ZULU.1680.yourfood_starcook
I-Lemon Crusty Fish ka-Andile
Umethuli wohlelo uKhumbul’ ekhaya u-Andile Gaelesiwe usicobelela iresiphi yakhe ayithandayo ekanye nentatheli yethu yezokudla uNtwenhle Mpanza
U-ANDILE EKUDLENI
■ Ukudla kwami - kunenyama, izithelo nezitshalo.
■ Engingezwani nakho – ukolo nemikhiqizo yasemadeleni.
■ Ukudla kokuqala engafunda ukukupheka - yi-tomato gravy.
■ Usuku lwami oluyisipesheli lokupheka – yingamaSonto. Ngichitha isikhathi esiningi ekhishini ngilungisa ukudla kwesonto lonke.
■ Ngithanda ukupheka – amasaladi noma okuthoswayo ngezinsuku zomsebenzi noma okhari namasobho ngezimpelasonto.
SIPHEKA NEZIHLABANI
LEMON CRUSTY FISH
OKUDINGAYO
□ 2 izipuni (30ml) izimvuthu
zesinkwa
□ amakhasi kalamula owodwa agreythiwe
□ 2 izipuni (30ml) i-parsley eqotshiwe
□ 1 i-fillet yenhlanzi emhlophe
□ usawoti nophepha
□ 2 izipuni (30ml) ujusi kalamula
□ 1 okweqanda okumhlophe
INDLELA YOKUYENZA
1. Endishini hlanganisa izimvuthu zesinkwa, amakhasi kalamula ne-parsley.
2. Nonga inhlanzi ngosawoti, uphepha nojusi kalamula.
3. Cwilisa inhlanzi eqandeni, umboze ngengxube yezimvuthu zesinkwa. Kubeke ethreyini lokubhaka.
4. Kubhake ngo-200º C imizuzu engu-12 inhlanzi ize ihlabeke kalula ngemfoloko.
5. Kuseve nezitshalo.
Kwanela oyedwa [z]
