zulu.1752.legaljun
INKINGA: Ngathatha i-policy ka-R150 000 eyayizokhava ifenisha nokunye. Emva konyaka, owangidayisela umshwalensi wangitshela ukuthi useyosebenza kwenye inkampani wathi angimvumele aqhubeke ne-policy yami. Ngavuma kodwa ngacela ukuba imali yokukhava izimpahla zami ikhushulwe ibe ngu-R250 000.
Kwaphela amasonto amathathu ngingayitholi i-policy yami entsha.
Emva kwalokho sagqekezelwa. Owangidayisela umshwalensi wangisiza ngagcwalisa ifomu yokufaka isicelo sokukhokhelwa izindleko wayithumela enkampanini yomshwalensi.
Yanqaba ukungikhokhela ngoba kwi-policy kwakunomgomo owawuthi kwakufanele ngifake i-burglar alarm ekhaya.
Ngatshela inkampani yomshwalensi ukuthi owangidayisela i-policy akayiphathanga indaba ye-burglar alarm nokuthi akanginikanga i-policy yami kanti ngenxa yalokho kwakungelula ukuthi ngazi imigomo ebekiwe. Emva kwezinsuku ezingu-45 ngathola i-policy yami ngeposi kwaba yinkathi ngithola ithuba lokufunda imigomo ebhalwe kuyona.
Ngenzenjani ukuze ngikhokhelwe?
ISELULEKO SOFEZELA:
Uma odayisa umshwalensi ethatha ikhasimende kwenye inkampani elifaka kwenye imigomo ye-policy ayishintshi.
Okusho ukuthi asibi khona isidingo sokuba kugcwaliswe enye ifomu entsha ingakakhishwa i-policy entsha.
Kodwa uma kungukuthi kukhushulwa imali, kufanele kube khona ifomu entsha ozoyigcwalisa.
Uma imigomo ye-policy entsha ihlukile kweye-policy endala kufanele kube semahlombe abomshwalensi ukwazisa ikhasimende labo ngemigomo emisha ngokushesha.
Kusho ukuthi babudedengu kakhulu uma bengakwenzanga lokho.
Kuyihlazo kabi ukunqatshwa kwesicelo sakho kanti ngokwabeScorpion Legal Panel ungamvulela icala owakudayisela umshwalensi kanye nenkampani yomshwalensi.
Udaba lwakho lubucayi kanti singakweluleka ngokuba uthole usizo lommeli.[z]
Inkinga yomshwalensi
uthini umthetho
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 – ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
