zulu.1748.yourfamily_decor
Fudumeza ikhaya lakho
Fudumeza ikhaya lakho ngalobu busika ngalezi zeluleko ezilula
UMA sekuqala ukubanda emnyango siye siqale sigqoke okufudumele. Ngabe uye ucabange ngokwenza ikhaya lakho lilungele isimo sasebusika-
Uma ikhaya lakho lishaya umoya, lizozwakala libanda. Ngenhlanhla ukwenza ikhaya lakho lifudumale ngezinyanga zokubanda, akudingi uze uvule enye ikhawunti yefenisha.
Nazi izindlela ezinhlanu zokwenza ikhaya lakho lifudumale ngalobu busika:
1 YENDLALA PHANSI: Lesi yisikhathi esihle sokukhipha lezo ziqeshana zokhaphethi ikakhulu uma phansi unama-tiles. Umbala kakhaphethi wakho noma wesiqephu sikakhaphethi uzoncika emibaleni yakho. Iziqeshana zikakhaphethi zingaba wumqondo omuhle uma zihambisana nefenisha yakho - futhi zihlanzeka kalula. Ngisho ngabe ukhaphethi wakho ungekho kuyo yonke indawo phansi, kodwa uzokwenza indawo yakho ibukeke ifudumele.
2 izinto zokuhlobisa: Amakhushini noma obhulankethi abancane base-lounge noma ekameleni (throws), bakusebenzela kahle ekwenzeni imibala efanele yasebusika nasekwenzeni ikhaya lakho lifudumale. Uma ukhetha amakhushini, xuba umbala nendwangu ukhethe nama-throws azofanelana namakhushini.
Akudingeki njalo ukuba usebenzise imibala ezothile ngoba imibala esawolintshi neluhlaza ingenza ubuhle ihambisane nesizini.
3 SONDELANISA: Hlela ifenisha yakho, usondeze izihlalo, osofa namatafula - ukuze ube nendawo efudumele.
4 KHANYISA AMAKHANDLELA: Shintsha ukunuka kamnandi kwekhaya lakho. Izitolo eziningi zinamakha ahlukene okunukisa ikhaya lakho kamnandi. Izibonelo zamakha asendlini ongawasebenzisa ebusika yi-cinnamon, spiced pumpkin ne-gingerbread.
5 AMAFASITELA AKHO: Ukusebenzisa indwangu esindayo emakhethenisini kuzokwenza ikhaya lakho lithokomale. Esikhundleni samakhethenisi e-voil noma e-organza, faka awe-velvet. Lokhu kukahle endlini enendawo enkulu.[z]
Izitayela: Pamella-Rose Mlandu. Izithombe: Roelene Prinsloo
IKHAYA LAKHO
Iziqephu zikakha-phethi zenza ikhaya lakho lifudu-male
Phambilini
