweni nezinye izinhlobo zezikhali. Lo mculi we-hip-hop wagwetshwa unyaka nosuku ejele ngoMarch kulo nyaka wacelwa ukuba akhokhe inhlawulo. Siyethemba abalandeli abancane bazobona ukuthi ubugebengu abukhokheli.
Le ntokazi yaqamba amanga enkantolo ngemizamo yokuvikela abangani bayo ababethinteka esigamekweni sokudubulana ngo-2001 ngaphandle kwesiteshi sokusakaza eManhattan. Naye lo m'rapper wagwetshwa unyaka nosuku ejele ngo-2005. "Ngizisola mina ngezenzo zami. Ngafakaza ngokungamanga ngazi ukuthi lokho akukuhle njengomuntu omeSabayo UNKULUNKULU. Lena iyona into enzima esengake ngedlula kuyona." Namuhla lo mculi okhonze ukuhlinzelwa ukushintsha ukubukeka kwakhe, usengabhekana namacala ezefeshini, kodwa lokho sikushiyela amaphoyisa aqondene nakho.
Izihlabani ezichitha isikhathi esiningi enkantolo kunokugqama
Indaba: Ntokozo Maseko Izithombe: GalloEt" Ex nondet
Umhlaba wethuka uzwa ukuthi izithandani uChris noRihanna behluleka wukufika emcimbini wamaGrammy ngoFebruary kulo nyaka ngoba uBrown washaya intombi yakhe. Lo mculi (20) wengoma ethi Kiss Kiss waziyisa yena emaphoyiseni eLos Angeles wabekwa icala lobugebengu waphuma ngebheyili ka-R390 000. Wavuma ukuthi wamshaya uRiri oneminyaka engu-21. Wasinda ekuboshweni bayalelwa ngokuba bangalokothi basondelane. UChris waphoqelelwa ukuba ayokwelulekwa ngochwepheshe ngezodlame lwasekhaya nokuba enze umsebenzi womphakathi.[z]
