zulu.1860.henry
Uhambo lukaHenry Cele lokugcina
UHenry Cele kwadingeka aphile impilo yamaqhawe amabili - kodwa wazikhethela umthwalo wokuphila impilo yokuba yisibonelo esihle kubantu abaningi
IZINYONI ezazindiza nokuxokozela kwezinkawu kwakungamduduzi uRambo inja uHenry Cele ayithola elokishini laKwaMashu – uRambo angaduduzwa wukubona iqhawe lakhe eladuma ngelikaShaka.
“U-Henry wadabuka uma ebona esinye isidalwa esasingenabani,” kusho uJenny Hollander, umfelokazi kaHenry.
U-Henry wadalulela abakwaBONA ngoMarch 2006 ukuthi kwamphatha kabi ukulahlwa kwakhe abazali bakhe esemncane kanti waphawula kanjena, “kwahlwa emini ngangawuzwa nomoya owawuvunguza.”
Ugogo wakhe wayesebenzela umndeni wamaNdiya ehlala noHenry endlini eyayakhelwe ngaphansi kweyalo mndeni incane kangangoba uHenry wayengakwazi ngisho nokuma aqonde uma engaphakathi kuyona.
Ugogo washona uHenry eneminyaka engu-12 kanti ikhono lakhe lokudlala ibhola kanjalo nobude bakhe kwamsiza wakwazi ukuthola indawo yokukhosela ehostela labesilisa elalikuSomtseu Road eThekwini.
Watshela uJenny ukuthi esehlala lapho wayelala ngaphansi kwebhentshi amadoda ayehlala nawo emupha ukudla amnike namaphepha okubhala i-homework.
NgokukaJenny, lolo sizi lwenza walahlekelwa yithemba lekusasa elihle.
“Wayeneminyaka eyisishiyagalombili ngesikhathi ehlangana nowesimame owambuza ukuthi, ‘Ngabe uyangazi?’
“Wathi kwavele kwathi makamphendule ngokuthi, ‘Yebo, ungumama wami’.
“Wamthatha waya naye lapho ayehlala khona nomyeni wakhe nendodakazi yabo. Kodwa wanyamalala esontweni elalandela lelo,” kusho uJenny.
U-Jenny wakubona ukubaluleka kokuba anikeze le ndoda ekhule kanzima uthando. U-Henry ubekuthanda ukudla abekuphekelwa ngumkakhe.
Kwakuthi uma ezohamba uJenny, ashiye enze isiqiniseko sokuthi efrijini kunokudla amphekele kona.
Ngesikhathi uHenry eseNorth Africa eyodlala efilimini ethi The Citadel ngo-2001 wacela umkakhe ukuba amthumelele izimpahla zokugqoka. U-Jenny wafaka nempuphu namakhekhe ebhokisini.
Laba bashadikazi bebenamakhaya amabili, elinye liseBerea eThekwini kanti elinye liKwaMashu lapho kwakubanjelwe khona umlindelo kaHenry.
Umsindo
Kuyenzeka ukuthi uma kungcwatshwa ilungu lomndeni omkhulu kusuke umsindo. NakuHenry kwaba njalo. Amadodakazi akhe amabili, uLalaa noZandile, bakhala ngokulahlwa kwabo ngubaba wabo phezu kokuba ayezame ukubakhuthaza ngokuthi mabahlale bexhumana.
Umfowabo uKhumbulani, indodana kaHenry okungukuphela kwayo, wathi umama wabo uMavis kumele ahlonishwe njengoba naye ayeshade nomufi.
U-Jenny wacela ukuthi umufi angcwatshwe ngokuthula…
U-Jenny noHenry bahlangana eGoli ngo-1994. “Wayebukeka edangele,” kusho uJenny. “Kwaphela isikhathi eside sixoxa. Wangitshela lonke udaba lokukhula kwakhe wathi angitshele kona akakaze akutshele muntu. Wathi uyangithanda. Angimangaza amagama akhe.”
Umshado kaHenry noMavis wawungahambi kahle ngesikhathi behlangana noJenny. U-Jenny wayesebenza kwezokuphathwa kwemidlalo eCape Town ngesikhathi uHenry emshayela ucingo emtshela ngokudivosa kwakhe ngo-1996. “Ngicabanga ngawe,” kusho uHenry kuyena. Bagcina bendawonye kwaze kwafika isikhathi sokwedlula kukaHenry emhlabeni.
Ibhola
Engakadlali emafilimini uHenry wayedlala ibhola efana nomfowabo kaSagren Naidoo owayengukaputeni we-Aces United ayedlala kuyona evame ukuya kubo kaSagren ngeMigqibelo.
“Abazali bami wayebabiza ngomama nobaba!” kusho uSagren. “Sahlangana naye esikhumulweni sezindiza eThekwini emva kweminyaka sagcinana kwaba mnandi sajabulelana!
“U-Henry wayenekhono elimangalisayo lokuvimba emapalini,” kusho kukhumbula uSagren. “Umzimba wakhe wawuthambe njengowekati ibhola elibamba kuhle kwekati libamba amagundane.”
Yazalwa kanjalo ingqalabutho enguBlack Cat Cele ebholeni.
“Wazakhela igama ebholeni,” kusho uForce Khashane uMhleli oMkhulu weBONA ngo-2006 iphephabhuku lethu ligubha iminyaka engu-50 nokuyilapho uHenry wayeyisimenywa esiqavile kulowo mcimbi. “Wayemude enamandla nekhono elimangalisayo.”
Izingqalabutho ezimbili
Emva kweminyaka engu-15 edlala ibhola, wabonwa owayebheka abadlali abanekhono edlala enkundleni yaseWemmer Pan kanti lokho kwaholela ekudlaleni kwakhe emafilimini - ngaleyo ndlela kwazalwa uShaka.
U-Henry kwakumkhanyela ukuthi udumo lwakhe kungenzeka lungehli kahle kwabanye.
“Kodwa wayebahlonipha abantu,” kusho i-agent yakhe yeminyaka engu-20 uPenny Charteris.
Ngesikhathi elaseSA linenkinga yobandlululo, wayehlonishwa abantu bazo zonke izinhlanga. U-Brett Florens othwebula izithombe zeBONA ukhumbula kahle emseva ngesikhathi esasebenza e-bar eyayiseDurban North ecela ukuba amsayinele igama lakhe.
U-Henry wake waqokwa njengesihlabani esidumile eSA emcimbini owawuseBoksburg kanti uPenny usayikhumbula indlela abesimame abamhlophe abambheka ngayo ngalolo suku!
“Wayekwazisa kakhulu ayekumele,” kusho u-Andrew Mills wakwaBoxer Superstores, owaqala ukusebenza noHenry ngo-2001 ekhuthaza abantu.
“Esitolo sakhe (uHenry) abantu babembingelela njengomholi wabo. ‘Abantu bakithi bayazi ukuthi ngingubani,’ kusho yena. ‘Beza kimina uma bexakekile.’”
Ngesikhathi abakwaBONA befika naye ekhaya lakhe eliKwaMashu ezinyangeni ezimbalwa ezedlule abantu babembingelela ngelika “Shaka!” ezitaladini.
Eminyakeni embalwa edlule ubengasadlali kakhulu kanti bekwenziwa izinhlelo zokuba aphinde adlale ngokusho kukaPenny. Uqophe i-tape yokuvivinywa kwakhe emasontweni ambalwa ngaphambi kokuba agule.
U-Henry ubezibandakanye kakhulu ezinhlelweni zobuciko emphakathini, eqeqesha izingane ezidlala ibhola kanti ngokukaBhiza Dlamini, ubesiza iqembu lezingqalabutho ezindala amaSoccer Legends kufundiswa abafundi ibhola.
UBhiza owayedlala kwiKaizer Chiefs usawakhumbula kahle amagama okucasuka kukaHenry ngesikhathi emshayela igoli nge-bicycle kick. U-Henry wabuye wacasulwa wuBonginkosi Ace Mnikathi emshayela amagoli amane bedlala neRebels ngo-1971. Bagcina bezwana behloniphana enkundleni. U-Henry wayevame ukusebenzisa umzimba wakhe ekuvikeleni abantu abathandayo. U-Ilario Conti ukhumbula mhla i-Aces United iphazanyiswa amaphoyisa ezokuvikela izilolonga eminyakeni yo-1960, uHenry wathi kuyena, “Ungakhathazeki boss, kuzodingeka ukuba badlule lapha kimina kuqala.”
Walwa kanzima ephila nomthwalo wosizi lokukhula kwakhe.
“U-Henry wake wathi, ‘Lesi sifuba sizongibulala,’” kusho uJenny. “Kwenzeka njengokusho kwakhe!”
Abahlengikazi babemncokolisa bemculela esibhedlela. U-Jenny wayemphathele amaCD kaRay Charles neBala Brothers awathandayo, nokudla kwakhe.
Nakuba alwa njengeqhawe, kungenzeka ukuthi kwakumkhanyela ukuthi ukufa ayebhekene nako ngaleso sikhathi ngeke akunqobe. Watshela uJenny ukuthi ugogo wakhe ubefike ngephupho ezombona.
Ngesikhathi abakwaBONA begcina ukuxoxisana noHenry, wathi wabizwa eyobona ubaba wakhe owayegulela ukufa. Wafika eseshonile. “Ngamtshela ukuthi siyobonana kwelizayo,” kusho yena.
Ingqalabutho ebinguBlack Cat noShaka ayisekho isithathe uhambo olwehlukile kwelomfana owayenesifiso sokuhlangana nomndeni. Mhlawumbe noRambo usezolikhulula iqhawe lakhe lilale ngokuthula. [z]
BONA ZULU – January 2008
indaba nguPATRICIA McCRACKEN
Isithunzi
NGENHLA: UHenry Cele nomkakhe uJenny Hollander. Enye yamafilimu kaHenry aduma kakhulu emhlabeni kwaba ngethi Hold My Hand I’m Dying - kuthe eseficwa wukufa, wafela ezandleni zakhe.
sikaShaka
NGENHLA: Esteji nasefilimini, uHenry Cele wayenza izimanga edlala indawo yeLembe uShaka Zulu - ngisho nasezinyangeni ezimbalwa ngaphambi koku
‘khothama’ kwakhe wayematasa ngomkhulu umfutho bezilolongela umdlalo wasesteji iBayede Shaka (ngezansi kwesobunxele). Indodana yakhe uKhumbulani (ngenhla kwesokudla) yayidlala indawo kaShaka esemncane efilimini.
BONA ZULU – January 2008
t
NGENHLA: Indlela ayeyiyo - kwi-pin-up; eyisiboshwa emdlalweni Inkom’ Edla Yodwa; esemncane, ebange endleleni yokuthola udumo, ephuma emakhaveni amabhuku. Wayenogazi kangangoba omunye wesimame wayeshaya njalo ucingo eseParis eshayela i-agent kaHenry ukuba imxhumanise naye.
Ukumamatheka kwakhe, amehlo akhanyayo nezwi elibhodlayo kwakuhambisana nobude bakhe obungu-1,9m obabumenza abonakale ezixukwini.
BONA ZULU – January 2008
Abantu bami bayazi ukuthi ngingubani - beza kimina uma bexakekile
Hamba kahle Henry!
“WANGISIZA ngaphumelela ngafinyelela lapho ngikhona namuhla,” kusho uSiyabonga Nomvete esitshela eseDenmark. Ungomunye wabadlali abancane uHenry abaqeqesha kwi-African Wanderers nokuyilapho ayenezindlela ezinzima zokuqeqesha ayezisebenzisa - njengokushaya ama-press-ups ngezithupha.
“Wayecabanga ukuthi singamabutho akhe,” kusho omunye owayengumdlali etshela uJenny. Njengoba naye ayekwenza ndawonye nabadlali bakhe, kwakunzima ukuthi bakhalaze.
“Ngiyohlale ngikhumbula indlela ayesigijimisa ngayo size sicabange ukuthi uyasibulala - kodwa wayesisiza. Buka manje uSibusiso Zuma noPhumlani Mkhize nabo sebedlalela amaqembu amakhulu,” kuqhuba uNomvete.
“Wayehlale esitshela ukuthi uma sifuna ukuphumelela ebholeni, ukujima kufanele kube wukudla kwethu. Lawa mazwi aphenduka aba wumgomo-mpilo wami angikhuthaza ngaqhubeka ngadlala.
“Wayelungile enomoya omuhle ethanda ukuba izinto zenziwe ngendlela. Wayefana nobaba esitshela ukuthi kufanele siziphathe kahle. Wayengumuntu esasimthanda, kithina engaphezu komqeqeshi. Kwakuyisibusiso ukusebenzisana naye.”
ngesihe sika-ILARIO CONTI
ngesihe sikaSAGREN NAIDOO
NGENHLA: UHenry (phakathi emumva) edlala ibhola neqembu laseThekwini i-Aces United ngo-1961. USagren Naidoo owayengukapteni kaHenry futhi engumngani, uphakathi nendawo kwabaphambili kanti umqeqeshi u-Ilario
Conti usemumva kwesokudla.
NGEZANSI KWESOBUNXELE: Uma abezokuphepha bephazamisa ukuziqe-
qesha kwabo, uHenry (kwesokudla) wayezijuba avikele uConti (phakathi).
KWESOKUDLA: “Siyohlale simkhumbula ngezinto ezinhle azenza,” kusho uSiyabonga Nomvete.
BONA ZULU – January 2008
NGENHLA: Wayezithanda izimoto ezinkulu ezindala njengale Audi. Ekuhambeni kweminyaka, abangani bakhe abangomakhenikha bake bamvuselela imoto yakhe endala eyiMercedes.
u
t
‘Isifuba sizongibulala,’ kusho uHenry
UHenry wakhuthaza abalandeli bokuqina - umthwebuli-wezithombe uBrett Florens wayengumlandeli kusukela esemncane kuqhubekela phambili.
