zulu.1704.opera
3 ABE-TENOR NOWE-BARITONE
Edward Mabunda, Xola Mpola, Elliot Koena noBokang Sehau.
BONA ZULU June 2008
UMCULO WE-OPERA
Ingcwenga yomculo
Abaculi abane abathokozisa umhlaba bashaya umculo ofana nokaGeorge Harrison kuye kuJohannes Kerkorrel, Verdi kuye kuJosh Groban - amaphimbo abo ahlangene avusa usinga…
Indaba Steven Makhanya, izithombe Ivan Naude
I-OPERA? Yinto yabantu abamhlophe kuphela leyo. Ushaye phansi uma ucabanga kanjalo. Kukhona izinsizwa zaseSoweto ezishaya ingcwenga yomculo. Azigcini ngokucula izingoma zesiNtaliyane kuphela kodwa umculo wazo ziwuthaka ngesigqi sase-Africa – asisayiphathike eyethalente lazo.
Babukeka befana nabo bonke abantu besilisa kodwa ubabona kahle uma sebesesteji sebenza into yabo…
Kwathi uma betshela abangani babo ukuthi bafisa ukuba ngama “African Pavarottis aseSoweto” babahleka bathi bachitha isikhathi sabo.
Kodwa uXola Mpola, Elliot Koena, Edward Mabunda noBokang Sehau beqembu leSoweto Opera Quadro abakunakanga lokho.
“Emini ngangihamba ngiye kololonga iphimbo lami, ntambama ngihlangane nabangani bami sidlale ibhola ukuze ngingabukeki ngehlukile kubona,” kusho u-Elliot.
“Ngaleyo ndlela ngangenza isiqiniseko sokuthi angibukeki njengenkomo edla yodwa.”
Namuhla ababemhleka sebengabalandeli bakhe bokuqina…
…Manje iSOQ, igama abalandeli abalibiza ngalo leli qembu, isendleleni yokuthola udumo emazweni omhlaba.
Nazi izinsizwa ezine ezikulona…
U-EDWARD MABUNDA:
Ngicula i-tenor kuleli qembu. Ngaphandle kokucula ekhwayeni yasesikoleni neyasesontweni, ngangicula ne-Oasis Cultural Band, egxile emculweni wase-Africa wesintu. Ngiyasithanda isitayela saleli qembu sokushintsha izingoma zesintu zakudala zibe yisitayela saselokishini esiyisimanje manje.
Ngabubona lapho ubuhle bokuhlanganisa umculo we-classic nowesintu, ukushaywa kwezigubhu zase-Africa nama-violins – okunika iSOQ isitayela esihlukile edume ngaso.
Lokhu kwenza kube lula ukuthi abalandeli beyamanise i-opera nezinye izitayela zomculo ezithathwa njengezabantu bezinye izinhlanga. Kwakuyisifiso sami ukucula kodwa ngangingazi ukuthi ngizocula umculo onjena!
Ezingomeni esiziculayo ngithanda kakhulu u-Ave Maria esiwucula ngesigqi sase-Africa.
U-ELLIOT KOENA: Nami ngicula i-tenor kanti ngicule nekhwaya yeSAPS iminyaka emihlanu. Ngake ngacabanga ukudlala ibhola esigabeni esikhokhelwayo kodwa kwaphasa umculo.
Ukucula i-opera kungifundise indlela yokuziphatha kahle nokuzinikela. Kwenze ngashiya phansi imikhuba emibi eyenziwa abafana emalokishini.
Amalungu eqembu lethu athi yimina engenza ukuba ahleke.
Ingoma engiyikhonzile yiShosholoza.
UBOKANG SEHAU: Nami ngicula i-tenor. Ngazalelwa eSharpeville kanti ngikholwa wukuthi umculo wamakhwaya ngawuncela ebeleni kumama ngoba side isikhathi ecula emakhwayeni. Uyangixhasa angikhuthaze.
Emva kokuba sengiqede u- matric ngabhalisa eFuba School Of Music eGoli. Bangisiza bapheka ithalente lami. Okusempeleni wonke amalungu eqembu kufanele ambonge kakhulu uPetros Mofokeng owayelolonga amaphimbo ethu.
Wayevame ukuthi: “Ngicija ithalente lenu ukuze ngelinye ilanga nithi ‘Ngabe asikho lapho sikhona manje ukuba ubengekho uMnuz. Mofokeng.”
Kunjengoba ayeshilo. Siyilokhu esiyikho ngenxa yakhe.
Ezingomeni zethu ngithanda ethi I Just Called To Say I Love You – ingikhumbuza izinsuku lapho mina nabangani sasivame ukuculela khona amantombazane endleleni uma sesigoduka siphuma esikoleni.
UXOLA MPOLA: Bangibiza ngo Mahlathini kuleli wembu ngoba iphimbo lami libakhumbuza ele “mbodlomane” enguMahlathini Nkabinde ongasekho. Ngicula i-baritone.
Ngazalelwa ePE ngaya eGoli ngiyofuna amadlelo aluhlaza.
Kwakungelula. Kodwa ngavivinywa ukuze ngicule kwiSowetan Mass Choir Festival. Abafowethu abathathu esicula nabo babekwi-mass choir, sahlangana kanjalo.
Ingoma engiyithandayo ithi Meadowlands – ingikhumbuza ekhaya. [z]
Akufanele nihlukane
BONA ZULU June 2008
Izeluleko zeSOQ ezenza ukuba iqembu lingahlukani…
■ Xoxisanani ngezithinta iqembu lenu njengqembu.
■ Ningagxekani, khuthazanani.
■ Xhasanani uma elinye ilungu linezinkinga.
■ Gwemani ukwenza izinto ezibulala igama leqembu.
■ Makube ngumgomo wenu ukusebenza njengeqembu.
