zulu.1800.manners
BONA - August 2005
Fundisa izingane zakho kahle
Siza ingane yakho ithole abangani iqhubeke nempilo ezweni...
nihlanganiselwe nguPRIMROSE WILLIAMS
isithombe nguCLIVE THOMPSON
BONKE abazali sebake bahlangabezana nesimo sokuphoxeka lapho uthola ukuthi ingane yabo idelelile yaphoxa waze wafisa ukuthi umhlaba uvuleke ungene. Izingane azizalwanga nezindlela ezinhle zokuziphatha, futhi azizalwanga nezindlela ezimbi zokuziphatha - kufanele zifundiswe.
Nakuba sehlukile ngokwamasiko, kodwa kukhona ezinye izindlela zokuziphatha ezaziwa umhlaba wonke ukuthi yizindlela ezinhle...
4 Ngiyacela, ngiyabonga, ngicela uxolo: Izingane kufanele zifundiswe lamagama. Igama elithi "ta" cishe ebunganeni yilo eliyisisekelo salesi sifundo esibalulekile.
4 Ukwazisa abanye: Fundisa ingane yakho ngobubele, ukuthi banakekelwa kanjani abanye abantu nokuba ibe lusizo kwabadingayo. Ifundise ukuthi ingakhombi noma igqolozele, ihleke, igcone abantu bezinye izinhlanga, namasiko abo noma labo abangenamathuba, abakhubazekile ngisho ngabe babukeka ngokungajwayelekile. Ingabeki izici ngoba lokho kubuhlungu.
4 Ukuhlonipha impahla yabanye abantu: Fundisa ingane yakho ukuhlonipha imizi yabanye abantu, izimpahla nokunye. Uma kukhona izingane zakho ezikubolekile, kufanele zazi ukuthi kumele kubuyiselwe emva kokukusebenzisa kukuleso simo okuthathwe kukuso.
4 Ukuhlonipha impilo yangasese yabanye abantu: Lokhu kusho ukungqongqoza emnyango ulinde kuze kuthiwe 'ngena', kusho ukuthi ungavuli iminyango yamawodilophi nama-drawer abanye abantu; ungafundi izincwadi zabanye abantu, futhi ungalaleli izindaba zabanye abantu.
4 Ukuhlonipha abantu abadala: Akufuneki ukubiza abantu abadala ngamagama. Uma zingekho izihlalo ezingenamuntu, fundisa ingane yakho ukuba isukumele abantu abadala.
4 Ukuhlonipha abaphathi: Ukuze uthisha enze umsebenzi omuhle, kufanele ahlonishwe abafundi. Izingane kufanele zifunde futhi ukuthi akukuhle ukumemeza noma ukukhuluma ngendelelo kubantu abadala nabantu nje bonkana.
4 Ukwethembeka: Ukuxolisa ezinganeni yinto enzima, kodwa kuyisifundo esihle sokwethembeka. Uma zivuma ukuthi zenzeni, zitshele ukuthi ubuzophoxeka ukuba bezingalivumi iphutha lazo.
Akufani
Kwabanye ukuzotha kwenza kubukeke sengathi ingane iyisidenga, umuntu onguvuma zonke. Kule minyaka yakamuva, sekufana nento enhle eyamukelekile emphakathini ukufundisa izingane ukuba zithole amathuba.
Yebo, kuyinto enhle ukuba izingane zikwazi ukwamukela isimo, zizethembe nokuba zikwazi ukuzikhulumela uma nje lokho kungeke kuzenze zingabi nesizotha noma indlela enhle yokuzihlonipha.
Kufanele uqale nini
Kusukela ebuncaneni, into uJabu ayizwayo nayibonayo kanjalo nayenzayo, ngakhoke izindlela ezinhle zokuziphatha kufanele zifundiswe ngesikhathi ingane yakho isiqala ukukuqonda okushoyo.
Yiba yisibonelo
"Enzani njengoba ngisho, nanjengoba ngenza," iyona ndlela yokufundisa izingane ukuzithoba. Ngeke ulindele izingane zakho ukuthi zikhombise izindlela ezinhle zokuziphatha uma wena ungesona isibonelo esihle kuzona, izingane izinto eziningi zizifunda ekhaya. Isibonelo sabazali sokuba bathobelane bathobele ngisho izingane yinto ebalulekile.
Ncoma izindlela ezinhle zokuziphatha
Ukuncoma kufundisa lukhulu. Tshela izingane zakho ukuthi uziqhenya kangakanani uma uzibona zinokuzithoba. Kubalulekile lokhu ukwenze ngesikhathi zisezincane usazifundisa inhlonipho, kodwa nezingane esezikhulile kufanele uhlale uzincoma ngendlela eziziphethe ngayo.
Ungalokhu uzitshela kuphela uma zenze izinto ezingalungile. Ngaleyo ndlela, kusho ukuthi uqala ukuzinaka lapho kukhona okungalungile ezikwenzile. Uma izingane zakho kukhona into engalungile eziyenzile, ungazigxeki, kodwa zitshele ngesizotha iyiphi indlela engcono yokuyenza leyo nto. Ungalokothi nakancane ingane uyithethisele iphutha layo emphakathini.
Ukuthetha nakho akuyona indlela enhle yokuziphatha.
Lindela izindlela ezinhle zokuziphatha
Izindlela ezimbi zokuziphatha zingafaka izingane zakho otakwini. Wonke umuntu uyazithanda izingane eziziphatha kahle ezihloniphayo kodwa hhayi ezidelelayo. Ukuzenyeza wumphumela wezinkinga ezifana nokuba abantu bagweme ingane yakho. Ngakhoke alukho usizo olwenzela ingane yakho uma uyivumela ikhombisa ukungahloniphi nezindlela ezimbi zokuziphatha.
Lindela izindlela ezinhle zokuziphatha, lindela izingane zakho ukuba zisebenzise izindlela ezinhle zokuziphatha ezafundiswa zona. Thembeka uphoqelele ukuba kubuse izindlela ezinhle zokuziphatha nsuku zonke. Ungavumeli izinto zingenziwa nangelilodwa ilanga. Bakhumbuze ukuze esikhathini esizayo ukuthokozele ukubabona sebeyizintokazi nezinsizwa eziziphethe kahle.
U
BONA ZULU - October 2005
kuziphatha
Fundisa ingane yakho
Ocingweni
Kungcono uma izingane zakho zingaluphenduli ucingo zize zazi indlela efanele yokukhuluma ocingweni. Lokhu kuzokuvikela ezintweni ezingakuphoxa ngenxa yamaphutha enziwa wumntwana njengokuphendula okufana nokuthi, "Ubaba ngeke akwazi ukuza ocingweni ngoba usendlini encane."
Sebenzisa ucingo oluyithoyizi uzifundise ngalo. Njengoba ziziningi izingane eziba sekhaya zodwa, kubalulekile ukuba zazi ukuthi kukhulunywa kanjani ocingweni.
Zichazele ukuthi umuntu oshayayo akudingi ukuba aze azi yonke into. Kulungile ukuthi ingane esele yodwa ekhaya ithi "Umama usalele," noma "umama ngeke akwazi ukuza ocingweni njengamanje, ngingawuthatha umyalezo""
BONA ZULU - October 2005
Izindlela zokuziphatha etafuleni
Izingane ngeke zizazele ukuthi yini enhle nengalungile uma nihleli etafuleni ngaphandle kokufundiswa abantu abadala. Ezinye izingane zikhula ngaphansi kwabazali nabo abangazazi izindlela zokuziphatha etafuleni.
Nakhu okunye okubalulekile nokuyisisekelo ongakufundisa izingane zakho
Ungakugxeki noma ukhulume kabi ngokudla. Uma kukhona ongakuthandi, yithi "Cha ngiyabonga."
Khombisa ukutusa. Njalo ithi ngiyabonga uma kukhona into oyiphakelwayo.
Ungawugxishi umlomo wakho ngokudla.
Uma ufaka into eshisa kakhulu emlomeni wakho, ungayikhiphi uyifele phansi. Vele uphuze okuphuzwayo ngokushesha.
Yidla kancane ungaphangi.
Vala umlomo wakho uma uhlafuna.
Gwinya ukudla konke ngaphambi kokuba ukhulume.
Ukudla okokudliwa hhayi ukudlala ngakho.
Ungeqisi isandla phezu kwepuleti lomuntu, cela ukuthi udluliselwe lokho okufunayo.
Ungavunguli amazinyo, akuyona into enhle.
Izindololwane mazisuke etafuleni.[z]
