zulu.1897.yourstories_dating
UNGATHANDI MUNTU
USLINDILE uthi kwase kuphele iminyaka emibili engenamuntu athandana naye ngesikhathi behlangana eminyakeni engu-12 edlule. Wayengaqashiwe kuyimi engimnakekelayo ngokwemali.
Emva konyaka sithandana, wakhulelwa saze sethembisana. Ngesikhathi ekhulelwe, wangitshela ukuthi akazange ehlukane nesoka lakhe laphambilini. Inkinga wukuthi lalisejele nokwenza bangaxhumani.
Ngamdinelwa ngokungangitsheli lokhu ngesikhathi sibonana okokuqala, ngambuza ukuthi uzokwenzenjani lapho liphuma, wathi selinezinye izintombi ngeke esakhathazeka.
Emva kokuzalwa kwengane yethu sahlala ndawonye. Eminyakeni emibili eyalandela wanyamalala amasonto amathathu. Lokhu kwangiphatha kabuhlungu kangangoba akukho lapho engingamfunanga khona, ngishayela nocingo lwakhe kodwa luvaliwe, ngambika nasemaphoyiseni njengodukile.
Ngenhlanhla umngani wakhe wangincinza indlebe engitshela ukuthi ukuphi. Le ngoduso yami yayiseSebokeng nesoka layo seliphumile ejele.
Umngani wanginika ikheli ngacela amaphoyisa angiphelezele. Samthola ehleli nesoka lakhe wathi akasangithandi. Wathi anginakekele ingane yethu ngoba leli soka lakhe ngeke likumele ukondla ingane yenye indoda. Ngathi noma ngikhala wangaba nandaba.
Kungakapheli isikhathi esingakanani, isoka lakhe laphinde laboshwa ngokubamba inkunzi kuhlonyiwe. Wabuya wazongincenga ukuba ngimbuyise.
Lokhu kwangithatha isikhathi, wagcina esebuyile. yaqhubeka impilo nami ngicabanga ukuthi izinto zizokuba ngcono - ngaze ngamlobola.
Saba nengane yesibili eminyakeni emibili eyedlule. Angizange ngibuye ngicabange ukuthi uzophinda angishiye.
Ngonyaka odlule isoka lakhe lakhululwa futhi emva kweminyaka emihlanu, waphinda wangishiya nezingane zethu wabuyela kulona.
Wangitshela emakhaleni wathi ubuyela endodeni emphathisa okwendlovukazi nemenza angabi nomzwangedwa.
Ngazama ukuzibulala ngehluleka. Ngangilokhu ngizibuza kungani engishiya nezingane ekhaya lethu elinemfudumalo ayohlala nomgulukudu emjondolo.
Emva kwezinyanga ezinhlanu wakhulelwa kuleli soka lakhe. Ngeshwa laphinde laboshwa kwadingeka ukuba ayohlala kubo nomama wakhe.
Wayengithumelela amaSMS ethi wayeziphatha kanjena ngoba ethakathiwe. Kulokhu ngashaya phansi ngonyawo ukuthi ngeke ngize ngimbuyise, njengoba wayesenengane
yomunye umuntu.
Sekuphele unyaka mina nezingane zami sizihlalele kahle ngaphandle kwakhe.
Sengizinikele ekukhuliseni zona ngethemba lokuthi mhlawumbe ngizomthola ozoba ngumama
onothando kuzona.[z]
Indaba: Kamogelo Sebola
EZOTHANDO
OWESIMAME/OWESILISA
INDABA KA-ANDREW:
Wangishiya nezingane eya esokeni lakhe elaliboshwa njalo
INDABA KA-RHOFIWE:
Wayeyisidakwa esangenza ngaphuphunyelwa yisisu kabili wadlwengula no-anti wami
UYAZICABANGA uthandana nowesilisa ohloniphekile kodwa onesihluku, ophuzayo nongumdlwenguli- Lokho kwenzeka kimina.
Kwase kuphele iminyaka emine uNicholas eqhelelene nomndeni wakhe eLimpopo ngesikhathi sibonana okokuqala. Wahamba wayofuna umsebenzi eKrugersdorp. Emva konyaka, sahlela ukuba sishade. Ngazama ukumenza abuyisane nabomndeni wakhe. Babengizonda becabanga ukuthi yimi engimenza aqhelelane nabo.
Emva kokushada, umndeni wakhe wathi akulungile uNicholas nami sihlale ndawonye. Babefuna mina ngizohlala nabo ngoba bazi ukuthi uzothumela imali afike nasekhaya. UNicholas wakuvuma lokhu.
Nganginamadodana amabili engangiwathole othandweni lwaphambilini futhi noNicholas ewamukela njengezingane zakhe. Sasihlala ndawonye eKagiso. Wayephuza kakhulu engasasinakekeli.
Emva kwalokho wavele wangijikela engibiza ngengulube engazali ngoba ngingenazo izingane zakhe. Okuxakayo wukuthi ngakwazi ukuba ngikhulelwe, kodwa ngenxa yokuthi sasilwa njalo, ngaphuphunyelwa yisisu. Ngeshwa lokhu akusenzanga sezwana. Esikhundleni salokho wahamba ekhaya ethi ufuna ukuhlala ngasemsebenzini ukuze onge imali yokugibela.
Kwakwenzeka kuphele amasonto ngamasonto engafiki ekhaya, kanti kwakuthi uma efikile ashele bonke abangani bami. Kwakunezikhathi lapho ayethi akasangifuni. Wake wasonga zonke izimpahla zami ngeshidi wangikhipha emjondolo. Ngenhlanhla ngabuya.
Ngaphinde ngakhulelwa, ngihlale ngikhathele. Amadodana ami ayesefunda ngaleso sikhathi ngidinga umuntu engizohlala naye emini. Udadewabo kamama omncane oneminyaka engu-20 uKondi wayengasebenzi ngamcela ukuba azohlala nami.
Emva kwamasonto amathathu eqalile ukuzohlala nami, kwadingeka ukuba ngiye edolobheni. UNicholas wayesekhaya wenqaba ukuba ngihambe noKondi. Ngamshiya ngahamba.
Sengibuya, uNicholas wayeseziphatha ngokungajwayelekile enuka notshwala. Engakuqaphela ngoKondi wukuthi wayebukeka kukhona okumkhathazile kodwa ubona ukuthi akafuni ukukhuluma. Ngaze ngezwa ngomngani wakhe ukuthi udlwenguliwe. Ngambuza uKondi ukuthi udlwengulwe wubani wathi ngumyeni wami - ngezwa sengathi ngihanjelwa yingqondo.
Samvulela icala ngalelo langa waboshwa.
Umndeni wakhe wawungincenga ukuba ngilihoxise icala,
Konke lokhu kwakungaphezu kokwenza kuKondi
engazimisele futhi ngokuya enkantolo, wahamba
wabuyela ekhaya. Lahoxiswa icala wakhululwa naye ejele.
Ngangikhathazeke ngaphezu kokwenza ngaphinda ngaphuphunyelwa yisisu. Esikhundleni sokulilela
ukufelwa wumntwana wethu, wayelokhu eqhubekile engihlukumeza engibiza ngengulube egwinya abantwana bakhe. Ngahlala eminye iminyaka emithathu kulo mshado ngaze ngathola umntwana.
Ngase ngikushiye phansi nokufunda, ngingasebenzi ngingenandawo engingaya kuyo. Ekugcineni
ngamshiya. Impilo yami iyaqhubeka angisazimisele ukubheka emumva.[z]
Indaba: Ntokozo Maseko
INDABA KA-ANDREW (iyaqhubeka):
INDABA KA-RHOFIWE (iyaqhubeka):
Amagama abantu abathinteka kulezi zigameko ashintshiwe.
