zulu.1811.purity May
ezentengiso
USis Purity uyilungu lochwepheshe bokudla kwezingane kanti uphendula imibuzo yakho ngokudla kwezingane okunomsoco
USis Purity uthi...
Umbuzo 1:
Ngibona amaPurity Cereals esene-iron, zinc ne-selenium. Kanjalo futhi namaphephabhuku namaTV akhuluma nge-iron. Kungani lokhu kubalulekile enganeni yami uThabang enezinyanga ezingu-7 esancela ibele? Umamezala wami ufuna ukuba ngimdlise ipapa elidliwa wumuntu wonke.
– Jabulile Motlaung
Impendulo:
Kuyangijabulisa ukubona ukuthi uyafunda ngokuhle okufanele ingane yakho. Kubalulekile njengomama ukwazi ngokudla okunomsoco okufanele ingane yakho kanti njengoba ikhula iyawadinga ama-minerals - iron, zinc ne-selenium – ukuze ikhule iphilile ibe namasosha omzimba aqinile.
I-iron ibalulekile ekukhuleni komqondo nasekufundeni esikoleni. Wenza into enhle kakhulu ngokungayidlisi ipapa elidliwa wumndeni ize ibe neminyaka emibili.
Umbuzo 2:
Ngingamnika umntwana wami ama-cereal kabili ngosuku ekuseni nePurity Cream Of Maize Baby’s Soft Porridge ebusuku. Ngabe lokhu kulungile? Ngicabanga ukuthi lokhu kuzosuke kumenze akhuluphale - uyalithanda iphalishi lakhe. Ungangicebisa ngokumdlisa lona kabili? - Phaka Singwane.
Impendulo
Ukunika ingane yakho i-cereal kabili ngosuku kulungile kodwa kungakuhle ukuba okwesibili ukudla kube ngenye inhlobo. Ekudleni okukodwa ungaqhubeka ngokumnika inhlobo eyodwa kwezimbili. Ngeke kungezwani naye kanti ungakusebenzisa njengama-starter.
Kokwesibili ungamnika okunye njengama-fruit purées afana ne-apula namanye, noma ama- vegetable purées afana nethanga nobhatata. Uma ingane yakho ikhombisa ukuba manqikanqika ekwamukeleni lokhu kudla okusha, kuthake nama-cereal ewajwayele.
Isikhathi sokudla kwengane sihle ngoba sinigcina nindawonye.
Ekwesekeni umhlahlandlela wabeWorld Health Organisation noMnyango wezeMpilo, iminyaka yokuqaliswa kokudla okuqinile kuyo yonke imikhiqizo yePurity isinyuselwe ezinyangeni eziyisithupha.
WONKE amaPurity cereals agqunyisiwe kanti ane-iron eningi kunawo wonke amanye ezingane akhiqizwa lapha. Ukuyinika kanye ama-cereal kuyenza ithole 50% we-iron edingwa njalo yingane enezinyanga ezingu-6. Bheka okuneVitamin C osiza umzimba wengane umunce i-iron.[z]
Kungani uyidinga?
- Isiza umzimba ulwe nezifo
– yakha izicubu nezinyama
Ukudla okune-iron
I-beef
Iqanda
Isipinashi
I-sardines
i-baby cereals
