ZULU.1702.cells
Uphenyo lukaBONA
Kuthiwa umnyango wezokuthutha eSouth Africa uvame ukwephula umthetho ngokubopha abashayeli abanamathikithi abangawakhokhele ngaphandle kokukhipha izincwadi eziwugunyaza ukuba wenze lokho. Ngabe ziyiqiniso kangakanani lezi zinsolo" Ngabe lokhu kuyindlela yokuqinisela izaphula-mthetho isandla noma umkhuba omubi" Ngabe iziphathimandla zithini ngalezi zinsolo ezishaqisayo"
NGESIKHATHI kuzwakala ukuthi iDurban Metropolitan Police Department isishintshe ikhishi yalenza isitokisi ekomkhulu layo lapho kutoka khona abashayeli abangawakhokheli amathikithi abo, izintatheli zaxhumana noMike Sutcliffe oyiMenenja yeDolobha laseThekwini ukuze zithole ukuthi kwenzekani.
Zathola ukuthi isitokisi esinjengaleso asikho emthethweni kanti akuvumelekile ukuba kugqunywe abantu kusona.
Emva kwamahora ambalwa sezwa kuthiwa selikhishiwe isango lensimbi okwakuvalwe ngalo isitokisi saphendulwa igumbi "lokuphumula elingenasango".
Amaphoyisa omgwaqo aphika nokuthi abashayeli besilisa nabesimame bagqunywa ndawonye esitokisini.
U-Titus Malaza ophethe abeMetro Police, waphika ukuthi leli gumbi lisetshenziswa njengesitokisi engxoxweni yakhe neMercury.
Wabuye wathi. "Asivaleli noma yibaphi abashayeli kule ndawo kodwa sivalela abashayeli bamatekisi abakweleta umasipala," kusho yena ephepheni. "Kule ndawo abafakwa kuyona basuke belinde abaqashi babo babuye basizwe ngokuxhunyaniswa nabo."
AbakwaBONA baphuma umkhankaso wokuthola ukuthi obani abahlaliswa kuleli gumbi elingavaliwe ngesango.
Sacela ukuba basinike usuku lokubona irejista enemininingwane yabantu abatoka kule ndawo kanye nezincwadi ezazigunyaza ukuba baboshwe.
Satshelwa ukuthi uMike Sutcliffe owayenza uphenyo kanti isicelo sethu kumele siye kuyena.
Sathumela isicelo sethu nge-e-mail eGermany lapho uSutcliffe ayezithokozisa khona ebukela imidlalo yeFIFA Soccer World Cup. Akasiphendulanga.
Nakuba singalutholanga usizo kuSutcliffe noma emaphoyiseni angaphansi kwakhe, saxoxa nabashayeli abake babanjwa...
Wayengazi ngamalungelo akhe
Udaba lukaMagcaba
Ngesikhathi uWilliam Magcaba eqala ukwenza umsebenzi wokudiliva ngo-October ngonyaka odlule wayengalindele ukuthi uzoboshwa atokiswe ekomkhulu labeDurban Metro Police cishe usuku lonke.
"Ngamiswa amaphoyisa akwaMetro kwimvimba-mgwaqo, ahlola ilayisensi yami yokushayela angitshela ukuthi ayangibopha ngoba angiyikhokhanga inhlawulo yami," kusho uWilliam oneminyaka engu-43 onabantwana abane.
Wavuma ukuboshwa ngoba wayengazi ngamalungelo akhe.
Amaphoyisa eDurban Metro amyisa ekomkhulu lawo lapho avalelwa khona usuku lonke.
"Ngangingazi ngamalungelo ami, ngavuma ukufakwa evenini," kusho uMagcaba.
Okwenziwa amaphoyisa ngemoto eyayishayelwa nguMagcaba nako kwakungekho emthethweni.
Ashayela iveni yomqashi kaMagcaba eyayinezimpahla okwakufanele zidilivwe anqaba ukuyidedela engakakhokhi.
Umqashi wakhe, uChris Felton, wazama ukukhulula iveni lakhe ukuze kudilivwe izimpahla ngesikhathi kusaxazululwa lolu daba kodwa kwangenzeka lokho.
"Benqaba ukuba ngithathe iveni lami inhlawulo ingakakhokhwa," kusho uFelton.
Amathikithi uMagcaba ayewatholile wayewathole esikhathini esidlule emva kokushayela imoto okwakungafanele ukuba ibe semgwaqweni nokungamathikithi ayewathole esasebenzela enye inkampani awanika umqashi wakhe ukuba awakhokhele.
"Ngagcina sengikhokhela amathikithi okwakumele akhokhelwe enye inkampani ukuze kudedelwe imoto yami nomshayeli," kukhala uFelton.
Akukhishwanga ncwadi
Udaba luka-Anthony
"Kwakungu-7.30 ekuseni zingu-15 kuMarch ngalo nyaka," kusho uLeon Anthony oneminyaka engu-43 ongu-shopfitter. "Ngamiswa kwimvimba-mgwaqo kwacelwa ilayisensi yami yokushayela.
"Amaphoyisa angitshela ukuthi nganginamathikithi ayengakhokhelwe athatha okhiye bemoto athi angingene evenini.
"Akashongo lutho ngencwadi ewanika igunya lokuba ngiboshwe, kanti akukho masamanisi engake ngawathola.
"Emva kwamahora amabili, sebengu-20 abantu ababevalelwe evenini, sayiswa ekomkhulu labeMetro Police sagqunywa esitokisini.
"Angitshelwanga ngamacala engangithweswe wona kodwa bathi nginamathikithi ka-R450."
AbakwaBONA babuza ku-Anthony ukuthi ngabe wayevalelwe endaweni enjani.
"Ngangisesitokisini.Savalelwa lapho kwaphela ihora. Kwathi uma ngicela ukuya endlini yangasese nganqatshelwa.
"Kwathi uma ngithi ngizochamela phansi, ngaphelezelwa yiphoyisa elalingigadile saya nalo endlini yangasese, kusho yena."
U-Leon wadedelwa emva kokuba sekufike umngani wakhe wamkhokhela.
"Abantu engibaqashile kwadingeka ukuba baphindele emakhaya ngoba babengeke basebenze ngingekho okusho ukuthi ngalahlekelwa yimali engaphezulu kuka-R450 ngalelo langa," kusho yena.
AbakwaBONA bahamba no-Anthony baya ekomkhulu labeMetro Police befuna ukubona incwadi eyayigunyaza ukuba aboshwe. Emva kokuxoxisana namaphoyisa amabili, abatshela ukuthi awayitholi leyo ncwadi, bangena indlela bahamba.
Isigameko esingemnandi
Udaba lukaBullock
Ngomhlaka 2 kuNovember ngonyaka odlule, uZamo Radebe, ongumshayeli enkampanini esetshenzelwa nguMagcaba uthi wamiswa kwimvimba-mgwaqo waboshwa ngaphandle kwencwadi egunyaza ukuba aboshwe.
Uthi naye wayengakaze athole amasamanisi - amathikithi ayeboshelwa wona kwakungawomuntu ayemdayisele imoto eminyakeni eminingi edlule.
"Ngafakwa evenini ngagqunywa esitokisini sabeMetro Police nabantu abangu-20. "Bathi ngeke bangidedele ungakakhokhwa u-R900 engangiwukweleta."
U-Radebe washayela ihhovisi lakhe ucingo, u-Angela Bullock wakhokha leyo mali.
"Ekufikeni kwami ekomkhulu labeMetro sengiyokhokha," kusho u-Angela, "iphoyisa elalisiza abantu lacela ukubona i-ID yami.
"Ngalinika lathi 'Ungixolele, nawe kumele uboshwe,' langivalela.
"Alingikhombisanga incwadi egunyaza ukuba ngiboshwe kodwa igama elalibhalwe eceleni kwenombolo ye-ID yami kwakungelowesilisa onsundu, kanti imoto okwakuthiwa ngangiyishayela kwakuyiJetta e-green.
"Ngalitshela iphoyisa ukuthi igama elalibhalwe lapho kwakungesilo elami nokuthi angazi lutho ngemoto eyayithinteka kodwa langangilalela - ngahlawuliswa u- R1 200 kwadingeka ukuba ngitoke ngiphume sengikhokhile.
"Ngathi uma ngithi udaba lwami ngifuna luye enkantolo iphoyisa lathi kuzodingeka ukuba ngitoke ubusuku bonke ngiye enkantolo ngakusasa ekuseni.
"Kwangiphatha kabi lokho - ngashayela umqashi wami ucingo wafika wangikhokhela.
"Akathandanga ukungena ngoba wayecabanga ukuthi naye bazomvalela. Kwadingeka ukuba ngicele ephoyiseni ukuba lingiphelezele siye emotweni yakhe ngithathe imali!"
Uvo lwabashayeli bamatekisi
UZakhele Ngidi uyiPRO yeClermont And KwaDabeka Taxi Association emele abashayeli bamatekisi abangu-500.
"Sesikujwayele lokho," kusho yena. "Amaphoyisa enza izivimba-mgwaqo abophe abashayeli ngaphandle kwezincwadi eziwagunyazayo, amatekisi avalelwe.
"Abanandaba nabagibeli abasuke besetekisini. Inkinga enkulu eyokuthi akuvamile ukuba itekisi ishayelwe umniniyo kanti amathikithi atholakalayo asuke engahlangene nomshayeli.
"Kokunye umshayeli uvalelwa izinsuku ezimbili noma ngaphezulu. Itekisi nayo iyavalelwa kuze kufike umniniyo."
Amalungelo akho
Ngokomthetho, abeMetropolitan Police babopha abashayeli abanamathikithi uma benencwadi ebagunyaza ukuba bababophe.
Inkantolo ikhipha leyo ncwadi uma othweswe icala ehluleka wukuvela enkantolo emva kokuthunyelelwa amasamanisi.
Amathikithi anamathiselwa kwi-windscreen noma athunyelwe ngeposi awasiwo amasamanisi.
Uma abashayeli bengayikhokhi inhlawulo, iphoyisa lomgwaqo lingathumela isiKhonzi seNkantolo kube yisona esizodiliva amasamanisi ekhaya noma emsebenzini lapho kusebenza khona onecala, lawo masamanisi kumele asayinelwe ngaphambi kokuba asebenze ngokusemthethweni.
Uma onecala engayishayi mkhuba eyamasamanisi, noma engakhokhi imali yokuvuma icala, inkantolo ingakhipha incwadi yokuba aboshwe okumele anikwe yona ngesikhathi eboshwa.
Iphoyisa selizothatha othweswe icala limyise esiteshini sabeSouth African Police Services noma enkantolo ekhiphe incwadi egunyaza ukuba aboshwe.
Amaphoyisa omgwaqo akufanele abe nezitokisi zawo, akufanele akulindise emgwaqweni ngesikhathi esahlela ukuthola ikhophi yencwadi ewagunyaza ukuba uboshwe kanti akufanele ukuba akuvalele evenini amahora amaningi ngesikhathi esaqhubeka ebopha abanye.
Kufanele avume ukuba imoto yakho ithathwe omunye umshayeli, noma, uma kungelula ukuba lokho kwenzeke, baxhumane nabeSAPS, okuyibona okumele babheke ukuthi imoto yakho inikwa umuntu onikwe uwena igunya lokuba ayishayele.
Unelungelo lokuzivikela enkantolo kanti akufanele uphoqwe ukuba ukhokhe inhlawulo yokuvuma icala ukuze
udedelwe. [z]
#SIBHALELE! Ngabe wake waboshwa ngaphandle kokukhishwa kwencwadi egunyaza lokho, wavalelwa ejele ngenxa yokungawakhokheli amathikithi... Ngabe abeMetro Police bake bakuphatha kabi"
Sibhalele usazise!
Bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060, South Africa.
BONA ZULU - August 2006
indaba nezithombe nguGAVIN FOSTER
U-Angela Bullock - "waboshwa" eyokhokha inhlawulo yomuntu asebenza naye.
Amaphoyisa
ayizephula-mthetho...
BONA ZULU - August 2006
U-Leon Anthony - engaphandle kwendawo aboshwa kuyona ngokungemthetho.
u
t
BONA ZULU - August 2006
Yazi amalungelo akho
Oyimenenja yedolobha laseThekwini uMike Sutcliffe uzokwenza uphenyo ngalezi zinsolo...
