zulu.1696.yourbackpage_last
Ukugcina kwami ukubizwa 'ngoMadlanduna'...
Yinamhlanje. Bengisejimini ngezwa owesimame ememeza: Hello Madlanduna." Yinto engiyijwayele anginankinga uma bengibiza ngaleli gama - ngoba kusho ukuthi indawo yami ngayidlala kahle.
Ukugcina kwami ukuba phambi kwekhamera...
Emasontweni amathathu edlule. Ngangilingisa emdlalweni obizwa ngokuthi Ingxoxo. Yaqoshwa inkampani ezimele ngakhoke angazi ukuthi izodlala nini kuma-TV. Ngiyakuthanda ukulingisa kangangoba ngesikhathi ngiwu-director ngangihlale ngifuna ukuba ngaphambi kwekhamera.
Ukugcina kwami ukusebenza ngemumva njengo-director...
KwakunguJuly kulo nyaka. Ngangiwu-director kuMuvhango futhi ngase ngisebenze khona iminyaka engu-9. Ngaqala khona ngiyimenenja nganyuselwa esikhundleni sokuba ngumsizi ka-director, kwase kulandela esokuba ngu-director.
Ukugcina kwami ukusebenza umsebenzi ongaphandle kwe-TV...
Kwankungo-1984. Ngangingumdidiyeli eMethodist Church. Ngaphambi kwalokho ngasebenza eJutas bookshop iminyaka engu-11. Ngaqala ngiyi-messenger kodwa ngashiya sengingumabhalane.
Ukugcina kwami ukufisa ukuthatha umhlalaphansi kwi-TV...
Angikaze. Yinto engingayicabangi leyo. Ukudlala kwami okokuqala kule mboni kwakungo-1980 ngesikhathi ngidlala umdlalo omncane obizwa nge-Honour Thy Father. Ngawuthanda kusukela lapho umsebenzi wami futhi ngifuna ukuwenza ngize ngife.
Ukugcina kwami ukuzibona ephephabhukwini...
Cishe emasontweni amabili edlule. Kwakubhalwe ngomdlalo othi Ekasi odlala ku-e-tv engangilingisa kuwo. Nakuba ngijwayele ukuba sezindabeni kodwa ngisawathenga amaphephabhuku ukuze ngifunde okubhalwe ngami.
Ukugcina kwami ukubuka umdlalo webhola enkundleni...
Emasontweni amathathu edlule. Kwakudlala iMoroka Swallows neSantos. I-Swallows yiqembu engilithandayo - ngazalwa ngiyiSwallows. Ngiyakuthanda nokubuka isibhakela negalofu.
Ukugcina kwami ukungena esontweni...
Izolo ebusuku. Isonto ngilithanda kakhulu, ngesonto eledlule ngangishumayela eMethodist ngasekhaya. Ngingumshumayeli egatsheni langakithi futhi ngiyisekela mongameli wabashumayeli base-Methodist emkhandlwini wangakithi.
Ukugcina kwami ukudla okunempilo...
Namhlanje ekuseni. Ngidle i-mixed fruit ne-Bulgarian yoghurt. Ngiphinde ngidle i-bran nobisi njalo ekuseni. Ngangiwumdlali webhola, ngesikhathi sengiyeka ukujima ngaqala ukukhuluphala kakhulu. Manje sengijima njalo, cishe amahora amathathu.
Ukugcina kwami ukuhamba ibanga elide...
Ngo-September kulo nyaka. Kwakushone omunye wabefundisi bethu wayofihlwa eThekwini. Ngithanda ukushayela kunokundiza ngoba ngiyathanda ukubuka izindawo.[z]
Nihlanganiselwe nguNtokozo Maseko
IKHASI LOKUGCINA
Ingqalabutho kwezokulingisa uMagic Hlatshwayo usasebenza ezinhlelweni ze-TV futhi wethemba ukuqhubeka kulo mkhakha
