zulu.1678.club
Yedlula ngisho i-tarven
ILOKISHI lamaKhaladi elisendaweni esempumalanga neGoli iWestbury kwakuyindawo yamaqembu ezigelekeqe nokuyilapho ngisho abantu ababengcono abafana nesihlabani kwezesibhakela uCameron Adams bazithola sebebuyela ebugebengwini.
U-Adams wabulawa ezimpini eziphathelene nezamaqembu ezigelekeqe.
Izingane zazizibandakanya namaqembu ezigebengu anjengoVarados, zilandela ezinyathelweni zoyise nabo ababeyingxenye yamaqembu ezigelekeqe amaSt Guns namaSpaldings.
Kodwa konke lokhu yizinto ezedlule. Intsha yaseWestbury isinezinye izinto ezenzayo - njengezemidlalo, kanti selokhu kwavelela uSteven Pienaar, ilokishi lakule ndawo seligqame ngokuhle.
Kodwa kuyacaca ukuthi lesi sihlabani sebhola esisesincane esizinze phesheya akuyona kuphela into enhle eyenzeka eWestbury.
Kukhona indawo esekhoneni lomgwaqo uRuben noStytler ebizwa ngokuthi i-The Place efana nozibuthe onamandla esidonse abantu abaningi.
Baningi abantu abaziwayo ebholeni asebeke baya eThe Place. Umbuzo ongcono esingawubuza ngothi: “Ubani ebholeni ongazange aye kuyona?”
NgoMsombuluko esavakasha ngawo kule ndawo, umnini wale ndawo uGladys Gailey wavula kwaze kwaba wukudabuka kokusa ngenxa yabathandi bentokozo okubalwa kubo nalowo ongunozinti wesibili weChiefs u-Emile Baron.
Ngonyaka owawendulela iNdebe yoMhlaba eFrance, uGailey wesula emsebenzini kwelinye lamabhange ahamba phambili emva kweminyaka engu-19.
Wayengazi ukuthi yini ayezoyenza empilweni yakhe, kodwa ayekwazi kahle wukuthi wayesekhathele yindaba yokusebenza.
“Umyeni wami nami sajoyina idlanzana labangani elaliya emidlalweni yeNdebe yoMhlaba,” kusho lo mthandi webhola wokuqina.
Kungesikhathi eseFrance lapho afikelwa yilo mcabango: “Ngesikhathi sikwenye indawo yokucima ukoma, engakuqaphela wukuthi abalandeli bebhola bahlangana ndawana thile ngaphambi kokuba baye enkundleni.
Ekubuyeni kwakhe wathatha imali ayeyilondoloza waguqula isakhiwo esisemgwaqweni uRuben wasenza indawo yokuzithokozisa yabalandeli be-Ajax Cape Town okuyiqembu lakhe alithandayo kwiPremier League.
Lena iyona ndlela aqala ngayo. Abantu babebuthana kwakhe uma kunemidlalo.
Kwakuba mnandi kakhulu uma kudlala iBafana Bafana.
“Sasihlangana lapha sizipende ubuso abanye bathenge ukudla nobhiya ngaphambi kokuya emdlalweni,” kusho uGailey.
Kusukela ngaleso sikhathi, uBasil noGladys Gailey abakaze babheke emumva.
Ngaphandle kule ndawo kunomdwebo omkhulu webheji le-Ajax Cape Town.
Obondeni ngaphakathi kukhona izindaba zebhola ezisikwe emaphepheni. Izindaba eziningi zimayelana ne-Ajax neqembu lesizwe lakuleli nokuyiqembu abakwaGailey asebelilandele baya noma kuphi lapho lidlala khona emhlabeni jikelele.
Miningi imininingwane odongweni ngeqembu le-Ajax kangangoba ingaphezu kolwazi olutholakala kwiWebsite yaleli qembu. Ngenhla e-bar yakule ndawo kukhona izithombe zabadlali baleli qembu ezisayinwe yibo uqobo bezisayinela uGladys.
“Bafana nezingane zami uqobo,” kusho yena.
Kodwa yinye “ingane” enendawo ebaluleke kakhulu enhliziyweni kaGladys. Lowo nguSchillo – noma uSteven Pienaar, owazalelwa wakhulela kuyo le ndawo. Ujwayele kakhulu kule ndawo iThe Place kanti nabanini bayo ubajwayele kakhulu. Noma kunini abemithombo yezindaba baphesheya bezocoshela izindaba ngalesi sihlabani esasidlala kwi-Ajax Amsterdam, badlula eThe Place bazothatha izithombe bacime nokoma - kusho le ntokazi ekhombisa ukuziqhenya kakhulu ngalo mfana naye owayengagcina esengomunye wamaqembu ezigelekeqe - noma esefile.
Ijezi lebhola elingunombolo 21 lilenga ngaphakathi kwale ndawo kanti lingezinye zezinto eziningi esezike zasetshenziswa wuPienaar - lingelinye lezinto zesikhumbuzo sebhola ezikhona kule ndawo.
Encwadini lapho kusayina khona abavakashela kule ndawo, kukhona amagama osaziwayo kwezebhola abaningi, abanye babo abaphuma eRussia, Netherlands, Brazil nase-US state of Alaska.
Isipesheli selantshi namuhla ukhari wenkomo omnandi nerayisi - okubiza R20.
UGladys uthi banezinhlelo zabo zika-2010. “Sizoqala ngokuthola i-big screen bese senza indawo ezohlala abantu ababhemayo.”
“Le ndawo iThe Place iyohlale ikhona,” kusho uGladys.
Ivula ngehora leshumi ekuseni ize ivalwe “lapho sekuphuma umuntu wokugcina” - nokuvame ukuba yizintathakusa.
Umyeni wakhe uBasil usasebenza kodwa uGladys iyamanelisa imali ayithola ngebhizinisi lakhe, ngokusho kwakhe. Laba bashadikazi banezingane ezine - uCarmen, Carl, Devenay noLeanne.
Nazo njengabazali bazo, ziyazifela ngebhola.[z]
I-The Place yindawo ongayivakashela!
indaba nguDON MAKATILE
izithombe nguRIZZO WILLIAMS
Le ntokazi isiphendule uthando lwayo lwebhola yalwenza ibhizinisi elihlomulisa bonke abalandeli…
BONA ZULU – March 2007
KWESOBUNXELE: Ezindongeni zale-tarven kunanyathiselwe izindaba zebhola ezisikwe emaphephandabeni nasemaphephabhukwini.
NGENHLA: UGladys noBasil benza indawo yokucisha ukoma engafani nezinye
NGENHLA KWESOKUDLA: E-The Place – kulapho wonke umuntu amukelekile
BONA ZULU – March 2007
