zulu.1707.triviasep
IBHULOHO elinamakhebuli anezinsika - eyodwa noma amaningi - elide lalolu hlobo emhlabeni yiTatara bridge eliseJaphani.
Linemizila emine yezimoto nomunye owengeziwe wamabhayisikili, izithuthuthu nabantu abahamba ngezinyawo kanti ubude bawo bungu-1 480m.
Leli ngelinye lamabhuloho aluchunge ahlanganisa iziqhingi zaseHonshu naseShikoku, kuye kunqamule eSeto Inland Sea eJaphani.
Lavulwa ngomhlaka 1 May 1999, kanti laqale lahlelelwa ukuba libe ngelidlula izinto ezilengiswayo ngo-1973.
Ngo1989 lashintshwa lasebenza ngamakhebuli.
Izinsika zensimbi ezilisekele zingu-220m ukuphakama kanti zimise okuka-Y. Ukwakhiwa kwaleli bhuloho kwathatha isikhathi esingaphansi kweminyaka eyisithupha kanti akuzange kube khona izigameko zezingozi ngaleso sikhathi.
IBHULOHO elide kunawo wonke emhlabeni nalo liseJaphani. Leli bhuloho yi-Akashi-Kaikyo, noma iPearl Bridge, elinqamula i-Akashi Strait, lixhumanise i-Maiko eKobe ne-Iwaya eziqhingini zase-Awaji. Kwaqale kwahlongozwa ukuba kube yibhuloho elinojantshi wesitimela nomgwaqo kodwa kwathi lapho seliqala ukwakhiwa ngo-April 1986, kwaphoqeleka ukuba kube ngelinomgwaqo kuphela libe nemizila eyisithupha. Leli bhuloho laqala ukusebenza ngo-April 5, 1998.
Leli bhuloho linezingxenye ezintathu. Ephakathi nendawo ingu-1 991m, kanti ezinye ezimbili zingu-960m iyinye. Leli bhuloho lingu-3 911m ubude kanti lingakwazi ukumelana nemimoya engu-286km/h, ukuzamazama komhlaba nemisinga enamandla.
I-Akashi-Kaikyo inezibani ezingu-1 737.
AmaMulti-Game
BONA ZULU – September 2006
Amabhuloho amaKHULU
Amakhasi Athokozisayo ka
Thola ukuthi ulwazi kangakanani ulimi lwakho. Yisithombe esizokunika impendulo, nokuthi yini igama lento oyibonayo?
BONA
I-Akashi-Kaikyo, noma iPearl Bridge yibhuloho elide kunawo wonke emhlabeni.
FERRARI
I-Ferrari ngabenzi bezimoto zamaNtaliyane emqhudelwaneni weFormula One World Championship kanti futhi bazibandakanye kakhulu ezimotweni ezinejubane.
Le nkampani yasungulwa ngu-Enzo Ferrari ngo-1929. Imoto yokuqala yakwaFerrari kwaba ngeka-1947 i-125 S, ehamba ngenjini engu-1,5 L V12. Izimoto zakhe zasheshe zazakhela ugazi emphakathini. Abaningi ngokwakhe babezithengela ubuhle.
Isigqebhezane senkampani yakhe sasinehhashi elimnyama elisentweni efana nehawu.
Ngo-1923 u-Enzo Ferrari wahlangana noCountess Paolina, umama weqhawe lamabhanoyi elingumNtaliyane uFrancesco Baracca owayevame ukupenda ihhashi ohlangothini lwamabhanoyi akhe.
UCountess wathi no-Enzo akasebenzise leli hhashi ezimotweni zakhe wathi lizomlethela izinhlanhla.
UFerrari walishiya ihhashi limnyama njengoba lalinjalo ebhanoyini likaBaracca kodwa laba sentweni ephuzi okombala wedolobha laseModena, okuyindawo azalelwa kuyona.
U-11% wabantu emhlabeni bangamanxele.
Buka ufunde
BONA ZULU – September 2006
Uhlelo lweTV olubiza kunazo zonke yi-ER, ebiza $13,1 million nge-show
Uhlelo lwamaSimpsons lwezilwane kwiTV seludonse isikhathi eside kunazo zonke. Lwaqala ngo-1989 namanje lusadlala.
I-movie ebiza kunawo wonke yiKing Kong, eyaphinde yenziwa ngo-2005. Yabiza $207 million.
Yisithombe esizokutshela ukuthi yini okumele uyibhale ezikweleni ezingenalutho
U-1kg kalamula uqukethe ushukela omningi kuno-1kg wama-strawberries.
UDkt Jenner wezimanga
U-Edward Jenner wazalwa ngo-May 17, 1749 kanti wasindisa abaningi ngomshanguzo wakhe wokulwa ne-smallpox.
Ngaleso sikhathi isifo se-smallpox sasibulala cishe umuntu oyedwa kwabathathu kuthi labo abasindile bahlale bekhubazekile.
Kwakukhona futhi isifo esasithi masifane naleso esasibizwa ngokuthi yi-cowpox nokuyilapho uJenner azibuza khona ukuthi yini labo ababesebenza ngezinkomo baphathwa yi-cowpox kodwa bangaphathwa yi-smallpox.
NgoMay 1796 uJenner wahlola lokhu kucabanga kwakhe ngokuba ajove uJames Phipps okwakungumfanyana emjova ngokuthile okwakuthathwe emaqhuqhuveni e-smallpox esandleni sikaSarah Nelmes owayeyintokazi eyayisenga yathola i-cowpox enkomeni eyayaziwa ngokuthi nguBlossom.
Ngo-1840 uhulumeni waseBrithani waqala wasabalalisa le mishanguzo yakhe mahhala.
Ngo-1980 abe-World Health Organisation bathi lesi sifo siyelapheka. Lokhu kwaba ngenxa yokubambisana komphakathi.
NGABE UYINI? Umshanguzo womkhuhlane usetshenziswa ukulwa namagciwane omkhuhlane ukuze kugwemeke ukuphathwa yileso sifo.
Leli temu lisuselwa ekusebenziseni kuka-Edward Jenner i-cowpox ( ukuthi “vacca” kusho inkomo ngesiLatin) nokuthi lapho lo mshanguzo unikwe abantu ukwazi ukubavikela kwi-smallpox.
Ukuwusabalalisa nokuwusebenzisa kwaziwa ngokuthi yi-vaccination.
Zimbili izinhlobo zemishanguzo yomkhuhlane i-vaccine:
lInactivated: Lapha kusetshenziswa ingxenye yalokhu kufa esibulewe amagciwane noma ukushisa. Izibonelo - yimishanguzo ye-flu, cholera, bubonic plague, ne-hepatitis A. Imishanguzo eminingi njengaleyo kungenzeka ithathe isikhathi esifishane ukusebenza ize idinge ukulekelelwa ngokuthile.
lLive: Ingxenye yokufa ephilayo eyenza kuthathe isikhathi eside ukugula, yiyo esetshenziswayo kulokhu kwelapha. Lapha singabala isimingumungwane namathansela.
Amasosha omzimba ayakwazi ukuba abe namandla ngaphezu kwalokhu kufa akunqobe. (1) Ibulala ukufa ngaphambi kokuba kungenele kuma-cells, (2) Ukubulala ama-cells agulayo isifo singakandi.[z]
I-Smallpox uma uyibuka kwi-microscope.
Amakhasi Athokozisayo ka
I-Puzzle yezithombe
BONA ZULU – September 2006
Yisithombe esizokutshela ukuthi yini okumele uyibhale ezikweleni ezimnyama
BONA
Amagama
I-Bulgaria kwakuyilona qembu lebhola kwiWorld Cup ka-1994 elalinabadlali abangu-11 amagama ayegcina ngo- “OV.”
I-TAXI yigama elibhaleka ngokufanayo kulezi zilimi: English, French, German, Swedish, Portuguese nesiDutch.
Ulwandle i-Atlantic Ocean lunosawoti ngaphezu kwePacific Ocean.
Beka ngokuyikho
Hlela lawa magama ngendlela efanele
All about…
OWLS
lOwls are nocturnal, meaning they hunt at night. They’re found in most areas of the world and there are two kinds – the typical owl and the barn owl.
lOwls cannot move their eyes – they must turn their entire head to look around.
lOwls can’t see up close very well, but can see far away very well, especially in low light.
lMany owls can also hunt by sound in total darkness. Their muffled wings and dull feathers allow them to fly practically silent and unseen.
lThe smallest owls include the pygmy owls, some of which are only 13cm long with a 32cm wingspan.
lThe largest owls are the eagle owls, which are more than 70cm long with a wingspan of just over 2m.
lIn many parts of the world, owls have been associated with death and misfortune, likely due to their nocturnal activity and common screeching call. However, owls have also been associated with wisdom and prosperity as a result of frequently being companion birds for goddesses.
INHLIZIYO yomkhoma oluhlaza ishaya izikhathi ezingu-9 ngomzuzu.
