zulu.1854.bec events
Okokuqala okufanele ukukhethe
ABE-FIRST Choice baqala ukufaka imikhiqizo yobisi emabhokisini kusukela ngo-1996. Bheka imikhiqizo efana ne-First Choice Long Life Milk, Custard, Butter, Cream and Cheese.
Njengabaxhasi bomkhankaso weBONA Empowerment iBake & Cook for Profit, iFirst Choice kufanele kube yinto yokuqala oyikhethayo uma ubhaka, upheka noma wenza umsebenzi wokuziphilisa ngokuphekela abantu ukudla.
Bhalela kuleli kheli: First Choice/BONA Recipe Competition, Box 1300, Rivonia, 2128. Bathumelele iresiphi yakho ufake igama lakho, isibongo nenombolo ye-cell kanye nekheli lasekhaya - ukuze sikumeme emcimbini wethu olandelayo endaweni yangakini, uphinde futhi uzibeke ethubeni lokuwina ihampa yemikhiqizo yasemadeleni akwaWoodlands ebiza R200 khona kulowo mcimbi.
BONA ZULU – October 2007
NGE-BONA Empowerment Club sikhuthaza abafundi bethu ukuba bazisungulele amabhizinisi ngoba siyabona ukuthi abantu baseSouth Africa ababukhathalele ubuphofu. Izinhloso zakho zanamuhla, qiniseka ukuthi uyazifeza ziphumelele.
Kule nyanga iClub izohlanganela ePietermaritzburg, nokuyilapho kuyocobelelwana ngolwazi ngamathuba ezemisebenzi kwezokudoba, ukulima, nangamasiko nezokuvakasha endaweni yaKwaZulu Natal.
Phakathi kwezikhulumi zosuku eziyobe zikanye noMhleli oMkhulu kaBONA uForce Khashane, yizikhulu zikahulumeni KwaZulu-Natal nabaxhasi bethu abehlukene - kanti oyobe engumphathi wohlelo kuyobe kunguThokozani MaMkhize-Ndlovu woKhozi FM. Abayosithokozisa yiqembu lomculo iBhojabhoja.
(Kuphuma angu-12)
900g Sasko Cake Flour
125ml (100g) ushukela
15ml Moir’s Baking Powder
1 iqanda
80ml uwoyela
ujusi kalamula nekhasi lawo eligreythiwe 250ml i-yogurt
250ml ama-blueberries
1. Sefa ufulawa ufake ushukela ne-baking powder. 2. Endishini hlanganisa ndawonye iqanda, uwoyela, ujusi, ikhasi ne-yogurt. Kufake kufulawa wenze inhlama. 3. Ngokucophelela, bondela phakathi ama-blueberries. Ngesipuni faka le ngxube kuma-muffin tins agcotshiwe ubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-200oC imizuzu engu-20.
Abawine kwezamabhizinisi kwiMageu Number One
OWAWINA NGO-MARCH: UBuyani Mbongwe waseThekwini wasungula ibhizinisi lakhe iBulethu Contractors ngo-2004, ethengisa ngezinkukhu esiza nomphakathi ngokuwuthengisela ukudla endaweni yaseSeaview. Namuhla ugxile ikakhulu ekuphakeleni izinkampani ezinkulu ama-toilet paper - emagaraji, emahhotela, ezikoleni nakwezinye izimboni ezindaweni ezizungeze iTheku.
OWAWINA NGO-APRIL: UYolisa Gatyana ungumnini we-spaza waseMdantsane. Unendawo athengisela kuyona izinkukhu aphinde abe nohlelo lokubolekisa ngemali.
Uzimisele ngokukhulisa ibhizinisi lakhe ukuze akwazi ukudayisa okuningi ngesikhathi esisodwa (bulk).
OWAWINA NGO-MAY: UCaroline Mabogola waseMogale City ungumnini weCaroline’s Catering efakela ukudla emicimbini enjengomshado kanjalo neminye, kanti futhi uqashisa ngezinto zokudla - i-cutlery, crockery nezindwangu zetafula kanti uphinde ahlobise futhi endaweni yomcimbi. UCaroline uzimisele ngokuthuthukisa ibhizinisi lakhe ukuze likhule lize libe nendawo yokudla neyokulala i-bed and breakfast.
OWAWINA NGO-JUNE: UValerie van Kromberg waseRabie Ridge eMidrand une-spaza esincane adayisa ikakhulu ama-kota esinkwa nama-bunny chows nezinye izinto. Kokunye uthengisa amakota angaphezu kwangu-40. Uzimisele ngokuthengisa inyama yenkukhu, irayisi nepapa. Uzimisele futhi ngokuthenga amatafula amaningi nezitulo ukuze akhulise lo msebenzi wakhe aziphilisa ngawo.
BLUEBERRY MUFFINS
USasko uthi: Zinike isikhathi sokuphumula!
NJENGOBA u-October kuyinyanga yokuqwashisa ngezengqondo iNational Mental Awareness, iSasko Flour yazi kahle kamhlophe ukuthi kubaluleke kangakanani ukuzinika isikhathi sokuphumula, hhayi-nje wena kuphela kodwa nomndeni wakho.
Ngeresiphi elula yabeSasko Flour yokwenza ama-Blueberry Muffins, ungakwazi ukutenda uthokozise umndeni wakho!
UValerie van Kromberg.
UBuyani Mbongwe.
Inselelo iphakela ngobhulankethi be-Aranda
Kusanda kwethulwa inkampani entsha Inselelo Distributors nokuyinkampani yokuqala ukuzijuba ekuphakeleni ifakele umphakathi endaweni yaseKZN obhulankethi be-Aranda.
Inselelo Distributors yinkampani ezinze eThekwini esungulwe ngenhloso yokuhlomulisa umphakathi ngamathuba ukuze uzibandakanye kwezamabhizinisi ngokubambisana nabakwa-Aranda nabe-Inselelo ebhizinisini lobhulankethi.
Abafundi bakaBONA bayacelwa ukuba bavakashele i-showroom yabe-Inselelo babone izitayela eziphambili zakwa-Aranda. Bakhona abangama-consultant abahlalele ukuba baniphe ulwazi lokuthi ningazibandakanya kanjani nalolu hlelo lomsebenzi.
Abe-Inselelo Distributors batholakala eRio Ridge Building, 18A Ivy Road, Durban, noma uxhumane noThandiwe Ndungane kule nombolo: 031-303-3284, fax 086-671-1567, noma i-e-mail: inselelo@mweb.co.za
USavells noFairdeal babambisene
AKUYONA imfihlo ukuthi uSavells noFairdeal bayasebenzisana ukuze amakhasimende abe nesitolo esihle azokwazi ukuthola kuso okuphambili ngemali ephansi!
Kungenzeka ngakini singabikho okwamanje isitolo sabo esisha, kodwa lokho yinto engeke ithathe isikhathi ukuba yenzeke.
Uma uthenga kwaSavellsFairdeal, uzohlomula ngokuthola okwalezi zitolo zombili kudidiyelwe ndawonye esitolo esingubukhazikhazi esikuphathele okufanele wena uqobo.
USavellsFairdeal eKhayelitsha yisona sitolo sokuqala sokwenziwa sibukeke ngendlela entsha - nokungukubukeka okusha okuhlelelwe zonke izitolo zakwaSavellsFairdeal. Ungakapheli unyaka, ziningi izitolo ezintsha ezweni lonkana ezizovulwa.
Glenryck Pilchard Lasagne
Kwanela abangu-6
250g ama-noodles
2 u-anyanisi oqotshiwe
2 izigaxa zikagaligi ogayiwe
125g ama-mushrooms asikwe izingcezu
50ml imajarini
usawoti nophepha omnyama omahhadla
5ml ama-mixed herbs
1 x 410g ithini likatamatisi
1 x 425g ithini lenhlanzi iGlenryck ekwiTomato Sauce
White Sauce:
50ml imajarini
50ml ufulawa
200ml ubisi
usawoti, uphepha omnyama omahhadla kanye ne-paprika
350g ushizi ogreythiwe iCheddar
1. Pheka ama-noodles ngokulandela imithetho ephaketheni. Afake kwi-casserole dish enkulu egcotshiwe. 2. Ngemajarini thosa u-anyanisi, ugaligi nama-mushroom bese ukunonga, ufake nama-mixed herbs. 3. Bhucuza utamatisi osethinini (kanye nojusi wakhona), faka u-anyanisi nama-mushroom. 4. Venga inhlanzi (kusosi), ukugxabhise imizuzu embalwa.
5. Ngesipuni thela le ngxube phezu kwama-noodle. 6. White Sauce. Ncibilikisa imajarini ulokhu ufaka ufulawa nobisi ukwenza usosi bese ukunonga. Bondela phakathi ushizi omningana ukuhlanganisise. 7. Kuthele phezu kwengxube yama-noodle ukuvuvuzele ngoshizi osele ne-paprika. Kubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-160oC cishe imizuzu engu-30.[z]
BONA ZULU – October 2007
Umcimbi ka-October
Ukudoba, ukulima, ezokuvakasha eKZN, namathuba akwezamasiko
Indawo: Protea Hotel Imperial,
22 Loop Street, Pietermaritzburg
Usuku: ULwesithathu mhlaka 31 October 2007
Isikhathi: Fikani ngo-6.30pm ukuze siqale ngo-7pm
Indlela yokugqoka: Bukeka kahle ngemvunulo yesintu
Imali: R30 umuntu emunye
(Sekuhlangene neyedina nezipho)
Umuntu uyozithengela e-bar.
Kukhokhwa emnyango
UKUZE UBHUKE: shayela uPuleng ucingo kule nombolo: 011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi (8.30am-5pm phakathi nesonto)
BAKE & COOK FOR PROFIT WORKSHOP
Indawo: Protea Hotel Imperial,
22 Loop Street, Pietermaritzburg
Isikhathi: 9 ekuseni kuya ku-1 emini.
Usuku: ULwesine mhlaka 1 November 2007
Imali yokungena: R20 umuntu emnyango
UMhleli OMkhulu kaBONA uForce Khashane.
UThokozani MaMkhize-Ndlovu woKhozi FM.
