zulu.178.Lesley
LEYO IMPILO
ULesley nabazali bakhe. "Ngibonga UNKULUNKULU ngakho konke," kusho umama wakhe uSarah.
IHHOLO lomphakathi laligcwele liphuphuma ngalelo langa ekuseni abantu bezokuzwa ukuthi ngabe lesi sigebengu esasihlukumeza abantu elokishini eLulekani (ngasePhalaborwa eLimpopo) iminyaka engaphezu kweyishumi, sizothini.
ULesley Mongwe wahanjiswa lapho esuswa ejele laseTzaneen, kanti abanye babantu ababekhona kuleli hholo kwakungabanye babantu abahlukunyezwa yizenzo zakhe zobugebengu.
Egqoke izingubo zasejele ezisawolintshi eboshwe ngezinsimbi ezandleni nasemaqakaleni waqonda esteji waqala wakhuluma ngezwi elipholile. "Kulabo abahluku-mezeka ngezenzo zami zobugebengu, ngicela ukuba bangixolele. Ngifunde isifundo esikhulu kangangoba manje sengiyazi ukuthi ngenza into engafanele."
Kwathula kwathi cwaka ehholo.
"Ngiyethembisa ukuthi uma ngiphuma ejele, ngizoqalisa uhlelo lomsebenzi wokusiza umphakathi nokuyilapho ngizofundisa khona abantu abasha ukuthi ubugebengu abukhokheli.
"Ngifuna umndeni wami uphinde ube nokuziqhenya emphakathini. Nami futhi sengihlele ukuba ngibuyele esikoleni."
Lowo kwakungunyaka ka-2006. UMongwe wakwazi ukumelana nezethembiso zakhe. Namuhla le nsizwa eneminyaka engu-31 isishintshe izimpilo zabantu abasha abaningi esifundeni sangakubo.
Ngempela ungubani lo Lesley Mongwe? Kwenzeka kanjani ukuba abe nyamana-mbana emphakathini wakhe?
ULesley nguye owayemdala kubantwana abayishumi. Ubaba wakhe wayengaqashiwe umama wakhe esebenza esibhedlela njenge-cleaner. ULesley eseneminyaka engu-15 waboshelwa ukugqekeza, ngenxa yeminyaka yakhe walengiselwa isigwebo.
Ngesikhathi eseneminyaka engu-28 wabe eseboshwe izikhathi ezingu-25. Amacala akhe abandakanya ukuntshontsha ezitolo, ukushaya abantu, ukubamba inkunzi nokugqekeza.
"Njengomuntu omdala ekhaya, ngangihlale nginomcabango womthwalo wokunakekela abafowethu nodadewethu abancane," kusho yena etshela abakwaBONA.
"Kwakuthi lapho kungekho ukudla ekhaya noma umama engakwazanga ukusithengela izingubo ezinhle, ngiye edolobheni ngiyontshontsha. Yaqala kanjalo-ke impilo yami yobugebengu."
Ngabe ugxeka ubuphofu ngezenzo zakhe zobugebengu?
"Cha akunjalo. Angizange ngibalalele abazali bami ngiphila nabangani ababi."
Ikhono likaLesley lokukhuluma emphakathini lavundululwa ngojele ejele laseTzaneen ngesikhathi edonsa isigwebo seminyaka emibili ngecala lokweba. Bamenza 'inxusa' lomkhankaso wokuqwashisa ngobugebengu waboMnyango wezokuHlumeleliswa kweziMilo.
Babemusa ezikoleni nasemahholo omphakathi ehamba etshela abantu abasha ngobungozi bobugebengu. "Babengizwa ngoba ngangikhuluma ngento engiyazi kahle, Ukuzibandakanya kwami nalolu hlelo kwangisiza ngakwazi ukushintsha indlela engizibuka ngayo izinto empilweni. Ngabona ukuthi ngeke ngibe nalo ikusasa, nempilo yami izogcina ejele. Kulaphoke ngabona kufanele kube khona engikwenza ngempilo yami," kusho uLesley.
EMVA kokukhululwa ejele laseTzaneen ngoJanuary kulo nyaka, uLesley wazinikela ekufezeni izethembiso azenza phambi kwabantu ehholo lomphakathi. Namuhla le nsizwa iphethe uhlelo losizo lomphakathi i-"Youth Against Crime" eluqhubela ehhovisi eliseLulekani Police Station.
Lolu hlelo seluqashe lwaqeqesha abantu abasha abangu-40 abaqwashisa umphakathi ngobugebengu. Bavakashela ezikoleni nasemphakathini. ULesley naye usebuyele esikoleni lapho enza unyaka wokuqala we-diploma yobunjiniyela eSir Val Duncan Technical College ePhalaborwa.
"Ngibonga UNKULUNKULU. Ngase ngilahle ithemba lokuthi indodana yami iyoke ishintshe ibe yisakhamuzi esiqotho," kusho umama wakhe uSarah Mabunda.
ULesley yena uthi: "Ngisho ngabe kwenzekani, angisoze ngabuyela empilweni yobugebengu."[z]
NewsFirst
BONA ZULU July 2008
Ngesikhathi eseneminyaka engu-28, wayeseboshwe izikhathi ezingu-25 - kodwa namuhla uLesley Mongwe washintsha impilo yakhe. Indaba nezithombe nguNeville Maakana
Owayephila ngobugebengu usesiza umphakathi
ULesley engaphandle kwendawo yokufundela lapho enza khona izifundo zobunjiniyela.
ULesley evalelisa kojele ngosuku lokukhululwa kwakhe.
IZELULEKO EZINGU-7 ZIKA-LESLEY KUBANTU ABASHA
1. Khetha abangani bakho. Yiba ngumngani nabantu eninezinhloso ezifanayo empilweni.
2. Zibandakanye emikhankasweni yokuthuthukisa umphakathi.
3. Ziqhelanise namashibhi ungazisebenzisi izidakamizwa.
4. Iya esontweni.
5. Yiba yingxenye yezemidlalo - esikoleni nasemphakathini.
6. Zihloniphe, uhloniphe othisha nabazali.
7. Uma ungakwazi ukuzithiba, yiya ocansini ngezindlela eziphephile.
BONA ZULU July 2008
