zulu.1674.people
okwenzeka ezweni
I-Faith Records
I-Faith Records yinkampani entsha yokuqopha umculo esanda kusungulwa eFourways. Ababonakala bethokozela ubusuku amalungu e-3 Sum u-Amstel, Koyo noJeff.
Baletha ithemba ezinganeni zethu
I-Danone Clover CHOC House – yezingane ezinomdlavuza – isanda kuvulwa maduze-nje ePitoli…
KWESOBUNXELE: UBaby Jake Matlala, Gerry Rantseli noGary Bailey babengabanye bosaziwayo ababehambele umcimbi wokuvula.
NGEZANSI: Izingane okumanje zelashelwa umdlavuza zithokozela umbukiso womlingo ngesikhathi kuvulwa.
BONA ZULU – October 2007
Ukhululekile ukuba ufunde!
Kungenzeka uzitholele indawo eyizulu ezindaweni ezingajwayelekile… Ukwenza isibonelo, thatha uSindizwe Buthelezi oneminyaka engu-77. Isigwebo sakhe sokudilikelwa yijele sesimnike inkululeko entsha - inkululeko ehambisana nokukwazi ukufunda (kanjalo nokubala).
Akusadingeki manje ukuba uButhelezi akhokhele ezinye iziboshwa anazo ejele laseQalakabusha KwaZulu Natal ukuze zimfundele noma zimbhalele izincwadi zakhe - kulokhu ubonga umkhankaso weMasifundisane.
Ohalalisela uButhelezi nguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu Natal u-Ina Cronje.
UBONA uphume phambili futhi!
UBONA usukuphindile futhi lokho wawina umklomelo weMarkinor/Sunday Times Top Brand njengomkhiqizo ophuma phambili. Lona sekungunyaka wesine intandokazi yephephabhuku lenu liphuma phambili emkhakheni “wezamabhizinisi kubathengi” okukhomba ngokusobala ukwethembeka kubafundi.
UMhleli oMkhulu kaBONA uForce Khashane simbona ngenhla ekanye nemiklomelo yemiKhiqizo ePhambili (iTop Brands) esayiwina ngo-2002, 2004, 2006 – nango-2007!
u
UTHI UBUWAZI?
I-Gauteng neNorth West yizona zifunda kuphela eSouth Africa lapho isibalo sabesilisa sedlula esabesimame. (nokuyizibalo zaphakathi nonyaka ka-2007 zabeStatsSA).
BONA – August 2007
t
okwenzeka ezweni
BONA ZULU – October 2007
Impilo imnandi…
… uma uyisiboshwa e-UK. Ngenxa yokugcwala, uhulumeni waseBrithani usenike iziboshwa ezingaphezu kuka-25 000 ushwele wokuba zisheshe zikhululwe zingakazidonsi ngokugcwele izigwebe zazo.
Kodwa lokhu njengoba kusho ukulahlekelwa yindawo “yamahhala” yokuhlala, umuntu ngamunye kwabakhululwa “ukhokhelwa izindleko zokuhlala” lapho ekhona kuze kufike isikhathi sokuphela kwesigwebo sakhe.
Kwenziwani ngalabo abasele ngemumva? AbezamaJele kwelaseBrithani basanda kumemezela ukuthi sebeqashe abaningi abaqeqesha abantu ukuba bahlale bengumqemane ukuze bajimise iziboshwa. “Izindlela ezingamakhambi ezifana neziNgcwele nokunye” ngezinye zezinto ezizotholakala. Bathi iziboshwa zaseS A kulula kakhulu kuzona.
Badumile…?
Sinethulela abadlali abasebancane abanekhono elimangalisayo emdlalweni iFamous! okungumdlalo oluchunge kwi-SABC 2. Labo ngo-Paige Stroobach, Zelda van Staden, Kamogelo Nche, Walterique Sandows, Zara Ally noKatleho Sinivasan… oshicilelweni lukaBONA lwenyanga ezayo uzokwazi ukufunda ngabo.[z]
Abawine kwekaBONA
Abafundi nothisha baseMorulane Junior Secondary School eMount Fletcher bejabulela amapeni akwaBONA nama-ruler nezinye zezincwadi abaziwine emncintiswaneni kaBONA weWin Books For Your School.
Kusukela kwesobunxele ngu-Nkk Mncuzana, Mnuz Ntoyanto, Nkk Maqungo (uthishanhloko), Nkk Lemena, Nkk Mbobo, Nksz Lurwengo, Nksz Mbewu, Nksz Thene, Mnuz Ramaipato, Nksz Fafuli, Mnuz Sekese.
Ubacobelela ngolwazi lwakhe
UDavid Beckham okumanje usedlalela i-LA Galaxy simbona lapha ezibandakanye ekuqeqesheni intsha kwezebhola eHarlem eNew York.
EIHH!
Ngineqiniso ukuthi intsha yaseMoscow ibhorekile ngoba lena yiyonanto eyenzayo uma ithola isikhathi sokuphumula - ukuzichoma amahhuku emzimbeni bese icela abangani babo ukuba bayiphonse emoyeni.
