zulu.1813.contraception
Konke odinga ukukwazi ngezinto zokuvikela ukukhulelwa...
Siyakukhombisa ukuthi uyikhetha kanjani indlela ekufanele - nokuba ukhohlwe yizinto ezingesilo iqiniso nezingenamqondo...
BONA ZULU - May 2007
UMA kuziwa ngasekukhetheni okukufanele kokuvikela ukukhulelwa, okuningi kuncika ezidingweni zakho. Lokhu kubandakanya impilo yakho, noma uhlela ukuba nabantwana.
Okunye okubalulekile wukuthi, ngabe usothandweni olwethembekile yini, uthandana nomuntu oyedwa noma baningi oya nabo ocansini.
Phezu kwezinga eliphezulu lobuchwepheshe kwezokwelapha nasekuthuthukisweni kwezindlela zokuvikela ukukhulelwa, amakhondomu kuseyiyona ndlela ekuvikela kwi-HIV/AIDS nakwezinye izifo ezithathelana ngokocansi.
Ochwepheshe beluleka ngokuthi uma ungathembekile othandweni lwakho, kufanele noma kanjani uhlale usebenzisa amakhondomu ngisho ngabe kukhona okokuvikela ukukhulelwa okusebenzisayo.
Ocwaningeni lwethu sifake nezindlela zokuvikela ukukhulelwa ezitholakala mahhala emitholampilo eminingi. I-Intrauterine Device (IUD), idinga inqubo yezokwelashwa kanti itholakala kuphela emitholampilo ethile...
nguGRACE KHUZWAYO
Ukuziphatha ngokocansi
Izindlela zokuzivikela ezijwayelekile
OKOKUVIKELA
OKUHLE
OKUBI
Ikhondomu yabesilisa
Yenziwe nge-latex noma i-polyurethane.
80-98%
Uma isetshenziswe ngokuyikho.
Ikuvikela kwi-AIDS nasezifweni ezithathelana ngokocansi. Itholakala kalula.
Ingadabuka uma ingasetshenziswanga ngokuyikho. (Qaphela: Amakhondomu akudingeki asetshenziswe nezinto ezigcotshwayo ezingamafutha njengoVaselina ngoba lokho kuyayithambisa. Ungasebenzisa izinto ezisamanzi ezifana ne-KY Gel.)
Ikhondomu yabesimame
Yenziwe ngopulasitiki oqinile omncane kanti ibanzi kuneyabesilisa. Ifakwa kowesimame ngaphambi kokuya ocansini.
79-90%
Uma isetshenziswe ngokuyikho.
Ikuvikela kwi-AIDS nezinye izifo ezithathelana ngokocansi. Yenza owesimame akwazi ukuzivikela.
Kufanele ifakwe ngaphambi 'komsebenzi'.
I- Combined Pill
Line-oestrogen ne-progesterone. Likahle kodwa kuncika empilweni yakho nokuthi usebenzisa yiphi imithi. Ngakhoke kubalulekile ukwazisa umtholampilo wakho ngayo yonke imithi oyisebenzisayo ukuze bakuyalele iphilisi eliyilo.
92-99%
Uma liphuzwe ngokwemiyalelo.
Liphephile kwabesimame abaningi, kanti lisiza nasekwehliseni izinkinga ababhekana nazo ngesikhathi besezinsukwini zabo.
Lingadala ukucanuzela kwenhliziyo, ukopha phakathi kwezinsuku zakho, ukuphathwa yikhanda nokukhuluphala. Kungenzeka lingezwani neminye imithi. Ukukhohlwa wukuliphuza kungadala ukukhulelwa.
I-Mini Pill
Ine-progesterone. Ilungele abesimame abancelisayo. Ivame ukunikwa abesimame abagunyazwe ukusebenzisa imithi yokwelapha isikhathi eside.
92-99%
Uma ephuzwe ngokwemiyalelo.
Liphephile cishe kubo bonke abesimame, alikudaleli izinkinga kune-Combined Pill. Linomthelela omkhulu ekuyeni ezinsukwini zakho.
Ukuze lisebenze ngokuyikho, kufanele uliphuze ngesikhathi esisodwa nsukuzonke. Ukukhohlwa wukuliphuza noma ukuliphuza emva kwesikhathi kungakudalela ukukhulelwa.
Umjovo
Une-progestogen, ungajova cishe njalo emasontweni angu-8 noma angu-12.
92-99%
Udinga ukuba uwuphinde izikhathi ezine noma eziyisithupha ngonyaka.
Ushintsho lokuya ezinsukwini zakho nokungayi isikhathi eside. Uvuselela ukuthanda ukudla okungakudalela ukukhuluphala.
I-Intrauterine Device (IUD)
Yinto engu-T eyenziwe nge-copper noma ngopulasitiki. Udokotela nabomtholampilo bazokutshela ngekufanele. Ingahlala 10 iminyaka kwi-uterus. Ifanele bonke abesimame.
98-99%
Isebenza ngokukhulu ukushesha. Ayixabani nemithi kanti ayikuhluphi emva kokuyisebenzisa. Ayixabani futhi nokuya ocansini.
Kungadala ukuya ezinsukwini kuhambisane nokopha okunzima. Kungaba nomphumela wezifo eziningi uma unabantu abehlukene oya nabo ocansini.
BONA ZULU - May 2007
Ezithinta ezocansi
Esimweni esiphuthumayo
INDLELA ephephile nesebenzayo yokuvikela ukukhulelwa, i-Emergency Contraceptive Pills (ECPs) ingakuvikela ekukhulelweni emva kokuya ocansini olungaphephile.
Ziningi izindlela ezehlukene ezikhona, kodwa zonke zivikela ukukhulelwa ngokumisa noma ngokubambezela iqanda ukuba likhishwe kuma-ovary noma limise iqanda eselivundile ukuba libambelele kwi-uterus.
Ama-ECPs angasetshenziswa ezimweni ezilandelayo:
Uma uye ocansini ungahlelanga futhi ngendlela engaphephile;
Uma waphoqelelwa ukuya ocansini futhi ungazisebenzisi izinto zokukhulelwa;
Kwadabuka ikhondomu ngesikhathi niya ocansini;
Uma uphuthwe amaphilisi amabili noma angaphezulu okuvikela ukukhulelwa;
Uma usungaphezu kwamasonto amabili ekutheni uthole umjovo wakho wokuzivikela.
Ama-ECPs asebenza ngempela lapho ethathwe engakapheli amahora angu-24, kanti angathathwa kuya ezinsukwini ezinhlanu emva kocansi olungavikelekile.
Uma uwasebenzisa ngokushesha, kulapho ekusebenzela kakhulu. Kudingeka ukuba uthathe amaphilisi amabili: elokuqala ngokukhulu ukushesha emva kocansi olungavikelekile, elesibili emva kwamahora angu-12.
(Qaphela: Ama-ECPs akufanele uwasebenzise esikhundleni sento yokuvikela ukukhulelwa. Uma esetshenziswa njalo, amathuba okukhulelwa makhulu kunokuba usebenzisa izinto zokukhulelwa ezijwayelekile.)
Okungagunyaziwe - izindlela zendalo
Indlela ye-rhythm kanye neyokungathululeli ngaphakathi, zombili yizindlela zendalo. Kodwake ayikho kuzona egunyazwa ngochwepheshe.
Indlela ye-rhythm ibandakanya ukugcina amarekhodi okuya ezinsukwini zakho ukuze ugweme isikhathi sokuvunda kowesimame.
Eyokuthululela ngaphandle ibandakanya ukuphuma kowesilisa ngaphambi kokuba achithe kanti ayithembekile ngoba enye imbewu ingangena ngaphakathi kowesimame ngaphambi noma nangemuva kokuchitha.
Ama-Spermicides amakhemikhali abulala imbewu kanti ayizindlela ezehlukene - igwebu, injimbilili, iphilisi elincibilikayo noma ukhilimu - okushuthekwa esithweni sangasese. Kufanele asetshenziswe ne-diaphragm ("okuyinkomishana" efakwa ngaphakathi kowesimame). Ngeke wethembele kulokhu, kunalokho usungasebenzisa nekhondomu futhi.[z]
USIZO! Kuzo zonke izinkinga ngokuvikela ukukhulelwa, ikakhulu kwesimo esibucayi - xhumana nabe-Emergency Contraception kule nombolo: 0800-246-432
BONA ZULU - May 2007
Izinkoleloze ngokuvikela ukukhulelwa
ZININGI izinkoleloze ezimayelana nokuvikela ukukhulelwa kanjalo nokukhulelwa...
Ngeke ukhulelwe uma uncelisa noma ngesikhathi sokuya ezinsukwini zakho.
AKUSILO IQINISO. Ukuvuthwa kweqanda kwenzeka uma owesimame encelisa noma esezinsukwini zakhe.
Eya ocansini okokuqala ngqa.
Ukuthela amanzi emva kokwenza ucansi.
Egxumagxuma emva kokuya ocansini.
Enza ucansi emile noma owesimame engaphezulu.
Egeza, noma echama emva kokuya ocansini.
AKUSILO IQINISO. Akukho okungenhla okwakha umqondo. Imbewu yomuntu wesilisa ingahamba ngisho ngabe ikusiphi isimo kanti emva kokungena kwayo kowesimame, ingahlala izinsuku ezinhlanu kwi-uterus.
Ama-clingwrap epulasitiki noma ibhaluni kungasetshenziswa esikhundleni sekhondomu.
AKUSILO IQINISO. Kuyingozi nobuphukuphuku.
Kubalulekile futhi ukuqaphela ukuthi amantombazane angakaqali ukuya ezinsukwini zawo kungenzeka avunde akhulelwe mhlawumbe uma kwenzeka kuvuthwa iqanda ngaphambi kokuya ezinsukwini zawo okokuqala.
Ukuvikela ukukhulelwa 'ngokuvala inzalo'
UKUVALA inzalo yindlela ekhona kwabesilisa nabesimame. Noma ngubani oneminyaka engu-18 nangaphezulu osengaba ngumzali angavalwa inzalo ngokwesicelo sakhe.
Ukwelulekwa ngochwepheshe kuyenziwa, kusayinwe nefomu yemvume - kanti zombili izindlela zisebenza ngokungamaphesenti angu-99.
Abesimame: Ukuhlinzwa kwaziwa ngokuthi yi-tubal ligation. AmaFallopian tubes okuyiwo ahamba amaqanda kusuka kuma-ovaries kuya kwi-uterus ayaboshwa. Lokhu kuvimbela amaqanda ukuba angavuthiswa yimbewu yowesilisa.
Abesilisa: Le ndlela ibizwa ngokuthi yi-vasectomy. Amashubhu "embewu" ayasikwa aboshwe. Lokhu kuvimbela imbewu ekungeneni oketshezini olungenayo ngesikhathi niya ocansini. Izinkinga nokwehluleka kwale ndlela yinto engavamile. (Qaphela: Le ndlela ayanele ukuvikeleka okusheshayo ekukhuleliseni - ezinye izindlela zokuvikela ukukhulelwa zigunyazwe ukusebenza ezinyangeni ezintathu emva kwale ndlela.)
