zulu.1885.yourstyle_makeup
Isikhumba
Kuhle ukufaka u-powder uma isikhumba sakho sisihle. Faka i-foundation noma okufihla izisihla uma unamabala ebusweni.
Ukuze ufihle amabala, mbambatha nge-foundation noma nge-concealer kancane ngaphezulu usebenzise iminwe.
Gcina ngokufaka u-powder. Khumbula: khetha umbala ofanela isikhumba sakho uhlole umkhiqizo ngokuwugcoba ebusweni ungakawuthengi.
■ ZAMA: I-Yardley Absolute Translucent Loose Powder (R84,95) neYardley Whipped Matt Mousse Foundation (R109,95), okutholakala kwaFoschini nakwa-Edgars.
Amehlo
I-eyeliner ikahle kodwa iyisiphaqulo abaningi abanovalo lokusisebenzisa. Asikho isidingo sokuzihlupha ngayo kodwa uma uyikhetha, khetha umbala omnyama.
Uma uyifaka, dweba umugqa ngaphakathi ezinkopheni ezingezansi uze uphumele ngaphandle kwezinkophe usebenzise i-pencil eyeliner.
■ ZAMA: I-ID Girl Eye Pencil
(R16), itholakala kwa-Identity.
Ingoxi yeso (eyelid)
Umbala we-eyeshadow oyikhethayo uya ngokuthi uyifake kanjani i-make-up yakho ebusweni. Uma ezindebeni zakho ufake umbala ogqamile khetha i-eyeshadow enombala ozothile. Uma ufake i-lipgloss, khetha i-eyeshadow egqamile.
Ungafaka okucwebezelayo emehlweni kodwa ungakufaki kakhulu.
Faka i-eyeshadow ngebhrashi layo emehlweni.
■ ZAMA: I-ID Girl Trio Eyes (R25), etholakala kwa-Identity. Multi Shadow Eyeshadow (R95), etholakala eThe Body Shop.
Izinkophe
I-mascara yenza izinkophe zakho zibukeke zizinde ubuso bakho bushintshe ngokushesha. Khetha i-mascara emnyama ukuze i-make-up yakho ibukeke ngokwemvelo.
Yigcobe kanye ezinkopheni ezingenhla.
■ ZAMA: I-Essence Volume To The Max Mascara (R69), etholakala kwaFoschini nakwaDis-Chem. MAC Zoom Mascara (R130), etholakala ezitolo zakwaTruworths nezakwa-Edgars ezikhethiweyo.
Izihlathi
I-blush yakho kufanele ibukeke ngokwemvelo ngakhoke kuhle uyifake kancane. Khetha umbala okufanelayo.
I-blush ecwebezela kancane ibukeka kahle kunoma yiliphi ibala lesikhumba.
Uma uyigcoba, cijisa ubuso bume njengobuso benhlanzi. Ngaleyo ndlela uzokwazi ukubona ithambo lesihlathi sakho. Yifake kulelo thambo i-blush yakho.
Brasha i-blush uye engxenyeni engenhla yendlebe.
■ ZAMA: I-Bella Powder Blush (R25,95), etholakala kwaMr Price.
Izindebe
I-lipgloss iyindlela enhle yokubukeka kahle ngaphandle kokucophelisisa kakhulu. Uma ufaka i-lipstick khetha enombala wemvelo noma ukhethe imibala e-pink nebomvu uma ungenamahloni!
Uma ufaka i-lipstick, yihlikihle ngesineke ezindebeni. Hlanganisa izindebe ukuze i-lipstick ihlale kahle emlomeni. Uma ufaka i-lipgloss, faka ucikicane ebhodleleni le-gloss bese ugcoba ezindebeni zakho.
■ ZAMA: I-Essence Lipstick (R59,95), etholakala kwaFoschini nakwaDis-Chem. I-Lip Duo Wand (R19,99), etholakala kwaMr Price.[z]
Indaba: Pamella-Rose Mlandu
Izithombe: Andrea Caldwell noPeter Whitfield
IZITOLO
Dis-Chem: 021-551-5551
Foschini: Ezweni lonkana
Truworths: Ezweni lonkana
Edgars: Ezweni lonkana
The Body Shop: 011-880-8210
Mr Price: Ezweni lonkana
Identity: 021-460-2300 [z]
EZOBUHLE
Yiba muhle kwi-Matric Dance
Lo ngumhlahlandlela wokufaka i-make-up ngendlela efanele uma uya kwiMatric Dance
IZELULEKO
■ Faka i-make-up ebusweni ngaphambi kokuyithenga ubone ukuthi ihlala kanjani. Yithenge ezitolo ezinabantu abanolwazi ngokufakwa kwe-make-up ukuze bakusize ukhethe ekufanelayo.
■ Gcoba i-make-up yakho ekhaya lungakafiki usuku lweMatric Dance. Lokho kukunika isibindi uma ungayijwayele.
■ Kungenzeka wenze amaphutha uma uqala ukuyifaka kanti kuhle uthenge ama-wet wipes okuyisula uma kwenzeka ifakeka kabi. Kwa-Clicks banesitokwe esihle sama-wipes.
■ Sebenzisa imali yakho emikhiqizweni eyikhwalithi, ikakhulu uma kukhulunywa nge-lipgloss ne-mascara.
