zulu.188.fashion
Isiketi esinama-layer
Sibukeka sisefeshinini njengamanje kanti (singakusiza ekufihleni ukukhuluphala obuzenyeza ngakho!) Makube khona okufaka ngenhla kodwa uqiniseke ukuthi awufaki ubulivilivi obuningi.
I-angora cap ethi mayibe mhlophe (R289), Accessorize. Isiketi se-denim (R399,95), Rage. Ishethi eligqwalile (R104), Simply Divine.
I-top ebubende (R309,95) Rage. Amacici alengayo (R119). Accessorize. Ama-boots anezitishi (R295), Rage.
BONA ZULU – May 2007
kwefeshini yasebusika
Okude nokufishane
Zethembe ngisho esiketini esingubude obungakanani ngalobu busika. Ungabi namahloni ukuveza imilenze yakho emihle noma ushaye isiketi esihle esinama-layer uma ungathokozile ngama-hips akho
BONA ZULU – May 2007
Isiketi i-maxi
nguCHRISTINE HAMMANN
umsizi nguJESSICA MITCHELL
izithombe nguCHRISTOPHER LAURENZ
umkhangisi nguZIM ophuma kwa-Ice
iziphaqulo nezinwele nguNICCI JACKSON ophuma kwaMuse
Zisekhona iziketi ezinde kanti zibukeka kahle kakhulu nezicathulo ezi-flat noma ama-boots asebusika. Ungakweleka lokhu ngejakhethi noma i-top enamabhande.
Ishethi elide (R89), Fashion Express. I-top eLamé enamabhande (R230), Michelle Harper at YDE. Ibhantshi likakhakhi (R399,95), Rage. O-moccasin aba-flat (R165), Rage. I-bracelet eBronze (R45), Gorgeous. Amacici (R59), Accessorize.
BONA ZULU – May 2007
ifeshini yasebusika
Ingcwenga yesiketi
Lesi siyawathatha amehlo abantu, ngakhoke qiniseka ukuthi nakuwena sibukeka kahle kakhulu. Ngisho ngabe izithende eziphakeme noma cha kodwa zibukeka kahle uma ukhathazwa wubude.
Isiketi esimhlophe nokumnyama (R269,95), Rage. Ishethi elimhlophe eline-frill ye-chiffon (R219,95), Rage. Ingubo enithiwe (R375), Moskow at YDE. Ama-Knee-hi’s (R34,99), Cameo.
Ama-pump amhlophe anezithende ezinde (R230), Rage. Amacici asasiliva anama-pearl (R99), Accessorize.
BONA ZULU – May 2007
Iziketi eziqondile
Ukuba mncane kukwenza ubukeke kahle. Okunithiwe okunomqala obanzi ovulekile kuzothatha amehlo abantu kodwa bangakubuki esiswini nakuma-hips.
Isiketi esithakwe ngokwehlukene esiqondile (R300), Max. Ijezi elisa-Avo-green (R359), X&O at YDE. Ikapisi lewuli elinithiwe (R209) Accessorize. Izicathulo (R185), Rage. Ama-bracelet asasiliva noku-bronze (R30 lilinye), Gorgeous.
BONA ZULU – May 2007
ifeshini yasebusika
Isiketi esifika emadolweni
Njengamanje lobu yibona bude obudumile ongabugqoka kulezi zinsuku kanti bubukeka kahle kakhulu nanoma yiziphi izicathulo. Linganisa ukuma kwesiketi sakho uma siqondile noma sinamapuliti ngokufaka i-top ekuhlalayo.
Isiketi samasosha esi-cream (R289,95), Rage. U-polo-neck onithiwe onezingalo ezinezimbotshana R230), Truworths.
I-Angora cap (R289), Accessorize.
Amacici (R69), Accessorize. Ama-boots ayi-suede ambala osashokoleti afulethi (R280), Rage.
BONA ZULU – May 2007
IZITOLO
ACCESSORIZE: 021-447-7718
CAMEO: Ezitolo ezikhethiweyo ezweni lonkana
FASHION EXPRESS:
0860-104-764
GORGEOUS:
031-201-2811
MAX: 031-312-8834
NA COLLECTION:
031-202-1577
RAGE: 031-265-0660
SIMPLY DIVINE:
031-312-5274
TRUWORTHS: Ezitolo ezikhethiweyo ezweni lonkana
YDE: Emagatsheni ezweni lonkana. Buza lapha: 021-797-8002
Isigqebhezana
Veza imilenze yakho ngokugqoka isigqebhezana. Imilenze yakho ibukeka kahle uma isiketi sisifishane kakhulu. Uma umfishane, faka okunezithende eziphakeme. Izicathulo zezithende ezimfishane zenza singabonakali kahle isigqebhezana.
Gqoka okumhlophe noma okunemibala egqamile ngaphansi koku-grey noma okumnyama ukuze ubukeke kahle.
Isiketi i-Mini camo (R100), NA Collection. Ishethi elinemikhono emide nomqala (R80), Max. Umgexo onokuhlaza nokusagolide owenziwe ngobuhlalu (R169), Accessorize. Amacici alengayo (R79), Accessorize.
