zulu.1758.penpals
BONA – August 2005
BONA – May 2007
UMA ufuna ukuthola umngani bhalela kuleli kheli: BONA/Penpals, Box 32083, Mobeni, 4060. Chaza ngawe – ungakhohlwa wukubhala igama lakho nekheli!
UThulani Dlamini (40) oseMangaung Correctional Centre, Private Bag X101, Fichardt Park, Bloemfontein, 9317, uthanda ukuxhumana nezintokazi zeminyaka engu-32-40. Uyilungu leBandla lamaZayoni kanti ukhonze umculo woKholo, ukuya esontweni nokubukela i-wrestling. Izincwadi mazibhalwe ngesiZulu, isiNgisi, isiSuthu noma isiXhosa zihambisane nezithombe.
U-J.N. Zwane (36) ungumama wezingane ezimbili - umfana nentombazane. Uthanda ukubhalelana nabesilisa beminyaka engu-38-45. Ukhonze ukulalela umculo woKholo nokubukela iTV. Izincwadi mazibhalwe ngesiZulu. Angathokoza ukuthola abantu baseGauteng. Ikheli lakhe lithi: Box 1431, Katlehong South, 1445.
UBongani Myeni, Box 55531, Harding, 4680, ufuna ukuxhumana nabesilisa abayizinkonkoni beminyaka engu-24-53. Uyinsizwa ekhululekile ezwanayo nabantu futhi ekhonze ukuya esontweni nokubukela ama-movie. Izincwadi mazibhalwe ngesiZulu.
U-M.D. Qhaga (33) uthanda ukuzwana nabesimame beminyaka engu-20-40, kanti akanendaba ngisho bangaba nengane eyodwa. Akaphuzi akabhemi. Izincwadi mazibhalwe ngesiXhosa noma ngesiZulu. Ukhonze ukubuka iTV nokuya esontweni. Ikheli lakhe lithi: East London Maximum Prison, Private Bag X9021, Section C No 7, East London, 5201.
UMoses Reeman (27) akabhemi akaphuzi uthanda ukuzwana nezintokazi ezinjalo futhi, zeminyaka engu-18-30. Akanendaba naye ngisho zingaba nengane eyodwa. Izincwadi mazibhalwe ngesiTswana, isiBhunu, noma isiNgisi. Ikheli lakhe lithi: Mangaung Correctional Centre, Private Bag X101, Fitchardt Park, Bloemfontein, 9317.[z]
Madontsela Themba Nkosi (42) wase-6401 Michel Mqulwana Centre, Samora Machel, Phillippi, 7785, uthanda ukuxhumana nezintokazi zeminyaka engu-30-40 ezingabhemi ezingaphuzi futhi. Kufanele kube ngabantu abanomqondo wezamabhizinisi futhi abazimisele ngomendo.
U-Andile Sangoni ufuna ukuxhumana nabesimame beminyaka engu-32-42. Uthanda ukubukela ibhola, ukulalela umculo nokufunda amaphephabhuku. Izincwadi mazibhalwe ngesiXhosa, isiZulu, isiNgisi noma isiBhunu zihambisane nezithombe. Ikheli lakhe lithi: Gen Sada Centre, Private Bag X346, Whittlesea, 5360.
UMzwakhe Ben uneminyaka engu-50 kanti uthanda ukubhalelana nezintokazi ezingabhemi nezingaphuzi zeminyaka engu-35-48. Ukhonze ukuya esontweni nokulalela umculo woKholo, ukufunda, ukubukela ama-movie nokupheka. Izincwadi mazibhalwe ngesiXhosa, isiNgisi, isiTswana, isiZulu noma isiSwazi zihambisane nezithombe. Ikheli lakhe lithi: Masakhane Unit B House 9, Private Bag X602, Kirkwood, 6120.
UNcedile Henry Qhutyana (33) akaphuzi akabhemi kanti ufuna ukuxhumana nabesimame, ngisho ngabe banezingane. Ukhonze umculo woKholo, ukuxoxa izindaba, imidlalo yeshashalazi, ukufunda nomculo wamakhwaya. Ikheli lakhe lithi: Kirkwood Centre of Excellence, Private Bag X602, Kirkwood, 6120.
UVuyo Nogcazi (42) osePollsmoor Prison, Private Bag X4, Medium B, A-Section, Tokai, 7966, yindoda enakekelanayo ethanda ukuxhumana nabesimame beminyaka engu-20-43 abangabhemi. Ukhonze umculo, ukubukela iTV, ukupheka, ukukhuculula nokusebenza engadini. Izincwadi mazibhalwe ngesiXhosa zihambisane nezithombe.
ULandile Tsewu uneminyaka engu-30 uthanda ukuxhumana nezintokazi zeminyaka engu-30 kanti uzimisele ngokuzwana nabesimame abangabhemi beminyaka engu-25-35 abakhonze ukupheka. Yena ukhonze ukubukela ibhola, ukulalela umculo opholile nokuzihlalela nabantu. Izincwadi mazibhalwe ngesiXhosa noma ngesiNgisi. Ikheli lakhe lithi: Masakhane Unit House 8, Kirkwood Correctional Centre, Private Bag X602, Kirkwood, 6120.
U-Andile Matsha (32) ose-JC Steyn Prison, Private Bag X602, Kirkwood, 6120, ufuna ukwakha ubungani nezintokazi zeminyaka engu-30-36 ezikwaziyo ukunakekelana, ezizihloniphayo nezizimisele ngomendo. Ukhonze umculo, ukuya esontweni, ibhola ne-chess. Ababhemayo nabaphuzayo baze bangazihluphi. Izincwadi mazihambisane nezithombe.
USimohlwane Simelane yindoda eneminyaka engu-42 eyethembekile ethanda ukwakha ubuhlobo nabesimame beminyaka engaphansi kwengu-39 abazimisele ngomshado, Ukhonze ukupheka, ama-movies, umculo we-country nowoKholo, ibhola nokuzingcebelekela. Izincwadi mazibhalwe ngesiSwati, isiZulu noma ngesiNgisi zihambisane nezithombe. Ikheli lakhe lithi: Box 6205, Manzini, Swaziland, M200. [z]
Thola umngani
BONA ZULU – May 2007
