zulu.1719.cafu
Umdlali ozabalazayo waseBrazil
Ngabe uzowuqopha umlando uCafu?
BONA ZULU – July 2006
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe ngabeGETTY IMAGES/
TOUCHLINE PHOTO
Abanye bathi sekuphelile ngaye, kodwa lo mdlali wasemumva uthi usekulindele ukumangaza abamgxekayo, koweNdebe yoMhlaba eGermany…
Enza izinto zakhe.
NGESIKHATHI impempe ikhala okokugcina iBrazil idlala neTurkey kuma-semi-final eWorld Cup ngo-2002, uCafu ongukapteni weBrazil - emva kokushintshisana ngamajezi nabantu sebeqala ukujabula, wanyamalala.
Wagijima waqonda e-dressingroom wafike wavula i-cellphone yakhe washayela unkosikazi wakhe nezingane zakhe ezintathu.
“Sengifinyelele kumafayineli,” washo zehla izinyembezi zenjabulo.
UCafu owayeneminyaka engu-32 ngaleso sikhathi, iphupho lakhe ayekade enalo lase lifezekile.
UPele noLothar Matthaus nakuba badlala emiqhudelwaneni emithathu yeWorld Cup kodwa akekho kubona owawaqala wonke womathathu amafayineli kodwa kuCafu kwehlukile.
“Ngavele ngahlala emasitebhisini phambi kwe-dressingroom ngaxoxa lezi zindaba ezimnandi nomndeni wami,” kusho kukhumbula yena.
“Ngangikhala, ngikhaliswa wukujabula.Manje njengoba iWorld Cup ka-2006 iqhubeka eGermany, usethubeni lokuqopha umlando futhi emdlalweni webhola.…
UMARCOS Evangelista de Moraes odume ngelikaCafu wazalwa ngoJune 7 1970 kanti waqala ukudlala ibhola ngokudlalela ikilabhu yangakubo iSão Paulo FC ngo-1988. Esekuyona bawina iCopa Libertadores ngo-1992 nango-1993. Ngo-1995 wahamba wayodlalela iqembu laseSpain iReal Zaragoza wawina nalo indebe yeCup Winners’ Cup.
UCafu wajoyina i-AS Roma ngo-1997, wawina nayo isicoco seligi iSerie A ngo-2001. Abalandeli bayamthanda bambiza ngokuthi ngu-Il Pendolino (“Isitimela esishosholozayo”).
Wajoyina iMilan ngo-2003. Wadlala izikhathi ezimbalwa eqenjini lesizwe laseBrazil ekuqaleni kweminyaka yo-1990 wadlala futhi nakwiWorld Cup ka-1994.
Emva kokulimala kukaJorginho emdlalweni wefayineli bedlala ne-Italy, kwangena uCafu endaweni yakhe ngomzuzu ka-22.
IBrazil yawina ngo-3-2 sekushaywa amaphenathi emva kokuba lo mdlalo wawuphele kungekho oshaye igoli.
Emva kokuba uCafu eseqalile ukudlala njalo eqenjini laseBrazil bakwazi ukuwina iCopa América ngo-1997 nango-1999, waphinda wayisiza ukuba ifinyelele kumafayineli eWorld Cup ka-1998 nokuyilapho yehlulwa khona yiFrance.
UCafu ngeWorld Cup ka-2002 nguye owayengukapteni weBrazil emva kokulimala kukakapteni u-Emerson, waphumelela ukusiza iqembu lakhe lehlula iGermany ngo-2-0.
Ungomunye wababili kuphela asebedlale amaWorld Cup amabili kubadlali abakhona kwiBrazil njengamanje - omunye nguRonaldo, ongazange adlale ngisho nomzuzu kwiWorld Cup yakhe yokuqala abayiwina ngo-1994.
Njengoba ngoSeptember nyakenye wayesedlale izikhathi ezingu-141 eqenjini laseBrazil, nguye osedlale izikhathi eziningi kunabo bonke abadlali baseBrazil.
Nakuba egubhe usuku lwakhe lokuzalwa sekuzoqala umqhudelwano we-2006 World Cup, uthi ukulungele ukuhola iqembu lakhe njengokapteni kulo mqhudelwano eGermany kulo nyaka.
Iminyaka ayisho lutho. “Njalo ngihlale ngizimisele ngokuwina.”
PHEZU kokudlala kahle isikhathi eside, uCafu wadlala umdlalo wakhe wokuqala eqenjini lesizwe ngoSeptember 1990.
Iningi labalandeli baseBrazil bayamgxeka bathi akamaki kahle - kanti omunye wochwepheshe bebhola wathi, “isono sakhe sihlobene nokwehla kwezinga lebhola elisezingeni eliphezulu eqenjini laseBrazil.”
Wayengomunye wabadlali uCarlos Alberto Parreira ayengabathandisisi nakuba bawina iWorld Cup eMelika ngo-1994 kanti emumva ekhaya babesolwa ngokuthi benzela phansi usiko lwe-juego bonito, okusho umdlalo omuhle.”
Kwathi ngamafayineli emidlalo ka-1998 behlulwa yiFrance nokuyilapho lo mqhudelwano wawubanjelwe khona.
Kusukela ngaleso sikhathi, sekuyinto ejwayelekile ukuba eBrazil bavike ngaye ikakhulu njengoba eqhubeka ezama ukubuyisa indawo yakhe phezu kokuba sebeke bahlulwa kabuhlungu ngamazwe afana noHonduras ne-Australia.
OZAKWABO eqenjini nomqeqeshi bamtusa kakhulu ngendlela adlala ngayo abayifanisa njengekaRoberto Carlos.
URonaldo uthi: ‘’Sifunda okuningi kuCafu. Ungowokuqala esengike ngambona onesipiliyoni esikhulu kodwa ocela izeluleko kithina.”
Isikhulu uLuiz Felipe Scolari uthi: ‘’Njengokapteni wenza umsebenzi omuhle kakhulu.”
NgoFebruary kulo nyaka uCafu kwadingeka ukuba ayohlinzwa edololweni.
Udokotela weqembu lesizwe laseBrazil uJose Luis Runco nokunguye owamhlinza uthi, “uCafu unamadolo ongawafanisa nawebhungu eliselisha” kanti iWorld Cup izodlalwa eseluleme.
“Ngicabanga ukuthi abantu abaningi babheke ukuba siwine, ngakhoke sizokwenza konke okusemandleni ethu,” kusho yena.
Ngokwakhe uthi iqembu elingase libe yinkinga kwiBrazil ekuvikeleni indebe yalo yiGermany.
“Abanye abantu engibafisayo i-Italy, Holland ne-Argentina. Okubalulekile wukuba sifike kumafayineli.”
Ngabe kuzohamba ngokwezifiso zakhe? Hlale ubheke le ngosi![z]
NGENHLA: “Ngihlale ngilangazelele ukuwina,” kusho uCafu.
BONA ZULU – July 2006
NGEZANSI: UCafu enomkakhe uRegina.
