ZULU.1875.free
BONA ZULU – May 2007
Imititilizo
2 AMAHAMPA
Sebenzisa i-DRI
Uma usebenzisa i-DriMOP yesizukulwane esisha, ngeke usaba nezishishili zokungcola phansi ekhishini lakho. Ekugcineni isikhona i-mop eyomisa ngempela ngesikhathi ihlanza phansi.
Ukukhama kwayo okuyisipesheli, i-DriMOP yomisa ngokushesha ngokuphindwe izikhathi eziyisithupha kunawo wonke amanye ama-mop asezimakethe, nokuyenza ikwazi futhi ukusebenza endaweni efakelwe amapulangwe phansi.
Ukusebenza kwe-mop kunesiqiniseko sonyaka ekubeni amakhanda ayo uyakwazi ukuwakhipha ufake amanye kalula, kanti futhi ama-DriMOP ayatholakala ezitolo ezinkulu.
Ukuze uzibeke ethubeni lokuthola ihampa eyodwa kwamabili ebiza R1 910 iyinye, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini bese uyithumela kuleli kheli: BONA/DriMOP Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe DRIMOP ku-35919.
Ihampa ngayinye ine-DriMOP, DriBUDDI yokomisa izingubo, ikhava ye-ironing-board, i-stand se-ayina, ithumbu lasengadini elizisongayo, i-can-opener kagesi ne-Kwikshift spanner.
Usuku lokuvala ngumhlaka: 31 May 2007(I-SMS ngayinye ibiza R3.)
35 AMAPHAKETHE
Phila kahle nge-Go!
Uchunge olusha lwezakhamzimba ze-Go! luhlanganise amavithamini, ama-minerals, ama-antioxidants, ama-amino-acids, ama-fatty acids nama-herbs ukusiza umzimba wakho ukwazi ukulwa ne-stress esidalwa yimpilo yanamuhla.
Kunamaphilisi ezinhlobo ezine ezehlukene ze-Go! ahambisana nezidingo zakho. Ungawathola emakhemisi engu-30 emaphaketheni, kanti abiza R59,95 iphakethe.
UBONA unama-double-packs angu-35 emikhiqizo yeNativa ebiza R120 iyinye onikezela ngawo. Ukuze uzibeke ethubeni lokuwina, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini, uyithumele kuleli kheli: BONA/Go! Giveaway, Private Bag X1030, Lyttelton, 0140, noma uSMSe GO ku-35919.
17 AMAHAMPA
Isiqedaphunga seFlair
Owesimame weFlair ngumuntu oyithandayo impilo. Ukuzethemba kwakhe kumenza aphile ngendlela ekhombisa esakhe isitayela. Kungakhoke ekhetha isiqedaphunga esikhangayo sesimanjemanje esikhombisa ubuyena uqobo.
UBONA unamahampa angu-17 eFlair abiza R235 iyinye onikezela ngawo ngoSuku loMama. Ukuze uzibeke ethubeni lokutonyulwa, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini, uyithumele kuleli kheli: BONA/Flair Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe FLAIR ku-35919.
Izipho zika-R16 000
15 AMAHAMPA
Okumnandi okusazithelo
Namuhla ushingamu oyintandokazi iStimorol sesitholakala ngezinhlobo eziningi kubandakanya entsha iGreen Apple, neWatermelon.
Ngakhoke uma uzwa ushiselwa, thatha iStimorol uthokozele ukuphola ngaphambi kokuba lishise kakhulu. Uma ungakazizami lezi zinhlobo ezimbili ezintsha, zithole esitolo sangakini.
UBONA unamahampa angu-15 abiza R250 iyinye aqukethe i-back-pack, ithawula lokubhukuda namabhokisi amabili eStimorol esisha onikezela ngawo. Ukuze uzibeke ethubeni lokuthola eyodwa, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini, uyithumele kuleli kheli: BONA/Stimorol Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe STIMOROL ku-35919.[z]
BONA – August 2005
