zulu.1829.bec recipe-tips
U-Rebecca Masito ephethe umcimbi weBake and Cook for Profit eTurffontein, esizwa ngumpheki nomunye wezihambeli.
BONA ZULU – July 2006
lHLELELA ukwenza okuzothatha isikhathi eside. Cabanga ngokuthi ufuna iminyaka emihlanu iphele ukuphi kusukela manje uhlele nokuthi uzofika kanjani lapho.
lZibhalele wena i-plan yakho. Ngokwenzenjalo, kuningi ozokufunda ngebhizinisi lakho.
lI-plan yakho yithathise okwento ephilayo. Yihlole njalo ukuze ubone ukuthi usaqhuba ngako yini noma wenze izinguquko.
lYikhombise abanye i-plan yakho – xhumana nababolekisi, abasebenzi nabeluleki.
lYazi ukuthi kungenzeka uchithe imali ethile ngokushesha ukuze ibhizinisi lakho likhule.
5 IZELULEKO ZOKWENZA I-BUSINESS PLAN YAKHO IKUSEBENZELE
KWESOKUDLA: Ababezithokozisa kwi-forum eyayiseTurffontein, kusukela kwesobunxele: Selina Mdekazi, Sasabona Tolomo, Audrey Seokwane, Joyce Phalatsi noZodwa Maseko.
izithombe nguNARDUS NEL
Rum And Mageu Number 1 Banana Tart
nguDorothy Ramaila
Izithako
1 iphakethe iTennis Biscuits
1 inkomishi iMageu Number 1 (enongwe ngobhanana)
1 x 400g ithini uphayinaphu ocwengiwe
250ml i-whipped cream
1 1/2 ama-teaspoon i-rum essence
4 izipuni i-condensed milk (enongwe nge-caramel)
1 ubhanana ohlutshwe waqotshwa
Indlela yokwenza
1. Lekanisa ingxenye yamaTennis endishini.
2. Kwenye indishi, cwilisa amabhisikidi asele kwiMageu Number 1.
3. Faka uphayinaphu kwenye indishi ufudumeze kwi-microwave kuthambe. Pholisa.
4. Kujeke, shaya ukhilimu, i-condensed milk ne-rum essence.
5. Mboza amabhisikidi nge-layer kabhanana, ingxube kakhilimu, uphayinaphu, namabhisikidi abondiwe acwilisiwe.[z]
KWESOBUNXELE: Abafundi bakaBONA besemcimbini owawuseTurffontein, kusukela kwesobunxele: Shirley Matenche, Zanele Sathekge, Sibusiso Msane, Blondie Chabalala noNomzamo Mthembu.
BONA – August 2005
