zulu.1814.pabi
Sixoxisana noPabi Moloi
indaba nguDOMINICK SEGOATLE noPATRICIA McCRACKEN; izithombe: PETER WHITFIELD
i-make-up nezinwele FAITH SEUOE; i-styling: MARINA WALSH; ukudidiyela PATRICIA McCRACKEN
U-PABI uqale ukubonakala kwiTV eneminyaka emithathu - lokho kwadalwa wukuthi uyazikhulumela. Manje useneminyaka engu-21 kanti ukukhuluma kuseyinto yakhe. Njengamanje ushayela uhlelo iMorning After The Night Before kwiMetro FM ngemiGqibelo nangamaSonto phakathi kuka-6 no-9 ekuseni kanti into uyibeka ngembaba uma ekhuluma.
Uyilokhu osuke ukuzwa emsakazweni.
"Ngangisebenzela esinye isiteshi sokusakaza kanti kwenzeka ngasakaza ngiphuma kudokotela wamazinyo ngolunye usuku. Umlomo wami wawuvuvukele ngikhala ngesimo engangikusona. Ngaleso sikhathi uLeo, ongumphathi wezinhlelo zeMetro wayengilalele wangithanda kwaba wukujoyina kwami iMetro FM lokho," kusho yena.
"Ngikukhonzile ukusebenzela iSABC. Ifinyelela ezweni lonke. Ungakwazi ukuxhumana nabantu abaseCape Town!"
Umama kaPabi nguNana Moloi, owayeyisihlabani seTV ngeminyaka yo-1980 - kodwa uPabi uthi ukhule ngendlela ejwayelekile. "Yize noma kwakuke kube khona isikhathi lapho umama wayesebenza khona kanzima ngingamboni kalula," kuqhuba uPabi. Umama wakhe umkhulise ngendlela ekahle!
"Wangitshela ukuthi angingaluthwa woklebe abangophrojusa kwiTV abafuna ukuya nawe ocansini ukuze uthole umsebenzi," kusho uPabi.
Ngokusho kwakhe le mboni ayisibo ubukhazikhazi abasha abacabanga ukuthi iyibona - kuningi okwenzeka kuyona okungekuhle.
"Umenywa emaphathini uthole kukuningi okwenzeka kuwona - kukhona nabahlalela ukukunika lonke uhlobo lwezidakamizwa notshwala.
"Ungaphuma endleleni uma ungafundi ukuzithiba wenze okholelwa kukona."
Ngonyaka odlule uPabi wethula amaSouth African Music Awards noTumisho Masha weSidingo.
"Nganginovalo kanti ngobusuku obandulela obama-awards ngangingakhumbuli nokukodwa okwakumele ngikusho kuwona," kusho uPabi.
"Ngasizwa ukuba khona kukaTumisho owangenza ngakhululeka ngoba yena usevuthiwe kulezi zinto."
U-Pabi uhlose ukuqopha iCD yakhe manje noma-ke athole uhlelo azolusakaza phakathi nezinsuku - "kungaba olwasekuseni noma ntambama," kusho yena.
"Into engingathanda ukuyenza ngempela ukushayela i-top 20. Kungangijabulisa kakhulu lokho."
Uma sikhuluma "ngamaphupho," anawo, umuntu onjani afisa ukuzwana naye"
"Umuntu onjengoZola noSnoop Dogg - kuZola ngithanda ukukhalipha nokuzikhulumela kwakhe kanti uSnoop ngingathanda ukubonakala naye emaphathini," kusho uPabi.
Hlobo luni lwemoto athanda ukuyishayela"
"Ngithanda izimoto ezinkulu njengama- 4x4!"
Indawo afisa ukuya kuyona"
"Ngifisa ukuya eMoza- mbique, kodwa indawo engilangazelele ukuya kuyona yiseRio De Janeiro eBrazil. Ngiyaluthanda ulwandle kanti ayikho into emnandi njengokuvuka ekuseni ugijime olwandle.
"Ngiyazwana nokuvakasha ngihlangane nabantu."
Zonke lezi zinto asezibalile - kubandakanya nokucula - uzophumelela kuzona uPabi ngoba uthi ubusisekile.
"Sake sakhuluma nogogo ngokubusiseka kwami. Baningi abantu abasha abangawutholi umsebenzi. Kunzima kakhulu kubona.
"Abantu abasha kumele babe nomqondo osabalele umhlaba bangawuthathisi okwendawo embi. Akufanele baphelelwe yithemba.
"Uma beya kuma-interview abazethembe babe nesibindi!"
UPabi unomfowabo oneminyaka emithathu. Uhlala kubo kanti ekhaya bahlale bemncokolisa ngokuthi kufanele asheshe ashade ukuze athole abantwana abazodlala nomfowabo.
BONA ZULU - October 2005
K
Uneminyaka engu- 21 kanti uyasakaza abuye asebenze kwiTV - manje usezokhipha iCD...
Kuhamba ahle!
"Ngiyazithanda izingubo ezinhle esengizigqoka manje emva kokwehlisa isisindo somzimba," kusho uPabi. (I-top: Foschini; amacici: Ruby In The Dust.)
"Ngithanda ukuvakasha ngihlangane nabantu," kusho uPabi Moloi. "Ngifisa ukuya eMozambique - kodwa engikulangazelele wukuya eRio!" (I-jacket nesikhafu: YDE; i-camisole: Woolworths; ishethi nesiketi: Foschini; ikapisi: elikaPabi; amacici: Ruby In The Dust; izicathulo: Europa Art; izikhwama: Matador.)
BONA ZULU - October 2005
Ukuguqulwa kukaPabi
UPabi uthi isitayela sokugqoka azwana naso "isipansula sabesimame - ama-All Stars namateku kanye namabhulukwe, kodwa ngeke nginqabe uma kukhona umsiki wengqephu ofuna ukungenzela imfashini ephambili!"
Ngesikhathi elinganisa izingubo ayezozigqoka simthwebula izithombe, wathi usazama ukujwayela indlela entsha abukeka ngayo. Akakholwa uma ebona izimpahla ezingosayizi abancane asezigqoka nobuhle bezingubo ayengeke azilokothe phambilini.
"Kwakunzima - ngangichitha amahora amathathu ekuseni nantambama ejimini izinyanga ezingu-8. Ngangingenaye umlolongi. Manje ngizizwa nginempilo nomdlandla. Sengenza izinto engangingazi ukuthi ngiyoke ngizenze esikhathini esedlule," kusho yena.[z]
