zulu.1877.purity
B3216/07
USis Purity uthi...
USis Purity uyilungu lesigungu soChwepheshe boKudla kweziNgane kanti nguye osiphendulela imibuzo ngokudla kwezingane okunomsoco
Ngimnike luphi ubisi?
INGANE yami uNomsi uzoba nonyaka emasontweni amabili ezayo. Uphile kahle kanti uyintombazanyana ethokozile futhi udla kahle. Ukudla akukhonzile yiphalishi elithambile alidla lihambisana nokudla asezokudla njengoba ekhula.
Kungani kubalulekile ukushintshela kwi-Purity Growing-up Milk njengamanje kunobisi lwenkomo?
Zanele Montsi, Cape Town
Dear Zanele: Isizathu esibalulekile ekusebenziseni ubisi lwezingane oluyisipesheli wukuthi lunezakhamzimba ezinomsoco - ikakhulu i-iron - kanti futhi kulula ukuhlafuna ugwinye okunamaphrotheni.
Nakuba ubisi lwenkomo lunezakhamzimba ezinomsoco, kodwa lune-iron encane kanjalo ne-casein enezinga eliphansi nokwenza ukuba kungabi lula ukuhlafuna ugwinye.
I-iron ibalulekile ekukhuleni komntwana wakho. Ucwaningo lukhomba ukuthi izingane ezithola i-iron encane ngeminyaka embalwa yokukhula kwazo, ziba nenkinga yokungakwazi ukugxilisa umqondo wazo ekufundeni lapho sezingena esikoleni.
Kuyangijabulisa ukuzwa ukuthi uNomsi uyalithanda iphalishi lakhe. Njengoba izingane zeminyaka yakhe zithola ukudla okuqinile, kufanele umnike kuye kufike ku-400ml (inkomishi nohhafu) yePurity Growing-up Milk nsuku zonke.
Ungamthelela lona ephalishini lakhe noma umphuzise.
I-cereal engakanani?
SENGIQALILE ukunika ingane yami i-rice cereal njengokudla kwayo kokuqala okuqinile njengoba bangitshela abahlengikazi emtholampilo. Anginasiqiniseko sokuthi kufanele ngiyinike i-cereal engakanani njengoba ngisanda kukuqala lokhu. Akulula ukusho ukuthi udla into engakanani ngoba okuningi kugcina sekugcwele i-bib. Ngicela usizo.
Gogo Khumalo, Kokstad
Dear Gogo: Kungasiza kakhulu uma ungathaka i-cereal ngendlela yokuthi ibe samanzi.
Thatha isipuni se-cereal kanjalo nezipuni cishe ezine zobisi (lwebele noma i-formula) ukuhlanganisise kucoliseke kakhulu.
Kufudumeze bese umupha ngesipuni esithambile. Kuleli zinga lokukhula ingane yakho izosebenzisa amakhono emvelo okumunca izimuncele.
Emva kwesikhathi uzovula umlomo wakhe bese ekuncela ngezindebe.
Ekuqaleni, okuningi kwalokhu kudla kuzogcina ngokuchitheka kwi-bib, kodwa lokho makungakukhathazi ngoba usuku nosuku kuzoba ngcono.
Naweke kufanele ulokhu wenyusa isibalo sezipuni kusuka kwezimbili kuya kwezinhlanu ngosuku bese wehlisa izinga loketshezi ukuze kushube.
NAKUBA ubisi lungabalulekile kakhulu ezinganeni ezisencane kakhulu njengoba lubalulekile kweseziqala ukukhula - kodwa ludlala indima ebalulekile ekukhuleni kwazo - kungakho ochwepheshe bezempilo begunyaza izikhawu ezimbili kuya kwezintathu (400-600ml) zobisi ngosuku.
Ngalokhu abakwaPurity sebeqhamuke nePurity Growing-up Milk yezingane ezincane kusukela onyakeni owodwa kuya kwemithathu nokulubisi olunika izakhamzimba eziningi kunobisi lwenkomo olujwayelekile. Umsoco owengeziwe uhambisana namavithamini, ama-minerals nama-fatty acid abalulekile kanti uma umntwana umnika izingxenye ezimbili ngosuku uzobe umnike 50% wezidingo zokudla kwakhe okunjengamaphrotheni, i-calcium, amavithamini A, C, E, B2, B12 ne-pantothenic acid.
I-Purity isikwazile futhi ukubhekana nenkinga ye-anaemia ngokwengeza u-vitamin C osiza ekumuncekeni kwe-iron. Ama-fatty acid angeziwe asiza ekukhuleni komqondo enze nokubona emehlweni kube ngcono, kanti i-calcium engeziwe yenza amathambo namazinyo aphile kahle.[z]
ezentengiso
