zulu.1856.habana
Bashaywa yizinkunzi…
Ugijimisa okonyazi
WABONISWA ngezimanga agcina ezenzile. Wayenolwazi lokuthi wayezokwenza into yamehlo emizuzwini yokugcina yokuphela komdlalo owawuyingqopha-mlando. Umdlalo owawungomhlaka 19 May eThekwini e-Absa Stadium edume ngele “Shark Tank” wawuqopha ngempela umlando.
Lo mdlalo wawungagcini ngokuba yifayineli yokuqala yeSuper 14 eyayidlalelwa eSouth Africa nje kuphela kodwa kwakuqala ngqa ukuthi ifayineli ibe phakathi kwamaqembu aseSA amabili emva kokuba eshaye i-Australia neNew Zealand.
Lokho kwakukhomba ukuthi indebe yeSuper 14 yayizowinwa yiqembu laseSouth Africa emva kweminyaka engu-11 amaqembu alengabadi edlala kulo mqhudelwano ebuya elambatha.
AmaSharks yiwona kuphela eSA ake adlala afinyelela kumafayineli. Ahlulwa emqhudelwaneni wokuqala ngo-1996 aphinda futhi ahlulwa ngo-2001.
Adlala kahle kodwa agcina ededele amabhola atholwa abadlali beBlue Bulls ababekulangazelele nabo ukuwina.
Abaningi bathi i-try ka-Albert van den Berg kwakufanele ingabalwa kodwa uSteve Walsh waseNew Zealand owayengunompempe kulowo mdlalo wakhombisa ukungayingabazi nakancane.
Ngomzuzu ka-78 amaSharks ayehamba phambili ngo-19-13. U-Francois Steyn akakwazanga ukufaka i-conversion kodwa lokho kwakungeyona neze inkinga ngoba ayehamba phambili. Kwasekusele imizuzu emibili ngaphambi kokuba umdlalo uphele kanti nebhentshi lamaSharks labe selimi ngezinyawo.
Kodwa uBryan Habana oyi-winger yamaBulls wayeneminye imicabango. Wathola ithuba lokubhodloza udonga lwamaSharks olwaluqinile.
Lokho akuzange kube yinkinga kule ndoda ethathwa njengenye yama-winger agijima kakhulu emhlabeni.
Wadlula emadodeni ejezi elimnyama wafaka i-try eyenza ukuba uDerick Hougaard ayifake kalula i-conversion. Lokho kwenza ukuba kukhale indweba yokuqeda umdlalo amaBulls ehamba phambili ngephoyinti elilodwa.
U-Habana wayenolwazi lokuthi lokho kuzokwenzeka. Ngokombiko wabeSapa, ngaphambi kwalo mdlalo watshela ozakwabo anabo eqenjini ukuthi “ngihlose ukwenza into ebaluleke kakhulu uma umdlalo usuzophela.”
Unethalente
Sekuphele isikhathi eside uHabana owazalelwa eBenoni eGauteng ngomhlaka 6 June 1983 enza izinto ezibalulekile. Kodwa lokho kwacishe kwangenzeka.
Wayekhonze ibhola nokugijima. Kwaba yiRugby World Cup ka-1995 eyayiseSA neyawinwa amaSpringboks eyamenza wawuthanda lo mdlalo osumenze isilomo.
Wayeneminyaka engu-13 ngesikhathi eqala ukuba yingxenye yeqembu elalizilolongela ukudlala i-rugby eKing Edward VII eGoli. Ithalente lakhe lagqama kakhulu emdlalweni wakhe wokuqala we-under-14 G-team.
“Ngafaka ama-try amabili kulowo mdlalo engangidlala kuwona njenge-scrumhalf ngagcina sengikhushulelwe kwi-B-team esontweni elalandela lelo,” kusho kukhumbula yena.
Kwakusasele imidlalo embalwa eyayizodlalwa yi-A-team. “Ngangingenalo ikhono elalifana nelabanye kanti nomzimba wami wawumncanyana uma uwuqhathanisa nowabanye abadlali kodwa ngangikulangazelele ukuba senkundleni.”
Ithalente lakhe lalilokhu liqhubeka lidlondlobala.
Ngo-2004 wafaka ama-try angu-13 ngesizini yakhe yokuqala edlala kwiGolden Lions eyayidlalela iCurrie Cup – ithalente lakhe labonwa amadoda amabili ayezodlala indima emqoka empilweni yakhe. Lawo madoda kwakungoJake White oqeqesha amaSpringbok noHeyneke Meyer weBlue Bulls.
Iqhawe
NgoNovember kulowo nyaka uBryan wadlala okokuqala eqenjini lesizwe libhekene neNgilandi eTwickenham.
Nakuba amaSpringboks ahlulwa ngo-32-16, uHabana wafaka i-try. Ngesonto elalandela lelo wafakwa kubadlali bokuqala ababezodlala waqhubeka wafaka ama-try amabili mhla bewina ngo-45-10 bebhekene neScotland eMurrayfield.
AmaSpringboks ayezabalaza engadlali neze kahle kodwa kuHabana kwabonakala ukuthi kuboshelwe omunye wabadlali owayezobuyisa isithunzi seSA emdlalweni we-rugby.
“Sesineqhawe elisha kumaSpringbok emva kobumnyama bokuhlulwa eTwickenham,” kusho omunye umbhali wezemidlalo ngaleso sikhathi.
U-Habana wayedlala esiswini kwiGolden Lions kodwa kwathi lapho esekwiBlue Bulls umqeqeshi uMeyer wabona kufanele ukuba amdlalise njenge-winger.
Lokho kwamsiza uHabana ngoba kuleyo sizini wafakela amaBulls ama-try ayisishiyagalolunye kusekhona iSuper 12.
Ngo-2004 wavotelwa njengomdlali we-rugby othembisayo eSA. Ngo-2005 wavotelwa njengePlayer Of The Year.
I-International Rugby Board yabuye yamklomelisa ngoweNewcomer Of The Year.
Baphumelela
“Angiyikholwa lento,” kusho uHabana emva kokuba amaBulls ewine isicoco seSuper 14. “Mhlawumbe kuyoze kungikhanyele kahle kusasa ekuseni uma sengivukile engikwenzile.”
Waqhuba wathi naye wamangala njengezihlwele ezingu-54 000 ngesikhathi ethola intuba yokunqamula nebhola.
“Ibhola ngalithola ngingasohlangothini lwangakwesokudla. Ngabona abadlali bamaSharks basesiswini benqamula inkundla becabanga ukuthi ngiya ekhoneni layo. Nganqamula sekuvuleke isikhala esikhulu…”
Ngisho noDick Muir umqeqeshi wamaSharks wawutusa kakhulu umsebenzi kaHabana. “Sadlala kahle emizuzwini engu-80 kodwa uBryan uyingozi kabi uma ethole ithuba,” kusho yena.
“Kodwa konke lokhu kwenzeke ngenxa yokuzikhandla kweqembu lonke. Bengingeke ngikwenze ukuba besingabambisene,” kusho uHabana.
Uthi waba nenhlanhla ngoba uSteve Walsh owayengunompempe kulowo mdlalo akamnikanga ikhadi eliphuzi noma amkhiphe ngokudlalisa kabi uPercy Montgomery.
“Ngangingahlosile ukumlimaza uMonty. Ngasuke ngashelela ngangakwazi ukuyigwema leyo ngozi,” kusho yena.
Uthi kuyamjabulisa ukuthathwa kwakhe njengomdlali oyisibonelo esihle nokuyinto ehambisana nobuqhawe bakhe.
“Ekugcineni ngathola ithuba lokudlala i-rugby engiyaziyo. Ngake ngaba sesimweni iningi labadlali abancane abangaziwa elizithola likusona manje.
“Uma ungumdlali osemncane uba nesifiso sokuba yiqhawe ngelinye ilanga.”
Asingabazi ukuthi unazo zonke izimpawu zokuba yiqhawe. Ngokusho kwakhe, akukho okuyokulungela empilweni uma ungazikhandli ungaziphethe kahle.
Uma kwenzeka amaSpringbok ewina iRugby World Cup ekupheleni kwalo nyaka, akungatshazwa ukuthi uBryan Habana uyobe ekhona lapho… [z]
BONA ZULU – July 2007
indaba nguWALTON GOLIGHTLY
U-Habana efaka i-try eyamangaza elaseMzansi.
Umdlalo wefayineli eyayiyingqopha-mlando wawusuzophela ngesikhathi uBryan Habana enza ezibukwayo ewinisa iqembu lakhe – kodwa kubukeka kusekukhulu asazokwenza
“Nganikwa ithuba lokudlala uhlobo lwe-rugby engiyaziyo. Ngiyalibonga kakhulu lelo thuba,” kusho uHabana. “Ngake ngaba sesimweni iningi labadlali abasebancane abangaziwa elizithola likusona manje.”
BONA ZULU – July 2007
izithombe ngabakwaGALLO IMAGES
u
t
Akukho okuyokulungela empilweni uma ungasebenzi ngokuzikhandla futhi ungaziphethe kahle
U-Habana ethakasela ukunqoba kwabo.
BONA ZULU – July 2007
Ngabe akagijimi?
U-Habana uyi-winger egijima kakhulu eSA kodwa ngo-April kulo nyaka wahlulwa yisilwane esineminyaka emithathu.
Lo mjaho webanga lika-100m wawuseDe Wildt Cheetah And Wildlife Centre kanti uHabana wayencintisana ne-cheetah eneminyaka emithathu ogama layo linguCetane.
Umjaho wawuyingxenye yohlelo lokuqwashisa abantu ngokuthi i-cheetah ibalwa kulezo zilwane ezisengozini yokushabalala.
U-Habana wanikwa ithuba lokuba agijime kuqala ibanga lika-30m kodwa phezu kwalokho i-cheetah yamdlula yabukisa ngaye.
Emva kwalokho uHabana wathi umjaho wabo “ubujulukisa”, kodwa uyaziqhenya ngokuthi izingane zakhe ziyothola ithuba lokusibona lesi silwane sasendle.
I-winger yaseSA kanye noCetane i-cheetah eneminyaka emithathu eyamshiya yabukisa ngaye.
