zulu.1784.yourfamily_quiz
ZIHLOLE UKUTHI UNJANI
Ungumuntu ongenandaba nezinto ezibizayo kodwa othokozile noma mhlawumbe ungumuntu othanda izinto eziphambili" Yenza le quiz yethu uthole ukuthi unjani
1 Omakhelwane bakho basanda kuthenga imoto entsha. Lokhu kukuphatha kanjani"
a) Akukukhathazi
b) Uyabazwela ngoba ucabanga ukuthi baboleke eningi imali ukuze bayikhokhele
c) Uyacasuka ngoba wena awukwazi ukumelana nokushintsha is'korokoro sakho
2 Uma kudingeka ukuba ubhale inombolo yocingo yomuntu othile, ungayibhala kuphi"
a) Esandleni sakho ngemumva
b) Epheshaneni olithole esikhwameni sakho
c) Kwi-cellphone yakho enhle
3 Uma nizikhiphile niyodla nabangani, isoka lakho lilokhu libuka iwashi lalo. Abangani bayabona ukuthi alibizi. Wena uthini"
a) Lutho, ngoba awunendaba nokuthi lifaka into enjani
b) Uye uncokole uthi elihle ulishiye ekhaya
c) Lutho, kodwa kuthi lapho usuwedwa nizihlalele nalo, ulitshele ukuthi likuphoxile
4 Uma umuntu efuna ukuxhumana nawe ngokukhulu ukushesha yini okufanele ayenze"
a) Ukukushayela ocingweni lakwakho endlini
b) Ngokukushayela kwi-cellphone noma ocingweni lasendlini
c) Ukukushayela kwi-cellphone, ocingweni lasendlini, i-fax noma i-e-mail
5 Inhloboni yesiqedaphunga ongathanda ukusithola njengesipho esithandweni
sakho"
a) Yinoma inhloboni yesiqedaphunga
b) Yisiqedaphunga sakho osithandayo
c) Isiqedaphunga esithandwa nguyena
6 Nizikhiphile nesoka lakho nihlangana nentombi yalo yakudala bese ubona ijakhethi kanokusho eyigqokile. Ngabe lokhu kukwenza ucabangeni...
a) Ingumuntu okhathazekile odinga ukuziduduza ngokwefeshini okuphambili
b) Nathi bantu besimame sithanda okokugqoka okuphambili njengabantu besilisa
c) Ukuthi umkokotelo wejakhethi engabizi
7 Ungathandana nomuntu wesilisa omubi ngoba enemali eningi"
a) Cha, uzifunela isoka lakho libe lihle lithandeke kunokuba libe nemali
b) Kuphela uma liyidla nawe imali yalo
c) Yebo, ngaphandle kokungabaza
ungathandana naye
8 Ubona enhle i-cell ebiza kancane. Awukwazi ukuyithenga kodwa sekusele yona yodwa nomdayisi uthi ngeke afike amanye kuze kuphele inyanga. Yini oyenzayo...
a) Khohlwa yileyo cell ngoba nonayo iyawenza umsebenzi
b) Yithenge nge-credit card ukhathazeke nge-bill yesikweletu lapho isifika
c) Wonga imali ukuze emasontweni ambalwa azayo uyithenge lapho isitokwe sesifika
9 Uthenge okokugqoka okungumkokotelo - kubangani uthi ngungqo"
a) Yebo, ngenhloso yokuba bangakuthathi kancane
b) Cha, ngoba uzofana nesilima uma bekuthola lokho
c) Cha, ngoba kunzima ukukhuluma amanga
10 Nizikhiphile ningamantombazane, niya kobuka ifilimu enjani"
a) Ifilimu esanda kukhishwa, iDVD yayo ohlale uyidlala
b) Ifilimu edlala kwi-video recorder osube nayo iminyaka eminingi
c) Ifilimu ekhonjiswa kwiTV ngoba awunayo i-video noma iDVD machine
Abanihlanganisele: Theresa Murphy/Planet Syndication
I-QUIZ
Ukho-nze ukuba nezinto ezipha-mbili
UPHENDULE KANJANI"
1. a) 0; b) 1; c) 3
2. a) 1; b) 2; c) 3
3. a) 1; b) 3; c) 2
4. a) 1; b) 2; c) 3
5. a) 3; b) 2; c) 1
6. a) 0; b) 1; c) 3
7. a) 1; b) 2; c) 3
8. a) 1; b) 3; c) 2
9. a) 3; b) 2; c) 1
10. a) 3; b) 2; c) 1
Phakathi kuka-0-10
Awusiye umuntu okhonze izinto eziphambili. Okubalulekile kuwena abantu. Uyajabula ngoba uyakwazi ukugxila kokubalulekile.
Phakathi kuka-11-20
Awubukeki ungumuntu okhonze izinto, kodwa kukhona le nto eye ikwenze ufise ukuba nokuphambili nokokugqoka okusefeshinini. Qiniseka ukuthi lokhu akugcini kungumona.
Phakathi kuka-21-30
Kuyacaca ukuthi uzimisele ngokuba nokuphambili kuphela. Manje sekuyisikhathi esihle sokuyeka ukuthenga ngoba lokhu kuzokufaka ezikweletini.[z]
