zulu.1801.baby
Ngabe ingane yami iphile kahle"
indaba nguPRIMROSE WILLIAMS
isithombe ngabeGREAT STOCK!
KWABANINGI ukuba ngumzali ngenye yezinto ezithokozelekayo nezinembuyiselo empilweni. Kodwa izingane azifiki nencwadi yokukhuliswa kanti ayikho into eyisipiliyoni esedlule engalungiselela labo abaqala ukuba abazali. Nazi ezinye zezinto ezijwayelekile ezidida abazali...
Ukopha emehlweni: Amehlo engane akufanele ophe, kodwa emva kokuzalwa kwayo kufanele uqaphele into ebomvu kokumhlophe kwamehlo. Lokhu kuzophela emva kwamasonto noma izinyanga.
Igazi endleni: Lokhu akujwayelekile futhi ngokuvamile akukubi njengoba abazali abaningi becabanga. Enganeni ephilile, kuvame ukuba wuphawu lokungazwani nephrotheni yobisi. Ukunciphisa ubisi noma imikhiqizo yasedeli ekudleni kukamama oncelisayo kungasiza. Qiniseka ukuthi uvakashela emtholampilo wakho noma kudokotela.
Amaqhubu emabeleni: Azoziphelela ngokwawo. Ungazikhami izingono zomntwana wakho.
Ukukhwehlela: Izingane zikhwehlela ngezizathu ezifanayo nezabantu abadala, nokungukukhipha izikhwehlela noma amathe okusemigudwini yomoya. Ukukhwehlela kungenzeka kube luphawu lwenkinga uma kuphelezelwa yimfiva noma kuphazamisa ukudla noma ukulala komntwana.
Ukukhala: Izingane ziyakhala uma zilambile noma zidinga ukushintshwa inabukeni. Funda ukuzwa ukukhala kwengane yakho nokuyiduduza. Ukukhala kungaba wuphawu lwenkinga uma ingane yakho ikhala futhi iphuma amathe kakhulu, ikhala emva kokudla, kunuka indle noma isisindo somzimba singanyuki. Uma unemibuzo ngokukhala kwengane yakho, bonana nabomtholampilo.
Ikhala/ngenxa yokuqhineka ngemuva: uma indle yomntwana wakho ithambile, noma isaluketshezi, ingane ikhala, inswininiza, ikhala ngobunzima - lokho kujwayelekile, akulona uphawu lokuqunjelwa. Uma ingane yakho iqunjelwe, indle yayo izoqina, ibe amageqelana noma ishube kune-peanut butter.
Izinkinga zomgudu wokudla: Izingane eziningi ziba nokungahleleki kahle esiswini ngenxa yokungaqini komgudu wokudla. Ukuqunjelwa okuncane kungaphela ngokuhlikihlwa esiswini, ngemuva nasezinqeni. Kodwa uma ingane iphalaza noma ihanjiswa isisu, ivuvukala isikhathi eside esiswini noma kunegazi endleni, ihambise emtholampilo ngokushesha.
Ingwici: Nakuba ziziningi izindlela zokuzama ukuqeda ingwici ezinganeni esezikhulile nakwabadala, ingane yakho ungayiyeka ingwici ize iziphelele. Ukuzama ukuyiqeda kudinga ukuba uqiniseke ukuthi ayidli ngokushesha noma igwinye umoya omningi.
Ukuqubuka: Isikhumba sengane esanda kuzalwa singathamba, kodwa ngokuvamile asicacile. Amaqhubu avame ukuvela ingane isanda kuzalwa, kodwa azoziphelela. Ezinye izingane ziba namaqhubu amancane amhlophe noma aphuzi azungezwe yisikhumba esibomvu. Lokhu kuvame ukuthatha izinsuku ezintathu kuya kwezinhlanu. Inkwethu ingaba amakhekheba yenze kuxebuke isikhumba ezinkopheni, ngemumva kwamadlebe nasemqaleni, lokhu akudingi ukwelashwa. Ukuqubuka okudinga ukunakwa okuhambisana nokuxebuka noma nemfiva nalokho okuqhubekela phambili.
Ukuthimula namakhala avalekile: Kuvame kokubili kanti kungadalwa yizinto ezifana nentuthu. Akufanele kube khona obhemayo endlini.
Ukuthimisela: Izingane eziningi ziyathimisela uma zidla. Kodwa ungakhathazeki ukuthi ingane yakho izolamba. Okusuke kuthimiselwe wumntwana kubukeka kukuningi kunokuyikho. Ukuze uyisize iyeke lokhu, uma uyincelisa ibhodlela, kufanele uyincelise lapho ime yacishe yabheka phezulu ukuze iphuze ubisi hhayi umoya. Uma usuyincelisile ingane yakho, ibhekise phezulu imizuzu embalwa. Ukuthimisela kwayo kuyinkinga kuphela lapho isisindo somzimba singanyuki, noma ikhwehlela noma ixhelwa kakhulu.
Ukwehla ngesisindo somzimba: Izingane zivame ukwehla ngomzimba ezinsukwini ezintathu zizelwe. Akufanele kube ngaphezu kwalokho, kanti kufanele futhi ziphinde zikhuluphale ngokubuyelwa yileso sisindo emasontweni amabili. Uma ingane yakho ingakabuyelwa yisisindo sayo lapho isiyohlolwa emva kwamasonto amabili noma ilahlekelwa isisindo esingaphezu kwamaphesenti alishumi, kulezo zinsuku, umtholampilo wakho ungakubonisa ngokuba esikhundleni sebele uyiphe ubisi oluyimpuphu.[z]
Umbuzo obuzwa abaqala ukuba abazali...
Kuyesabisa uma ingane yakho iqala njalo isiyenza izinto ezingajwayelekile nokuyizinto okufanele uzilindele...
BONA ZULU - October 2005
t
t
Akufanele kube khona obhemayo endlini
BONA ZULU - October 2005
Qaphela izimpawu zezinkinga ezinzulu
Uma ingane yakho inezinye zalezi zimpawu, funa usizo lokwelashwa ngokushesha:
Ingakhiphi indle eluhlazana ngokumnyama emahoreni angu-36 izelwe.
Isikhumba noma okumhlophe kwamehlo kubukeka kuphenduka kuba phuzi.
Iphalaza ngaphezu kokujwayelekile (ngaphezu kokuphimisa).
Yenqaba ukudla ngaphezu kwamahora ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili.
Inemfiva ngaphambi kwamasonto ayisithupha izelwe.
Inokukhwehlela okungapheli.
Ikhombisa ukungathandi lutho noma ukucasuka.
Izizwa ingakwazi ukwenza noma yini noma ihlale ilele.
Kukhona ukushintsha kombala ezindebeni zomlomo noma ebusweni.
Ihhuda kakhulu nendle iluketshezi kakhulu.
Ibukeka iphelelwe amanzi emzimbeni.
QAPHELA: Uma ukhathazekile ngempilo yengane yakho, funa usizo lokwelashwa.
