zulu.17.free
imititilizo
Amathikithi efestiveli ye-jazz
Ifestiveli yakulo nyaka iCape Town International Jazz Festival kuzokuba ngenkulu kunawo wonke. Le festiveli eyaziwa ngokuthi yi“Africa’s Grandest Gathering,” kumanje isisayinise amaqembu omculo amakhulu emhlabeni njenge-Ananda Project yaseMelika nesihlabani saseMzansi uZola.
Le festiveli iyokuba ngomhlaka 28 no-29 March 2008 eCape Town International Convention Centre.
UBONA unamathikithi angamabili amathathu empelasonto yonke, amakapisi, ama-T-shirts namaCD abiza R4 000.
Uma ufuna ithuba lokuya kule festiveli, phendula lo mbuzo: Yini eyaziwa ngokuthi yi “Africa’s Grandest Gathering?” Thumela impendulo yakho nge-postcard elinegama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kuleli kheli: BONA/Jazz Festival Tickets Giveaway, Box 32067, Mobeni 4060, noma u *SMSe JAZZ FESTIVAL ku-35919.
(Lo mklomelo awubandakanyi izinto zokuhamba noma indawo yokulala.)
Okubalulekile ekukhuleni kwengane
I-Nestlé Nutren Junior yizakhamzimba zansuku zonke ongazinika ingane yakho ngengilazi. Kulula futhi ukuyilungisa: hlanganisa i-vanilla powder namanzi noma uyifake kwi-yogurt.
I-Nutren Junior ibhekele izidingo zokukhula ebantwaneni bonyaka owodwa kuya kwabeminyaka eyishumi.
UBONA unamaNestlé Nutren Junior Back-To-School Backpacks ayisishiyagalombili onikezela ngawo abiza R500 iyinye.
Ukuze uzibeke ethubeni lokuba uthole eyodwa, sithumelele i-postcard enegama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini kuleli kheli: BONA/Nestlé Nutren Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma u*SMSe NUTREN ku-35919.
BONA ZULU – February 2008
Ziphuphe ukude!…
Zikhiphe ungalokhu wahlala ndawonye. Hamba uvakashele indawo ekude uphile impilo owawukade uyifisa.
Amakha odumo akwa-Avon yiwo kuphela akunika lelo thuba. Lawa makha anuka kamnandi njenge-jasmine nama-rose.
Uyathanda ukunuka kamnandi ngeFaraway ekuthatha ikubeke? UBONA unamahamba angu-10 onikezela ngawo abiza R400 iyinye. Ukuze uzibeke ethubeni lokutonyulwa, thumela i-postcard enegama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kuleli kheli: BONA/Faraway Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma u*SMSe FARAWAY ku-35919.
Izipho zikaR16 200
Kuvalwa mhlaka:
29 February, 2008
*(I-SMS ngayinye ibiza R3.)
Amakha abesilisa nabesimame!
UFebruary yinyanga yothando, ngakhoke uBONA unikezela ngamahampa ahamba ngamabili amakha eRasasi ayisikhombisa abesilisa nabesimame abiza R600 iyinye.
Ihampa ngayinye iqukethe amakha eRasasi Blue Lady nawe-Blue For Men. I-Blue Lady yisiqedaphunga samakha afreshi anuka kamnandi. I-Blue For Men inamakha athakwe nge-mint ne-mandarin, i-rose ne-jasmin ne-mingle, geranium ne-pepper.
Ukuze uzibeke ethubeni lokuba igama lakho litonyulelwe lawa mahampa eRasasi ezithandani - kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini, uthumele kuleli kheli: BONA/Rasasi Giveaway February 2008, Box 1393, Westville, 3630, noma u*SMSe RASASI ku-35919. [z]
