zulu.168.Vuma
Izihlobo Ezidukelene
BONA ZULU – July 2006
Ngabe ufuna isihlobo noma umngani oweduka? Thumela imininingwane ngalowo muntu, mhlawumbe singakusiza sikufunise yena umthole.
Bhalela ekheleni elithi BONA/Missing, Box 32083, Mobeni, 4060. Ungakhohlwa wukubhala igama lakho nekheli!
UMonase Betty Nkosi, owayehlala e-Uikom ngaseMachadodorp. Washiya indodakazi yakhe uLizzy ekhaya eyishiya nabafowabo oMacala, Ngazane noLampi.
Xhumanani noHleziphi,
cell: 083-771-2 091 noma 073-174-1290.
Ngisizeni ningifunise umama wami. NginguBongani Mchunu, umama nguMaZulu. Washadela esizweni saseMaChunwini kanti kuthiwa undawana thile eMondlo eVryheid kanye nomfowethu uBhuti, nodadewethu uSisi.
Xhumanani noCelimpilo,
cell: 073-657-6004; noma Khalasiphi ku-073-407-5335, noma uPhakanyisiwe ku-082-731-7090.
U-Ivan Green, owahamba ekhaya ngo-1978 ngisemncane. Wayehamba nabangani bakhe beya eNamibia kanti umndeni wakhe wagcina ukuthola incwadi yakhe ngo-1980. Ekuqaleni ko-1990 sezwa amahlebezi okuthi usebenza njengomakhenikha epulazini eliseRichmond,
KwaZulu-Natal. Onolwazi ngaye makasisize.
Xhumanani noPansy Green, Box 57, Port St Johns, 5120;
cell: 083-981-1582.
UThobile Mente waseQueenstown, esagcina ukuzwa ngaye eseseTembisa, eGoli.
Xhumanani noBukelwa,
cell: 083-878-9356.
UNongozi Rhodolo, waseGwadana village ePeddie, esagcina ukuzwa ngaye ngo-1999 noFanta, wasePhroudhoe village ePeddie esamgcina eCape Town ngo-2002.
Xhumanani noThanduxolo Fumba, No 2279519, Brondulei Maximum Prison, Private Bag X3064, Worcester, 6850.
U-Stanley Buti waseLady Frere, esamgcina eseseRoodepoort eGoli lapho ayeyiphoyisa khona.
Xhumanani noHilda,
cell: 082-298-6706.
USipho (Mdlikiva) Majebe waseChibini village eWhittlesea, esagcina ukuzwa ngaye ngo-1981. Indodana yakhe ifisa ukumbona.
Xhumanani noNombulelo Mbabane, ucingo: 021-365-0906.
Umkhulu wami uPiet Motlokoa, esamgcina ehlala epulazini laseFicksburg, eMakgale. Xhumanani no-Anna Motlokoa. Ucingo: 011-622-1785, cell: 072-836-2785. [z]
UNGAZE ubone ngesibazi esingenhla kweso lakwesobunxele ukuthi uVincent “The Rock” Vuma ongushampeni weSA junior middleweight wenza msebenzi muni njengoba abaningi baye bacabange ukuthi wumkhangisi. Useke wakucabanga ukuba abe ngumkhangisi, “kodwa emva kwesikhathi mhlawumbe emva kokuthatha umhlalaphansi.”
Ukubukeka kahle yinto esemndenini wakhe. Umfowabo u-Amos ngumkhangisi wengqephu esihlale simbona kwiTV.
Ukube kwakungesiyo inxa ka-Amos, uVincent ngabe akashayi isibhakela.
“Ngesikhathi sisuka ekhaya eHlanganani eLimpopo siya eGoli siyofuna impilo engcono, kwakungumfowethu omncane owayengondla ngisashaya isibhakela ngaphansi kweligi yabangama-amisha ngisazicija,” kusho kuchaza yena.
Esasebenza njengonogada, u-Amos nguye owayekhokhela izindleko zezikweleti. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi lezi zelamani zisondelene kangakanani.
“Umama wethu wedlula emhlabeni ngineminyaka emithathu, umfowethu omncane enowodwa,” kusho uVincent, “ngakhokhe saba ndawonye kusukela ebuncaneni.
“Sasihambe sihlala sisuka komunye umndeni siye komunye. Ubaba wethu wayenamakhosikazi amaningi nezingane ezingaphezu kuka-19, ngakhoke sasingeke sihlale naye.”
Ukubukeka kwakhe kudida kakhulu kanti ubunzima ahlangabezana nabo esakhula yikho okwakhiqiza umshayi-sibhakela oqinile.
Ngesikhathi sokushicilela, lo shampeni ogama lakhe lesiShangane elithi Matimva lichaza “amandla,” wayesewine izimpi ezingu-17 kwezingu-19 kanti ezingu-14 waziwina ngama-knockouts.
Isivinini aphebeza ngaso umuntu alwa naye eduze kwakhe, yiso esiyichaza kahle indaba yokubukeka kahle kwakhe.
“Uma ngithola isikhala, angichithi sikhathi,” kusho yena. “Ngishayela ukubulala ukuze ngigudluze engilwa naye ngokushesha,” kuchaza yena.
Uthi umuntu onzima asake alwa naye nguWilliam Gare. Sebalwa kathathu bebanga isicoco kanti uVuma waziwina zonke lezo zimpi - nakuba kunjalo uyazi kufanele amqaphele.
“Uma uGare engiphonsela inselelo futhi, ngiyomnika elinye ithuba kodwa kulokhu ngiyoqiniseka ukuthi ngimenza athathe umhlalaphansi esibhakeleni.”
UVuma uchitha isikhathi sakhe ezilungiselela impi elandelayo ngisho ngabe engakasayini inkontileka yanoma iyiphi impi.
Usuku lwakhe luqala ngo-6 ekuseni ngokugijima - nokuyibanga cishe elingu-17.
ISonto yilona langa lo shampeni aphumula ngalo.
Unkosikazi wakhe uMavis, ngumsiki wengqephu. Wenza izingubo zemishado nezeminye imicimbi eyisipesheli.
“Uma enama-oda amaningi, kuye kudingeke ukuba ngimsize, mhlawumbe ngoku-ayina izimpahla aseziqedile noma ngokunquma okotini abalengayo.”
Wengeze ngokuthi uMavis usemsize kakhulu emsebenzini wakhe. “Ukuba khona kwakhe empilweni yami kungisiza ekutheni ngibe ngumshayi-sibhakela ozihloniphayo.”
Uphinde amphekele nokudla okuyikho - irayisi nofishi uma ezilungiselela impi ngoba kudingeka ukuba agcine isisindo sakhe esifanele.
“Nakuba ngisaziqeqesha kanzima ngisho ngingenazo izimpi, kodwa ngisakuthanda ukudla kwami okufana nephalishi, i-mopane worms nesipinashi.
Lezi zithandani zaqala ukuthandana ngesikhathi zisengabafundi base-high school eLimpopo Province kanti kumanje banendodakazi eneminyaka eyisikhombisa.
Umqeqeshi uNick Durandt noDingaan Thobela babe nesandla ekusizeni uVuma kulo msebenzi wakhe wesibhakela ngokumbeka ethubeni lokuthola ukuqeqesheka okuyikho.
Into angasoze ayilibala ngomsebenzi wakhe wesibhakela, wukungcwekisana noDingaan ngesikhathi iRose Of Soweto isewushampeni womhlaba.
“NguDingaan owangikhuthaza ukuba ngibe ngushampeni,” kusho uVuma. “Waze wangithatha wahamba nami eya phesheya eyovikela isicoco sakhe somhlaba. Ngafunda okuningi kuyena kanti ngiwabonga futhi namathuba anginika wona.”[z]
NGENHLA KWESOKUDLA: Lo mlisa ofake isikhindi esimhlophe usewine izimpi ezingu-17 kwezingu-19, kanti ezingu-14 waziwina ngama-knockout.
KWESOKUDLA: Lena akusiyo into ongayilindela kumshayi-sibhakela, kodwa uVuma ngowesilisa wesimanje ozinikele ekusizeni umkakhe ebhizinisini lakhe lokuba ngumsiki wengqephu.
Angaba wumkhangisi wengqephu, kodwa ungushampeni wesibhakela
indaba nguFORCE KHASHANE
izithombe nguROBERT TLAPU
Umshayi-sibhakela obukekayo
UVincent “The Rock” Vuma
BONA ZULU – July 2006
